Let us know how it is going
5.‎1 FUNDA LENDATSHANA

Izinqubo Zokusiza Ukuhoxiswa

Ngaphezu kwama-vitamins nama-minerals, ama-Objective Processes ayizingxenye ezibaluleke kakhulu zokuhoxiswa ngempumelelo kwizidakamizwa.

I-objective isho okuhlangene nezinto ezibonakalayo nezinto zangaphandle, hhayi imicabango nemizwa yomuntu.

Inqubo iwukulandelana kwezenzo noma izinkomba ngqo (ukulandelana kwe-oda ngendlela izinto ezenzeka ngayo) ukuletha umphumela.

Ngakho ke ama-Objective Processes izinqubo ezisiza umuntu ukuba asuse ukunaka kwakhe kuyena bese ekubeka ngaphandle, endaweni emzungezile.

Izidakamizwa zenza umuntu agxile kokuhlangenwe nakho kwangaphambilini futhi anamathele ukunaka kwakhe kulezo zikhathi. Ama-Objective Processes asiza ukumkhipha kokudlule futhi adonse ukunaka kwakhe ngaphakathi kulesi sikhathi.

Ama-Objective Processes asiza umuntu ukuthi angenele esikhathini samanje ngakho uyazi ngokwengeziwe indawo ahlala kuyo nabanye abantu. Lapho umuntu ekwazi ukubhekana nesikhathi samanje, futhi angabambeki esikhathini esidlule, kulapho angajabulela khona impilo. Angakhulumisana kangcono nezindawo ezimzungezile njengoba zikhona manje, hhayi njengoba zazinjalo phambilini. Le yinto enhle yokuthi noma ngubani ayifeze. Kothile oye wahlangabezana nemiphumela emibi yokusebenzisa izidakamizwa, kungashintsha impilo.

Kungcono ukwenza lezi zinqubo endaweni ethule lapho ungeke uphazanyiswe khona, futhi nesikhathi esanele sokwenza inqubo kuze kube yilapho umuntu osizwayo enezinkomba ezinhle futhi uke waba ne-cognition. Izinkomba yizimo ezenzeka ngesikhathi senqubo ekhombisa (khomba noma ikhombise) ukuthi kuhamba kahle noma kabi. Umuntu obukeka egqamile noma ejabule ngokwengeziwe, ngokwesibonelo, unezinkomba ezinhle. I-cognition iwukuqonda okusha ngempilo. Yisitatimende esithi “Wazini, ngi…”; okuthile umuntu akuqondayo noma akuzwayo kungazelelwe.

Lama-processes asebenza kahle kakhulu uma enikezwa kaningana ngosuku ukusiza umuntu ukuba adlule kwisikhathi sokuhoxa kwizidakamizwa. Ukuhoxisa kuvame ukuthatha cishe isonto noma ngaphansi.

Isibonelo, unganikeza umuntu enye yalezi zinqubo ekuseni, futhi amahora athile kamuva, umnikeze enye. Umuntu odlula ekuhoxiseni uvame ukulala kakhulu kunokujwayelekile, ikakhulukazi ekuqaleni. Ngakho ke, ungenzi ngokweqile ukunikeza lama-processes. Ama-Objective Processes amabili noma amathathu usuku ngalunye phakathi nesikhathi sokuhoxa kufanele anele ukuthola umphumela.

Ama-Objective Processes amahlanu anikezwe kokulandelayo. Igama elithi umyalo, njengoba kusetshenziswe lapha, usho umyalo ngqo onikezwe umuntu ukuba awulandele njengengxenye yenqubo.

“Qaphela ukuthi”

Le-process isusa ukunaka komuntu emzimbeni wakhe ikuse endaweni emzungezile. Inqubo imi kanje:

  1. Tshela umuntu ukuthi uzomnika i-Objective Process bese umchazela kafushane ngenqubo.
  2. Umyalo osetshenzisiwe ngu:

    “Qaphela ukuthi ______ (into ekhonjisiwe).”

