Let us know how it is going
9.‎1 FUNDA LENDATSHANA

Training 3: Umbuzo Ophindaphindayo

Injongo

Le-drill ikufundisa ukuthi ungayicela kanjani into kaninginingi, kepha isikhathi ngasinye uyibuza kabusha, kube sengathi ayikaze ibuzwe phambilini futhi ubusanda kuyicabanga. Leli khono liyasiza uma umbuzo owubuzayo ungaphendulwanga futhi udinga ukuwubuza futhi.

Isikhundla

Wena nomunye umuntu nizihlalele cishe ngamamitha amathathu, nibhekene.

Imibuzo

Kule-drill, ubuza umuntu ngaphesheya kwakho omunye wemibuzo elandelayo:

“Ngabe izinyoni ziyandiza?”

Noma

“Izinhlanzi ziyabhukuda?”

Le mibuzo isetshenziswa ngoba yimibuzo noma ngubani ongayiphendula. Khetha omunye wemibuzo oyisebenzisayo ku-drill bese uyisebenzisa kaninginingi. Ungahlanganisi lemibuzo emibili.

Imiyalelo

Le-drill yenziwa ngale ndlela elandelayo:

Wena: Buza i-coach wakho, “Ngabe izinyoni ziyandiza?” noma “Izinhlanzi ziyabhukuda?”

I-coach: Phendula umbuzo.

Wena: Lapho i-coach wakho esewuphendulile umbuzo, acknowledge impendulo.

Bese ubuza umbuzo ofanayo futhi, kabusha, kube sengathi akukaze kubuzwe phambilini futhi ubusanda kukucabanga.

Umfundi uyalungiswa uma ehluleka ukuthola impendulo yombuzo noma ehluleka ukuphinda umbuzo oqondile.

Patter

I-coach usebenzisa u-“Qala” kanye no-“Yilokho” njengakuqala kuma-TRs. Kodwa-ke, i-coach akaboshelwe ukuphendula umbuzo womfundi. Kunalokho angenza umbono ongawuphenduli ngempela umbuzo ukuze alahle umfundi. Isibonelo:

Umfundi: “Izinhlanzi ziyabhukuda?”

I-coach: “Awulambile?”

Umfundi: “Yebo.”

I-coach: “Yilokho.”

Umqeqeshi akaphendulanga umbuzo. Uma umbuzo ungaphendulwa, umfundi kufanele awuphindaphinde lowo mbuzo aze athole impendulo.

Isibonelo:

Umfundi: “Izinhlanzi ziyabhukuda?”

I-coach: “Awulambile?”

Umfundi: “Izinhlanzi ziyabhukuda?”

I-coach: “Yebo.”

Umphumela Wokugcina

I-drill yenziwa kuze kwenzeke lokhu okulandelayo:

1. Ungawubuza kahle lo mbuzo, uphindaphinde, sengathi awukaze uwubuze ngaphambilini.

2. Uyakwazi uku-acknowledge impendulo ka-coach wakho njalo.

3. I-coach wakho wenelisekile ukuthi ungakwenza lokho.

QAPHELA: Ukuze uqhubeke, kufanele uqedele zonke izinyathelo zangaphambilini kule isifundo. Isinyathelo sakho sokugcina esingaphelele ngu
QAPHELA: Unezimpendulo eziningana ebezingalungile. Ukuze uqhubeke, kufanele uphinde ufunde indatshana bese uhlola ukuqonda kwakho futhi.