Let us know how it is going
7.‎1 FUNDA LENDATSHANA

Izincazelo zamagama Asemqoka

Umuntu Ocindezelayo, noma i-SP, elinye igama Lomuntu Ongenabo Ubuntu. Ungumuntu osebenza sonke isikhathi ukuhlehlisa noma ukubamba (ukucindezela) abanye abantu abaseduze kwakhe. Umuntu Ocindezelayo uzosebenzela ukwenza omunye umuntu angabaluleki ngokusho izinto ezimbi ngaye. Uzoyeka noma yimuphi umzamo ukusiza noma ngubani. Futhi okubaluleke kakhulu, uzohlasela futhi azame ukumosha noma acekele phansi noma yimuphi umuntu acabanga ukuthi angaba namandla noma ahlakaniphe kunaye.

Yonke indlela yokucabanga yoMuntu Ocindezelayo yakhelwe phezu kwenkolelo yokuthi angaba senkingeni uma kunomuntu oba ngcono, njengoba abanye bengamhlula futhi bamenze angakwazi ukuzisiza.

I-Potential Trouble Source, noma i-PTS, ngumuntu osondelene noMuntu Ocindezelayo omcindezela futhi amenze into engelutho lowo, ukuthi ungubani, nokuthi wenzani empilweni yakhe. Lomuntu uyi-Potential Trouble Source ngoba uphatheke kabi nguMuntu Ocindezelayo.

Okuqukethwe kusho ukuthi kungenzeka ukuthi kwenzeke okuthile. Ngakho-ke i-Potential Trouble Source ichaza umuntu okungenzeka ukuthi acasuke futhi enze inkathazo. Futhi ngempela uyayenza inkinga.

Ukucindezela kusho ukuphelisa, ukuhlala phezu, ukwenza mncanyana, ukwenqaba ukuvumela umuntu ukuthi afinyelele futhi andise umbono wakhe, ukwenza umuntu angaqiniseki ngokufinyelela kwakhe futhi enze umuntu abe mncane nganoma iyiphi indlela engenzeka ukuze alimaze lomuntu. Konke lokhu kwenzelwa ukusiza ukuvikela Umuntu Ocindezelayo.

Ukucindezela kusho inhloso noma isenzo esiyingozi ongeke ukwazi ukulwa naso. Lapho ungenza noma yini ngakho, kunguku cindezela okuncane.

Ukucindezela ngendlela elula kakhulu kususa ukuzethemba komuntu kuye.

Lapho kukhona ukucindezela, uyawenza amaphutha.

Abantu benza amaphutha noma benza izinto eziwubuphukuphuku kuwubufakazi bokuthi kukhona uMuntu Ocindezelayo eduze nabo.

QAPHELA: Ukuze uqhubeke, kufanele uqedele zonke izinyathelo zangaphambilini kule isifundo. Isinyathelo sakho sokugcina esingaphelele ngu
QAPHELA: Unezimpendulo eziningana ebezingalungile. Ukuze uqhubeke, kufanele uphinde ufunde indatshana bese uhlola ukuqonda kwakho futhi.