    Qinisekisa ukuthi yena uyayiqonda.
  3. Khombisa into esobala ngokukhomba kuyo. Tshela lowo muntu, “Qaphela ukuthi ______ (into).”
  4. Lapho umuntu enze lokho, umu-acknowledge ngokuthi, “Ngiyabonga” noma “Kulungile” noma “Kuhle,” njll.
  5. Qhubeka ngokunikeza umyalo, uqondisa ukunaka komuntu ezintweni ezihlukile ezisendaweni. Qiniseka ukuthi uyamu-acknowledge lowo muntu ngemuva kokulandela umyalo.

    Ngokwesibonelo, ithi:

    “Qaphela ukuthi isihlalo.”

    “Ngiyabonga.”

    “Qaphela ukuthi iwindi.”

    “Kulungile.”

    “Qaphela ukuthi phansi.”

    “Kuhle kakhulu.”

    Njalo njalo.
  6. Qhubeka ne-process kuze kube yilapho umuntu osizwayo enezinkomba ezinhle futhi eke waba ne-cognition.

    Ungaqeda i-process kuleli phuzu. Tshela loyo muntu, “Ukuphela kwe-process.”

I-Havingness Process

I-Havingness umuzwa wokuthi umuntu ungumnikazi noma unayo. Kungachazwa futhi njengombono wokuthi ukwazi ukufinyelela noma ukungavinjelwa ekufinyeleleni. Le-process ibeka ukunaka komuntu endaweni ezungeze yena ukuze abe nakho. Inqubo imi kanje:

  1. Tshela umuntu ukuthi uzomnika i-Objective Process bese umchazela kafushane ngenqubo.
  2. Umyalo osetshenzisiwe ngu:

    “Bheka lapha ukuthola okuthile ongaba nakho.”

    Qinisekisa ukuthi yena uyayiqonda.
  3. Nikeza umyalo, “Bheka lapha ukuthola okuthile ongaba nakho.”
  4. Lapho umuntu enze lokho, umu-acknowledge ngokuthi, “Ngiyabonga” noma “Kulungile” noma “Kuhle,” njll.
  5. Qhubeka ngokunikeza umyalo. Qiniseka ukuthi u-acknowledge lowo muntu ngemuva kokulandela umyalo.

    Ngokwesibonelo ithi:

    “Bheka lapha ukuthola okuthile ongaba nakho.”

    “Ngiyabonga.”

    “Bheka lapha ukuthola okuthile ongaba nakho.”

    “Kuhle.”

    “Bheka lapha ukuthola okuthile ongaba nakho.”

    “Kulungile.”

    “Bheka lapha ukuthola okuthile ongaba nakho.”

    “Kuhle kakhulu.”

    Njalo njalo.
  6. Qhubeka ne-process kuze kube yilapho umuntu osizwayo enezinkomba ezinhle futhi eba ne-cognition.

    Uqeda i-process kuleli phuzu. Tshela loyo muntu, “Ukuphela kwe-process.”

“Thinta Lokho”

Le-process yenziwa ngabo bobabili abantu behambahamba, noma uma umuntu osizwayo engakwazi ukuhamba, bangahlala etafuleni ngenqwaba yezinto zibekwe phezu kwalo. Inqubo imi kanje:

  1. Tshela umuntu ukuthi uzomnika i-Objective Process bese umchazela kafushane ngequbo.
  2. Umyalo osetshenzisiwe ngu:

    “Thinta leyo ______ (into ekhonjisiwe).”

    Khetha izinto ezahlukahlukene egumbini ukuze umuntu azithinte.

    Qinisekisa ukuthi umuntu uyawuqonda umyalo.
  3. Nikeza umyalo, “Thinta leyo ______ (into ekhonjisiwe).”
  4. Lapho umuntu enze lokho, umu-acknowlege.
  5. Qhubeka ngokunikeza umyalo. Qiniseka ukuthi u-acknowledge lowo muntu ngemuva kokulandela umyalo.

    Isibonelo, yithi:

    “Thinta lelo tafula.”

    “Ngiyabonga.”

    “Thinta lesi sihlalo.”

    “Kuhle.”

