Let us know how it is going
3.‎1 FUNDA LENDATSHANA

Imiphakathi

Uyini “umphakathi”?

Uzwa abantu bethi “umphakathi,” odumile kwezamabhayisikobho athi “umphakathi wami.”

Uma ubheka esichazamazwini, uzothola ukuthi “umphakathi” kusho iqembu elihlelekile noma elijwayelekile labantu.

Kunencazelo eqondile yegama elithi “umphakathi” ongeke uyithole esichazamazwini kepha yiyo eyayisetshenziswa makukhulunywa ngobuhlobo nomphakathi.

“Umphakathi” akusho isixuku, isinyokotho esikhulu sabantu, noma ingqungquthela. “Umphakathi” usho “uhlobo lwabathameli.” (Izithameli ngabantu abathola umyalezo womuntu, ukuxhumana, ukukhuthazwa, njll.)

Kuma-PRs aqeqeshiwe abantu bahlukaniswe ngemiphakathi ehlukene.

Mhlawumbe abantu ababamba iqhaza ekuqaleni kwe-PR kwakufanele basebenzise igama elithi “izethameli.” Kodwa abazange. Basebenzise igama elithi “umphakathi” ukusho izinhlobo ezahlukahlukene zezethameli zokuxhumana kwabo.

Ngakho-ke ngeke ulithole leli gama ezichazamazwini. Kepha kufanele uliqonde leligama elithi “umphakathi” futhi ulisebenzise. Ngaphandle kwalokho, uzokwenza amaphutha amaningi.

Cishe amaphesenti angama-99 amaphutha emisebenzini wobuhlobo nomphakathi enzeka ngoba bexhumana nezethameli okungezona. Ukukhuluma nomphakathi okungewona kuyisizathu esikhulu sokwehluleka kwe-PR. Leyo yingxenye ebalulekile yolwazi okufanele uyibeke engqondweni uma usebenzisa ubuhlobo nomphakathi.

Cabanga ukuthi kuzokwenzekani uma inkampani ethengisa izimoto ezibizayo ithumela konke abakhuthaza ngako ezinganeni zesikole. Abasoze bathengise izimoto eziningi!

Ngakho-ke yini “umphakathi”?

Kubuhlobo nomphakathi njalo sebenzisa “umphakathi” kanye nelinye igama. Awusebenzisi igama elithi “umphakathi” lilodwa. Ngamanye amagama, uchwepheshe wobuhlobo nomphakathi akasho ukuthi UMphakathi.

Kukhona “umphakathi wasekuhlaleni,” okusho ukuthi abantu bedolobha abangahlukaniswanga njengabathameli abakhethekile.

Kukhona “umphakathi wolusha,” okusho abantu abangaphezu kweminyaka eyishumi nambili nangaphansi kweminyaka engamashumi amabili ubudala.

Kukhona “umphakathi wodokotela,” okusho ukuthi oDokotela ozama ukufinyelela kubo.

Kunamakhulu ezinhlobo ezahlukahlukene zemiphakathi.

Abanye abantu bangaba nabazilibazisa ngako noma umsebenzi abawufundele noma okuthile okufanayo nabo loko kubenza babe “uhlobo lomphakathi.” Isibonelo, abantu abadlala igalofu, abantu abanezilwane zasekhaya njengezinja, abashayeli bezimoto zomjaho kanye nabantu abathengisa ubucwebe bonke izinhlobo zomphakathi.

Uma usebenzisa ubuhlobo nomphakathi, udinga ukwazi kahle ngamaqembu ahlukahlukene abantu ofuna ukufinyelela kubo, ngoba uhlobo ngalunye lomphakathi luzoba nentshisekelo ezintweni ezihlukene. Uzodinga ukwazi ukuthi yini abanentshisekelo kuyo ukuze ukukhuthaza kwakho kusebenze ikakhulukazi kulowo mphakathi owuqondile.

Leli phuzu mayelana nezithameli libaluleke kakhulu.

Emhlabeni wobuhlobo nomphakathi akuna “zingane”—“kunomphakathi wengane.” Abekho abantu abasha—kukhona “umphakathi wentsha.” Abekho abantu abadala—kukhona “umphakathi wasebemkantshu bomvu.”

Uma usebenzisa ubuhlobo nomphakathi akufanele ucabange ngabantu abayizndimbane lapho ubheka abantu abasendaweni yakini. Kufanele ucabange ngezinhlobo zamaqembu ngaphakathi kwezindimbane.

