Let us know how it is going
3.‎1 FUNDA LENDATSHANA

Isizathu Esiyisisekelo

Isizathu esiyisisekelo sokuthi Umuntu Ongenabo Ubuntu aziphathe ngendlela enjalo ukuthi unovalo olufihliwe (ukwesaba okukhulu) abanye.

KuMuntu Ongenabo Ubuntu, wonke omunye umuntu uyisitha esizochithwa ngasese noma obala.

Umuntu Ongenabo Ubuntu uhlala ecabanga ukuthi, ukuze aqhubeke ephila, kufanele “aqhubeke avimbe abanye abantu” noma “engabavumeli ukuba bafunde futhi bahlakaniphe baze bakwazi ukwenza izinto.”

Uma kukhona ongathembisa ukwenza abanye abantu babe namandla noma baqhakaze (bahlakaniphe kakhulu), Umuntu Ongenabo Ubuntu angazizwela esengozini enkulu.

Bacabanga ukuthi uma benenkinga engaka nabantu ababazungezile ababuthakathaka noma abayiziwula, bangaphela uma kukhona ongaba namandla noma aqhakaze.

Umuntu onjalo akabathembi abanye abantu. Uyabesaba ngeqiniso kakhulu abantu, kepha lokhu kuvame ukungabonakali.

Lapho umuntu onjena engenwa ukuhlanya (esangana ngokuphelele), ucabanga ukuthi umuntu ngamunye ahlangana naye ngempela ungowomhlaba i-Mars noma othile osebenzela i-FBI.

Kepha iningi laBantu Abangenabo Ubuntu ababonisi zimpawu ezibonakalayo zobuhlanya. Babonakala besile ngempela. Bayakwazi ukukuqinisekisa ukuthi abahlanyi.

Kodwa-ke, uhlu olunikezwe ngaphambili lwenziwe ngezinto umuntu onjalo angenakuzibona kuye. Lokhu kuyiqiniso kangangokuba uma ucabanga ukuthi unalo olunye lwezimpawu ezisohlwini, ngokuqinisekile awusiye Umuntu Ongenabo Ubuntu. Ikhono lokuzibuka wena bese wenza isahlulelo sokuthi wenze okuthile okungalungile yinto Umuntu Ongenabo Ubuntu angenakuyenza. Kufanele babe NGABALUNGILE ngoba bakholelwa ukuthi bahlala besengozini. Uma ukhombisa Umuntu Ongenabo Ubuntu ukuthi AKALUNGILE, ungambangela nokuthi agule kakhulu.

Umuntu osile kuphela ozama ukulungisa ukuziphatha kwakhe.

QAPHELA: Ukuze uqhubeke, kufanele uqedele zonke izinyathelo zangaphambilini kule isifundo. Isinyathelo sakho sokugcina esingaphelele ngu
QAPHELA: Unezimpendulo eziningana ebezingalungile. Ukuze uqhubeke, kufanele uphinde ufunde indatshana bese uhlola ukuqonda kwakho futhi.