Let us know how it is going
4.‎1 FUNDA LENDATSHANA

“Ukutotosa” Ingane Ngothando noKuthambakela

Ngokuvamile abazali bakhathalela “ukutotosa” izingane zabo. Uma ukhuluma ngengane etotosiwe, kufanele uqonde ngempela ukuthi kusho ukuthini lokhu. Uyini umntwana onakalisiwe?

Ingane itotoswa ngokuthi ithathelwa inkululeko yokuzikhethela! Akonakalisiwe ukumthanda noma ngisho nokumnika izinto. Unganika ingane cishe noma yini futhi ngeke imtotose kabi. Kepha ukumphuca inkululeko yakhe (inkululeko yakhe siqu sakhe) yezenzo kuzomphazamisa.

Ingane ingahluthwa inkululeko yayo yokwenza izinto ngezindlela eziningi.

Okokuqala ngokumvimba ukuthi enze okuthile noma ukumenza enze okuthile ngaphandle kokubambisana kwakhe, uthi wena wenzela yena “ukuze kusizakale yena.” Kepha lokhu kumvimba kuphela ukuthi azenzele izinqumo zakhe futhi kumjezise ngokwengeziwe lapho izinqumo zakhe zimholela enkingeni.

Ukwenza isibonelo, ake sithi ingane inquma ukusiza umngane ezifundweni zakhe ngemuva kwesikole. Ngenxa yalokho, ufika ekhaya sekwephuze kakhulu isidlo sakusihlwa somndeni. Uyise uphatheka kabi ngalokhu futhi umtshela ukuthi akavumelekile ukufika sekwedlule isidlo somndeni! Bese ubaba abe esethatha enye yemali yesibonelelo somntwana njengesijeziso. Manje ingane isijezisiwe ngesinqumo sayo futhi iyabona ukuthi empeleni ayinayo inkululeko yezenzo noma izinqumo zayo.

Elinye iphutha elijwayelekile ukutshela ingane ukuthi muhle kanjani wonke umuntu kuye nokuthi umhlaba uphethwe kanjani nokuthi akabongi kanjani yena (ukungakhombisi ukuthi uyabonga) nokuthi akakhombisi ukwazisa nganoma iyiphi indlela. Leyo ngenye indlela yokuphuca ingane inkululeko yayo yezenzo. Kumenza azizwe sengathi uyakukweleta nokuthi akufanele azame ukuzenzela izinto ngokwakhe.

Iqiniso ngukuthi ayikho ingane eyake yonakaliswa uthando, uzwelo, umusa, ngokuqonda noma ngisho nangokuzitika (ukumnika kakhulu). Unganikeza ingane yakho imoto, isithuthuthu noma yini enye owawuyifuna nawe usayingane, futhi ingane yakho ngeke itotoseke. Ungamnika amathoyizi angcono kunanoma yimuphi omunye umuntu osebhlokeni anawo futhi ngeke umenzele islobho (umuntu obukela phansi abanye) kuye.

Okusebenza kangcono ukuvumela ingane yakho ukuthi izenzele futhi yenze izinqumo zayo nabangane adlala nabo nahamba nabo esikoleni. Angaphuma ayokwabelana ngezinto zakhe uma efuna noma cha. Kukuye. Uma evunyelwe ukuthi aphile kanjena, uzozibonela mathupha ukuthi usebenza kanjani umhlaba. Futhi lokho kuyinto ekumele ayifunde.

Sidinga ukwephula inkolelo-ze zakudala (inkolelo-mbumbulu) yokuthi uthando nokunakekela kuyicasula kakhulu ingane futhi kumenzela inkinga noma kumqhubisa ngobuhlanya. Abantu bayakukholwa lokhu—kepha akulona iqiniso.

Ungaqinisekiswa ukuthi indlela esheshayo yokutotosa ingane yakho akuyona ukuthanda yena, kepha ngokumthathela inkululeko yakhe yezenzo.

QAPHELA: Ukuze uqhubeke, kufanele uqedele zonke izinyathelo zangaphambilini kule isifundo. Isinyathelo sakho sokugcina esingaphelele ngu
QAPHELA: Unezimpendulo eziningana ebezingalungile. Ukuze uqhubeke, kufanele uphinde ufunde indatshana bese uhlola ukuqonda kwakho futhi.