Let us know how it is going

Uyemukelwa

Manje usubhalise ngempumelelo futhi usukulungele ukuqala isinyathelo sakho sokuqala nge-process yokufunda ethokozisayo futhi esebenzayo. Lesifundo sizokunikeza ngamathuluzi asebenzayo ongawasebenzisa empilweni yakho.

Lesifundo sibekwe out ngendlela yesinyathelo ngesinyathelo, ngokulandelana kokutadisha nokuzivocavoca okufanele ukwenze. Futhi njengoba sonke isifundo siqukethwe ngaphakathi kokungena kwakho komuntu siqu, ungavele ungene ngemvume nganoma yisiphi isikhathi ukuze ukuthuthuka ngokusebenzisa izabelo zakho kuze kube sekuqedeni.

Qaphela Kubalulekile

Ngokwenza lesifundo, qinisekisa ukuthi awukaze udlule igama ongaliqondi ngokugcwele. Isizathu esenza umuntu ayeke ukutadisha noma adideke noma angakwazi ukufunda yingoba udlulise igama abengaliqondi. Okuningi

Qaphela Kubalulekile

Ngokwenza lesifundo, qinisekisa ukuthi awukaze udlule igama ongaliqondi ngokugcwele. Isizathu esenza umuntu ayeke ukutadisha noma adideke noma angakwazi ukufunda yingoba udlulise igama abengaliqondi.

Ukudideka noma ukungakhoni ukuqonda noma ukufunda kuza NGEMVA kwegama obungazi incazelo yalo. Kungenzeka kungabi amagama amasha futhi angajwayelekile kuphela ongazange uwaqonde.

Elinye lamaqiniso abaluleke kakhulu kuyo yonke indaba yokufunda ukuthi akufanele udlule igama ongaliqondi.

Kuzo zonke izifundo ozifundile washiya zingaphelele, uzothola ukuthi kunamagama owafundile kodwa awazi ukuthi asho ukuthini.

Ngakho-ke ngenkathi wenza lesifundo, iba nesiqiniseko sokuthi awusoze wedlula igama ongaliqondi kahle.

Uma lokhu okufundayo kuba nokudideka noma kungabonakali ukuqonda, kuzoba neGAMA ngaphambili nje ongazange uliqonde.

Ungayi kude, kodwa buyela emuva NGAPHAMBI kokuba ungene enkingeni uthole igama ongaliqondanga ngokuphelele. Nomaphi lapho ubona khona igama elidwetshelwe, ungachofoza kulo futhi lizokunikeza incazelo yalelo gama ngokushesha.

Njengoba uqhubeka nesifundo, ungachofoza kwimenyu phezulu ekhasini ngalinye lesifundo lapho kubhalwe khona “Uhla lwamagama” (okuwuhla lwamagama nokuthi asho ukuthini) futhi kuzokusa ohlwini lwamagama asetshenzisiwe kulesifundo futhi kukunike incazelo ngayinye.

Uma ungakwazi ukuthola igama olifunayo kuhla lwamagama, thola isichazamazwi esilula bese ubheka incazelo yaso lapho.

Uyemukelwa kwi-Online Course yeziSekelo zobuHlobo noMphakathi

Ubuhlobo nomphakathi bukunika indlela yokuxhumana kahle nabanye ukuze imibono yakho yamukeleke. Kuyikhono elidingekayo lapho uzama ukuthola ukusekelwa kwamaphrojekti akho nezinto ofuna ukuzifeza.

Lapho uzwa amagama athi “ukuxhumana nomphakathi” ungacabanga ngamaphephandaba, imibiko ye-TV noma yomsakazo ngomuntu noma okuthile, njengomlingisi wesilisa noma owesifazane okhuthaza ukuxhaswa kwama-movie abo azayo. Noma uke wabona abantu nezinhlangano bezama ukusebenzisa ubudlelwano nomphakathi ngenjongo engafanele, njengosopolitiki owenza izithembiso ezingekho ukuze nje athole amavoti. Noma ibhizinisi elikhulu elizama ukulawula noma ukuguqula lokho abantu abakucabangayo ngemisebenzi yalo yokungathembeki.

Eqinisweni, ubuhlobo nomphakathi yinto ongayisebenzisa ukuthola ukusekelwa abanye abantu ngamaphrojekthi akho, inkampani noma imisebenzi.

Abantu ababhale futhi bakhuluma ngobuhlobo nomphakathi esikhathini esedlule abaqondanga izinto ezithile eziyisisekelo ngale ndaba. Uma-nje, kwi-Scientology, kutholakale okubalulekile okwenza ukuba sikwazi ukuthuthukisa wonke lomsebenzi nokuthi usebenze ngempumelelo.

Umsebenzi ka-L. Ron Hubbard emkhakheni wobuhlobo nomphakathi wenza ubuhlobo nomphakathi bube yinto noma yiliphi iqembu nanoma yimuphi umuntu angayisebenzisa kalula. Yize izindlela ezahlukahlukene nezinqubo ezakha lendaba zibanzi, imibono eyisisekelo nezindlela ezibekwe lapha zizoba usizo olukhulu kuwe ekufezeni imigomo yakho noma imigomo yenkampani yakho, iphrojekthi noma umsebenzi.

Qaphela Kubalulekile

Ngokwenza lesifundo, qinisekisa ukuthi awukaze udlule igama ongaliqondi ngokugcwele. Isizathu esenza umuntu ayeke ukutadisha noma adideke noma angakwazi ukufunda yingoba udlulise igama abengaliqondi. Okuningi

1.‎1 FUNDA LENDATSHANA

Buyini ubuHlobo noMphakathi?

