Let us know how it is going

IMBANGELA YOKUCINDEZELEKA

UKUBUKA KONKE KWESIFUNDO

Uyemukelwa kwi-Online Course Yezimbangela Zokucindezeleka

Noma nini lapho umuntu enza kahle bese kuthi ngokuzumayo aqale ukwenza kabi, agule noma aqale ukwenza amaphutha, kunesizathu esiqondile salokhu. Akukhona nje okudaliwe (amandla athile afihliwe anquma ukuthi kuzokwenzekani). Kukhona into ebangela ukuthi lokhu kwenzeke.

Ngendlela efanayo, lapho umuntu ezizwa ejabule futhi ephumelela empilweni bese kuthi, ngaphandle kwesizathu esingabonakala kalula, aqale azizwe edangele, kungabonakali enza okuthile ngendlela ayekade enza ngayo phambili futhi manje unosizi futhi udangele izikhathi eziningi, umuntu othile noma okuthile kwenze ukuba lokhu kwenzeke.

Kungenzeka ukuthi awukuboni lokhu, kepha kunezinhlobo ezimbili zabantu ezicacile emphakathini—ezinye empeleni zifuna wenze kangcono, kanti ezinye zisebenza kanzima ukuba zikwenze wehluleke. Lababantu ababi bafihla abakwenzayo futhi akukho lula ukubabona uma ungakwazi ukuthi ubabheka kanjani. Kepha bakhona empilweni.

Lokho okudinga ukuba ukwenze ukubona nokwazi ukuthi ngobani ngempela abangane bakho. Bangobani abantu obaziyo, ophila futhi usebenza nabo abafuna wenze kahle ngempela futhi ngobani abantu abazama ukwenza ukuthi wehluleke? Lapho ungaphendula lombuzo futhi wazi ukuthi kufanele ubaphathe kanjani abantu abazama ukukuvimba, ungaqala ukwenza ngcono kakhulu empilweni futhi uzinze, uphumelele uphinde ujabule futhi.

Ubuchwepheshe buka-L. Ron Hubbard kulesifundo buzokunika amathuluzi owadingayo wokusingatha imbangela yokucindezela futhi bukufundise ukuthi ungawasebenzisa kanjani.

Qaphela Kubalulekile

Ngokwenza lesifundo, qinisekisa ukuthi awukaze udlule igama ongaliqondi ngokugcwele. Isizathu esenza umuntu ayeke ukutadisha noma adideke noma angakwazi ukufunda yingoba udlulise igama abengaliqondi. Okuningi

Kule sifundo uzofunda:

  • Kungani umuntu owenza kahle empilweni engenza ngokuzumayo kabi noma aqale ukwehluleka.
  • Izimpawu eziyishumi nambili zokuhlonza ezizokusiza ukhethe abangane bakho nalabo ohlangana nabo ngokuhlakanipha.
  • Amathuluzi ongawasebenzisa ukusiza ukukhulula umthwalo womunye wokucindezela, ukuze baphile kahle futhi bajabule futhi.

Uyemukelwa

Manje usubhalise ngempumelelo futhi usukulungele ukuqala isinyathelo sakho sokuqala nge-process yokufunda ethokozisayo futhi esebenzayo. Lesifundo sizokunikeza ngamathuluzi asebenzayo ongawasebenzisa empilweni yakho.

Lesifundo sibekwe out ngendlela yesinyathelo ngesinyathelo, ngokulandelana kokutadisha nokuzivocavoca okufanele ukwenze. Futhi njengoba sonke isifundo siqukethwe ngaphakathi kokungena kwakho komuntu siqu, ungavele ungene ngemvume nganoma yisiphi isikhathi ukuze ukuthuthuka ngokusebenzisa izabelo zakho kuze kube sekuqedeni.

Qaphela Kubalulekile

Ngokwenza lesifundo, qinisekisa ukuthi awukaze udlule igama ongaliqondi ngokugcwele. Isizathu esenza umuntu ayeke ukutadisha noma adideke noma angakwazi ukufunda yingoba udlulise igama abengaliqondi. Okuningi

Qaphela Kubalulekile

Ngokwenza lesifundo, qinisekisa ukuthi awukaze udlule igama ongaliqondi ngokugcwele. Isizathu esenza umuntu ayeke ukutadisha noma adideke noma angakwazi ukufunda yingoba udlulise igama abengaliqondi.

Ukudideka noma ukungakhoni ukuqonda noma ukufunda kuza NGEMVA kwegama obungazi incazelo yalo. Kungenzeka kungabi amagama amasha futhi angajwayelekile kuphela ongazange uwaqonde.

Elinye lamaqiniso abaluleke kakhulu kuyo yonke indaba yokufunda ukuthi akufanele udlule igama ongaliqondi.

Kuzo zonke izifundo ozifundile washiya zingaphelele, uzothola ukuthi kunamagama owafundile kodwa awazi ukuthi asho ukuthini.

Ngakho-ke ngenkathi wenza lesifundo, iba nesiqiniseko sokuthi awusoze wedlula igama ongaliqondi kahle.

Uma lokhu okufundayo kuba nokudideka noma kungabonakali ukuqonda, kuzoba neGAMA ngaphambili nje ongazange uliqonde.

Ungayi kude, kodwa buyela emuva NGAPHAMBI kokuba ungene enkingeni uthole igama ongaliqondanga ngokuphelele. Nomaphi lapho ubona khona igama elidwetshelwe, ungachofoza kulo futhi lizokunikeza incazelo yalelo gama ngokushesha.

Njengoba uqhubeka nesifundo, ungachofoza kwimenyu phezulu ekhasini ngalinye lesifundo lapho kubhalwe khona “Uhla lwamagama” (okuwuhla lwamagama nokuthi asho ukuthini) futhi kuzokusa ohlwini lwamagama asetshenzisiwe kulesifundo futhi kukunike incazelo ngayinye.

Uma ungakwazi ukuthola igama olifunayo kuhla lwamagama, thola isichazamazwi esilula bese ubheka incazelo yaso lapho.