Let us know how it is going
5.‎1 FUNDA LENDATSHANA

Isivivinyo se-Tone Scale

Mhlawumbe indlela eqondile yokuthola indawo yomuntu ku-Tone Scale ulimi.

Ngaphandle kokuthi umuntu akhulume ngokuvulekile futhi alalele kalula, angeke athathelwe phezulu kakhulu ku-Tone Scale.

Ukuqashelwa kokuthi umuntu ulalela futhi akhulume kanjani kunikeza isilinganiso esiqondile sendawo akuyo ku-Tone Scale.

Ngalokhu kuqonda, ungenza lokho esikubiza ngokuthi Isivivinyo-semizuzu Emibili ye-Tone Scale kothile.

Kulesi sivivinyo, ulinganisa izinga lokuxhumana lomuntu. Indlela yokwenza Isivivinyo-semizuzu Emibili ye-Tone Scale ukuqala uvele ukhulume nomuntu osezingeni eliphakeme kakhulu le-tone, ngobuhlakani nangendlela eyakhayo, bese ulahla i-tone yengxoxo yakho phansi kuze kufike lapho uthola khona impendulo evela kumuntu.

Umuntu uphendula kangcono ezingeni le-tone lakhe. Ekwenzeni lenhlobo yesivivinyo, akufanele uphathe noma yiliphi izinga le-tone yengxoxo ende kakhulu (hhayi ngaphezu komusho noma emibili) ngoba uma ukhuluma nomuntu isikhathi eside, uzomenza akhuphuke ku-Tone Scale bese uphazamisa ukuqonda kwesivivinyo.

Isivivinyo-semizuzu Emibili, ke, senziwa kuqala ngokumemezela okuthile okudalayo nokwakhayo kumuntu ukuze ubone ukuthi uphendula ngokuthile ngobuhlakani nangendla eyakhayo. Isibonelo, tshela lowo muntu ngokutholakala okusha noma iphrojekthi entsha yentuthuko ezosiza izinkulungwane zabantu abangasebenzi ukuthola umsebenzi.

Uma ungayitholi mpendulo enomdlandla, mhlawumbe ungasho okuthile ngemidlalo ubone ukuthi lowo muntu uphendula kulokho.

Uma uphinda ungayitholi mpendulo, zama ukukhuluma ngokuphikisana ngento ethile umuntu ayaziyo (kepha hhayi, ngomuntu uqobo) ukubona ukuthi uyaphendula yini. Isibonelo, ungakhuluma ngamanani entengo yezinto zonke ezikhuphukayo kanye nezindleko zokuphila ezikhuphukayo nokuthi kubiza kangakanani nje ukushayela imoto namuhla.

Bese usho umusho noma emibili ezingeni le-tone yentukuthelo ngokuthile okwenzekayo onomuzwa wokuthi uzokwazi okuthile ngakho.

Landela ngokuza nezinye izinto ukutshela lomuntu ezikhuluma ngezinga le-tone yokuphelelwa yithemba nokuhlupheka.

Kwenye indawo kuleli banga, ukusuka phezulu kuya phansi, umuntu uzovuma ngohlobo lwengxoxo omnika yona. Okungukuthi, uzosabela kuyo ngezinga elifanayo le-tone futhi aqale ukukhuluma nawe ngaleyo ndaba. Ingxoxo seyingaqhubeka, kulo lelizinga le-tone lapho umuntu etholakale khona, futhi uzothola ngokushesha imininingwane eyanele ukwenza isilinganiso esihle sendawo lomuntu akuyo eshadini.

I-Tone Scale ingenye yamathuluzi abaluleke kakhulu ake akhiwa ukukutshela ukuthi umuntu uzoziphatha kanjani noma lokho angakwenza. Sebenzisa leli thuluzi futhi uzokwazi ngaso sonke isikhathi ukuthi usebenzisana nobani, ungazihlanganisa nobani nokuthi ubani ongamethemba.

QAPHELA: Ukuze uqhubeke, kufanele uqedele zonke izinyathelo zangaphambilini kule isifundo. Isinyathelo sakho sokugcina esingaphelele ngu
QAPHELA: Unezimpendulo eziningana ebezingalungile. Ukuze uqhubeke, kufanele uphinde ufunde indatshana bese uhlola ukuqonda kwakho futhi.