Uma usebenza nabanye ukuthola isivumelwano noma ukubambisana (ukuzimisela ukusebenza ndawonye), noma ukuthi bakusekele kokuthile, usebenzisa (izindlela zokwenza okuthile) nobuhlobo nomphakathi, noma ngabe uyazi ngalokhu noma cha.

Isinyathelo sokuqala sokusebenzisa ngempumelelo ubuhlobo nomphakathi, noma i-PR ngamafuphi, ukwazi incazelo ephelele ye-PR. Uma-nje uma siyichaza kahle, yile: IMISEBENZI EMIHLE UMPHAKATHI OTSHENWE KAHLE NGAYO.

Nge misebenzi emihle kushiwo imisebenzi noma imisebenzi oyenzayo ukusiza abanye.

Ukwenza imisebenzi emihle akwanele uma ufuna ukukhulisa umsebenzi wakho. Kufanele empeleni utshene umpahakathi ukuze uthole ukusebenzisana nawo noma isivumelwano. Ukutshena umphakathi kusho ukwenza into ukuthi yaziwe ngabantu, imvamisa ngokukhangisa nangezinye izindlela zokwenza umlayezo ukuthi usabalale endaweni yakho yonke.

Ngokwesibonelo, ake sithi unqume ukwenza iphrojekthi ukuhlanza indawo owakhe kuyo bese uqala uyokudweba i-graffiti ezakhiweni zomphakathi. Uma ungakaze utshele muntu ngephrojekthi yakho, abantu bakubone wenza lomsebenzi bangacabanga ukuthi uyalelwe yinkantolo yezomthetho ukuthi wenze lokhu ngokuthola amathikithi omgwaqo amaningi noma okuthile. Kodwa-ke, uma ngabe ubuzocindezela ama-handouts akhuthaza Iphrojekthi Yokuhlanza Indawo Ekuhlaleni futhi wayedlulisela kubantu ubacela ukuthibabambe iqhaza, abantu bazokwazi ukuthi wenzani, futhi ezimweni eziningi, bangahle bathathe isinqumo sokubamba iqhaza. Kunezindlela eziningi zokwenza iphrojekthi yakho ukuthi yaziwe kabanzi futhi uthole isivumelwano nokubambisana. Konke lokhu kusendimeni yobuhlobo nomphakathi.

Empeleni ubuhlobo nomphakathi ufinyelela kubantu ngombono wohlobo oluthile ukuze uthole isivumelwano sabo kanye nokuxhaswa. Ukuphumelela kwakho ekusebenzeni nabanye, kuya ngokuthi ufinyelela kanjani emphakathini ngombono wakho.

Ubuhlobo nomphakathi liyithuluzi elidingeka ngokuphelele ukukusiza udlulisele imibono yakho. Futhi noma yimuphi umuntu osebenzela ukwenza umhlaba ube yindawo engcono angaba nempumelelo enkulu kakhulu ngokusebenzisa ubuhlobo nomphakathi.

Noma ngabe wenzani—kusukela ekuthatheni izinyathelo ukuthuthukisa indawo yangakini kuye ekusizeni abantu ukuba baphume ezidakamizweni—ngokusebenzisa amathuluzi obuhlobo nomphakathi ungafinyelela kwabanye ngomyalezo wakho. Uzobe usuthola isivumelwano sabo nokubambisana kukho. Ubudlelwano nomphakathi benza ukuthi ukwazi ukuthola ukwamukelwa nokusekelwa komsebenzi ofuna ukuwenza.

Ubuhlobo nomphakathi akuyona into entsha. Babukhona njengesihloko esisemthethweni ngezikhathi zamaRoma eminyakeni eyizinkulungwane ezimbalwa ezedlule, lapho babusetshenziselwa injongo yokukhuthaza imicimbi ehlukahlukene. Ngisho nangaleso sikhathi, imiyalezo yayilotshwa ukuze abantu bayibone odongeni lwe-Colosseum (isakhiwo esikhulu, esingenalo uphahla esinemigqa yezihlalo esasakhiwe eRoma esasisetshenziselwa ukuzijabulisa komphakathi)

Emakhulwini eminyaka i-PR yathuthukiswa kancane njengesifundo ngoba yamiswa ekuqhubekeleni phambili yilabo ababenezinhloso ezimbi. Babenentshisekelo yokuyisebenzisela izizathu zabo ezifihlekile zokwenza izinto eziyinzuzo kubona futhi ngokuvamile ezazilimaza abanye.

Kwakungekho olutheni kwaze kwaba i-Scientology, ngeyakuthola mayelana nokuxhumana kanye nobunjalo ngempela (izimfanelo eziyisisekelo umuntu anazo) boMuntu, ukuthi empeleni ubuhlobo nomphakathi baba yisifundo esiphelele esingasiza umphakathi nanoma yimuphi umuntu.

Ubuhlobo nomphakathi buyindlela yokwenza amaphrojekthi akho ukuthi abantu bawazi futhi bunemithetho yawo.

Ukuze uqale ufunde ukwenza ubuhlobo nomphakathi, kufanele uqale ngokuqonda ukuthi ubudlelwane nomphakathi buyini nokuthi buquketheni.

QAPHELA: Ukuze uqhubeke, kufanele uqedele zonke izinyathelo zangaphambilini kule isifundo. Isinyathelo sakho sokugcina esingaphelele ngu
QAPHELA: Unezimpendulo eziningana ebezingalungile. Ukuze uqhubeke, kufanele uphinde ufunde indatshana bese uhlola ukuqonda kwakho futhi.