Umuntu wobuhlobo nomphakathi kufanele acabange ngabathameli bakhe engqondweni yakhe. Uma ebhala indaba entsha, uyibhalela abathameli abazobe beyifunda.

Ukuze wenze lokhu, okokuqala kufanele wazi imibono noma iqiniso lalowo mphakathi noma abathameli. Ukuthola lokho ngokwenza ucwaningo.

Ucwaningo

Ucwaningo iqoqo lamaqiniso, izibalo noma imibono oyiqoqayo kusuka enanini elincane labantu eqenjini.

Lolu lwazi luzokunikeza umbono wokuthi iqembu lonke lingacabangani noma lizizwe kanjani. Ngamanye amagama, akudingeki ukuthi uhlole wonke umuntu oseqenjini ukuthola umbono wokuthi iqembu lingacabangani ngokuthile inqobo nje uma ungabheka eminye yayo.

Isibonelo, kuneqembu labothisha abayizinkulungwane ezintathu endaweni futhi ufuna ukuthola ukuthi yini abayifunayo kubantu abaphethe izikole. Ngokuhlola noma ibaphi othisha abangamakhulu amabili alabo thisha, ungathola umbono omuhle wemibono yothisha abayizinkulungwane ezintathu kulowo mbuzo. Akubalulekile ukubuza bonke othisha.

Usebenzisa ubuhlobo nomphakathi, ungenza ucwaningo lohlobo oluhlukile lomphakathi okhethekile. Ngemuva kwalokho wethula into yakho ukuze ibe nomthelela kulowo mphakathi owuqondile.

Awunikezi izindaba eziphathelene nezihlalo zabakhubazekile kumphakathi wentsha noma ngemiklomelo ka-Mickey Mouse kumphakathi osukhulile.

Zonke izinto ezinikezwa umphakathi kufanele zenzelwe ukufinyelela emphakathini okhethekile.

Uma uxuba imiphakathi ehlukene, uzohluleka.

Lapho ukuthole kahle futhi ucwaninge umphakathi ngqo, uyaphumelela.

Bonke ubuchule bobuhlobo nomphakathi kuhloswe ngabo, izithameli ezikhethekile ezihlolwe ngokucophelela, ezibizwa ngokuthi “______ umphakathi.”

Lapho ukwazi lokhu, ungasiqonda isihloko sobuhlobo nomphakathi.

Lapho ubusebenzisa ngobuchule, unguchwepheshe emkhakheni wobuhlobo nomphakathi.

Uma usebenzisa i-PR, kuzofanela kuqala uthole abangempela ngempela abathameli bakho. Kungenzeka kube nezinhlobo eziningana zemiphakathi, ngamunye ayifani futhi yehlukene.

Ngalokho kufanele wenze ucwaningo futhi ubheke ukusabela kohlobo ngalunye lwezethameli.

Bese uhlela futhi ulungise kahle ukuxhumana kwakho nokuthi yini ozoyinikeza umphakathi ngamunye ohlukile.

Uthumela umlayezo ofanele kumphakathi ofanele esimweni ngasinye. Kungaba nemilayezo eyishumi nambili ehlukile uma kunemiphakathi eyishumi nambili ehlukene. Umlayezo ngamunye ulungele lowo mphakathi.

Uma usebenzisa ubudlelwano nomphakathi ulindele imiphumela—othile oshaya ucingo, impendulo yencwadi yakho noma impendulo ekukhuthazeni kwakho.

Umlayezo ofanele ngesimo esifanele uya emphakathini ofanele uzothola umphumela.

Umlayezo ongafanele kumphakathi ongafanele umane udle izindleko eziningi bese futhi  ungatholi umphumela.

Ukwazi umphakathi ofanele, ungakwazi ukuwucwaninga futhi uxhumane nawo  ngeqiniso.

Uma ufuna ukuthola imiphumela, yazi ukuthi obani abathameli bakho.

QAPHELA: Ukuze uqhubeke, kufanele uqedele zonke izinyathelo zangaphambilini kule isifundo. Isinyathelo sakho sokugcina esingaphelele ngu
QAPHELA: Unezimpendulo eziningana ebezingalungile. Ukuze uqhubeke, kufanele uphinde ufunde indatshana bese uhlola ukuqonda kwakho futhi.