Let us know how it is going

IZISEKELO ZOBUHLOBO NOMPHAKATHI

UKUBUKA KONKE KWESIFUNDO

Uyemukelwa kwi-Online Course yeziSekelo zobuHlobo noMphakathi

Ubuhlobo nomphakathi bukunika indlela yokuxhumana kahle nabanye ukuze imibono yakho yamukeleke. Kuyikhono elidingekayo lapho uzama ukuthola ukusekelwa kwamaphrojekti akho nezinto ofuna ukuzifeza.

Lapho uzwa amagama athi “ukuxhumana nomphakathi” ungacabanga ngamaphephandaba, imibiko ye-TV noma yomsakazo ngomuntu noma okuthile, njengomlingisi wesilisa noma owesifazane okhuthaza ukuxhaswa kwama-movie abo azayo. Noma uke wabona abantu nezinhlangano bezama ukusebenzisa ubudlelwano nomphakathi ngenjongo engafanele, njengosopolitiki owenza izithembiso ezingekho ukuze nje athole amavoti. Noma ibhizinisi elikhulu elizama ukulawula noma ukuguqula lokho abantu abakucabangayo ngemisebenzi yalo yokungathembeki.

Eqinisweni, ubuhlobo nomphakathi yinto ongayisebenzisa ukuthola ukusekelwa abanye abantu ngamaphrojekthi akho, inkampani noma imisebenzi.

Abantu ababhale futhi bakhuluma ngobuhlobo nomphakathi esikhathini esedlule abaqondanga izinto ezithile eziyisisekelo ngale ndaba. Uma-nje, kwi-Scientology, kutholakale okubalulekile okwenza ukuba sikwazi ukuthuthukisa wonke lomsebenzi nokuthi usebenze ngempumelelo.

Umsebenzi ka-L. Ron Hubbard emkhakheni wobuhlobo nomphakathi wenza ubuhlobo nomphakathi bube yinto noma yiliphi iqembu nanoma yimuphi umuntu angayisebenzisa kalula. Yize izindlela ezahlukahlukene nezinqubo ezakha lendaba zibanzi, imibono eyisisekelo nezindlela ezibekwe lapha zizoba usizo olukhulu kuwe ekufezeni imigomo yakho noma imigomo yenkampani yakho, iphrojekthi noma umsebenzi.

Qaphela Kubalulekile

Ngokwenza lesifundo, qinisekisa ukuthi awukaze udlule igama ongaliqondi ngokugcwele. Isizathu esenza umuntu ayeke ukutadisha noma adideke noma angakwazi ukufunda yingoba udlulise igama abengaliqondi. Okuningi

Kule sifundo uzofunda:

  • Buyini ubuHlobo noMphakathi nokuthi ungayisebenzisa kanjani ngempumelelo ukuthola ukwesekwa okudingayo kwabanye.
  • Ungawukhomba kanjani kahle umphakathi wakho futhi uwufinyelele ngomyalezo abazophendula kuwo.
  • Amathuluzi amaningi abalulekile ongawasebenzisa ukwenza imisebenzi yakho emihle ukwaziwa futhi yamukeleke kahle.

Uyemukelwa

Manje usubhalise ngempumelelo futhi usukulungele ukuqala isinyathelo sakho sokuqala nge-process yokufunda ethokozisayo futhi esebenzayo. Lesifundo sizokunikeza ngamathuluzi asebenzayo ongawasebenzisa empilweni yakho.

Lesifundo sibekwe out ngendlela yesinyathelo ngesinyathelo, ngokulandelana kokutadisha nokuzivocavoca okufanele ukwenze. Futhi njengoba sonke isifundo siqukethwe ngaphakathi kokungena kwakho komuntu siqu, ungavele ungene ngemvume nganoma yisiphi isikhathi ukuze ukuthuthuka ngokusebenzisa izabelo zakho kuze kube sekuqedeni.

Qaphela Kubalulekile

Ngokwenza lesifundo, qinisekisa ukuthi awukaze udlule igama ongaliqondi ngokugcwele. Isizathu esenza umuntu ayeke ukutadisha noma adideke noma angakwazi ukufunda yingoba udlulise igama abengaliqondi. Okuningi

Qaphela Kubalulekile

Ngokwenza lesifundo, qinisekisa ukuthi awukaze udlule igama ongaliqondi ngokugcwele. Isizathu esenza umuntu ayeke ukutadisha noma adideke noma angakwazi ukufunda yingoba udlulise igama abengaliqondi.

Ukudideka noma ukungakhoni ukuqonda noma ukufunda kuza NGEMVA kwegama obungazi incazelo yalo. Kungenzeka kungabi amagama amasha futhi angajwayelekile kuphela ongazange uwaqonde.

Elinye lamaqiniso abaluleke kakhulu kuyo yonke indaba yokufunda ukuthi akufanele udlule igama ongaliqondi.

Kuzo zonke izifundo ozifundile washiya zingaphelele, uzothola ukuthi kunamagama owafundile kodwa awazi ukuthi asho ukuthini.

Ngakho-ke ngenkathi wenza lesifundo, iba nesiqiniseko sokuthi awusoze wedlula igama ongaliqondi kahle.

Uma lokhu okufundayo kuba nokudideka noma kungabonakali ukuqonda, kuzoba neGAMA ngaphambili nje ongazange uliqonde.

Ungayi kude, kodwa buyela emuva NGAPHAMBI kokuba ungene enkingeni uthole igama ongaliqondanga ngokuphelele. Nomaphi lapho ubona khona igama elidwetshelwe, ungachofoza kulo futhi lizokunikeza incazelo yalelo gama ngokushesha.

Njengoba uqhubeka nesifundo, ungachofoza kwimenyu phezulu ekhasini ngalinye lesifundo lapho kubhalwe khona “Uhla lwamagama” (okuwuhla lwamagama nokuthi asho ukuthini) futhi kuzokusa ohlwini lwamagama asetshenzisiwe kulesifundo futhi kukunike incazelo ngayinye.

Uma ungakwazi ukuthola igama olifunayo kuhla lwamagama, thola isichazamazwi esilula bese ubheka incazelo yaso lapho.