    Njalo njalo.
  6. Qhubeka ne-process kuze kube yilapho umuntu osizwayo enezinkomba ezinhle futhi eba ne-cognition. Uqeda i-process kuleli phuzu. Tshela loyo muntu, “Ukuphela kwe-process.”

Thinta futhi Bese Uyayeka Kwizinto Zasegumbini

Le indlela enhle kakhulu futhi izophakamisa iqiniso lomuntu ezintweni ezisegumbini. Inqubo imi kanje:

  1. Tshela umuntu ukuthi uzomnika i-Objective Process bese umchazela kafushane ngenqubo.
  2. Imiyalo esetshenzisiwe yile:
    1. “Yini esegumbini eyiqiniso ngempela kuwe?”
    2. “Dlula phezu kwayo futhi uyithinte.”
    3. “Manje ake uhlukane nakho.”
    Qinisekisa ukuthi yena uyaziqonda.
  3. Nikeza umyalo, “Yini esegumbini eyiqiniso ngempela kuwe?”
  4. Lapho umuntu ephendulile, umu-acknowlege.
  5. Bese unikeza umyalo olandelayo, “Dlula phezu kwayo futhi uyithinte.”
  6. Lapho umuntu enze lokho, umu-acknowlege.
  7. Bese unikeza umyalo olandelayo, “Manje kuyeke.”
  8. Lapho umuntu enze lokho, umu-acknowlege.
  9. Qhubeka ngokunikeza imiyalo kulokhu kulandelana: a, b, c, a, b, c, njll. Qiniseka ukuthi u-acknowledge lowo muntu ngemuva kokulandela umyalo.

    Ngokwesibonelo, ithi:

    “Yini esegumbini eyiqiniso ngempela kuwe?”

    “Ngiyabonga.”

    “Dlula phezu kwayo futhi uyithinte.”

    “Kuhle.”

    “Manje ake uhlukane nakho.”

    “Kulungile.”

    “Yini esegumbini eyiqiniso ngempela kuwe?”

    “Kuhle kakhulu.”

    Njalo njalo.
  10. Qhubeka ne-process kuze kube yilapho umuntu osizwayo enezinkomba ezinhle futhi eba ne-cognition.

    Uqeda i-process kuleli phuzu. Tshela loyo muntu, “Ukuphela kwe-process.”

“Ube Nelukuluku Lokwazi Ngalokho”

Le yi-Objective Process elula futhi eyisisekelo. Inqubo imi kanje:

  1. Tshela umuntu ukuthi uzomnika i-Objective Process bese umchazela kafushane ngenqubo.
  2. Umyalo osetshenzisiwe ngu:

    “Ube nelukuluku lokwazi ngalokho.”

    Qinisekisa ukuthi uyayiqonda.
  3. Khombisa into esegumbini ngokuyikhomba bese uthi, “Yiba nelukuluku ngalokho.”

    Awubizi into ngegama, umane uyiveze. Awusho ukuthi, “Yiba nesifiso sokuthola leso sihlalo.” Uvele uthi “Yiba nelukuluku ngalokho.”

  4. Lapho umuntu enze lokho, umu-acknowlege ngokuthi, “Ngiyabonga” noma “Kulungile” noma “Kuhle,” njll.

  5. Qhubeka ngokunikeza umyalo. Qiniseka ukuthi u-acknowledge lowo muntu ngemuva kokulandela umyalo.

    Ngokwesibonelo, ithi:

    “Ube nelukuluku lokwazi ngalokho.” (Khombisa okuthile.)

    “Ngiyabonga.”

    “Iba nelukuluku lokwazi ngalokho.” (Khombisa okuthile.)

    “Kuhle.”

    “Iba nelukuluku lokwazi ngalokho.” (Khombisa okuthile.)

    “Kulungile.”

    “Iba nelukuluku lokwazi ngalokho.” (Khombisa okuthile.)

    “Kuhle kakhulu.”

    Njalo njalo.
  6. Qhubeka ne-process kuze kube yilapho umuntu osizwayo enezinkomba ezinhle futhi eba ne-cognition.

    Uqeda i-process kuleli phuzu. Tshela loyo muntu, “Ukuphela kwe-process.”
  7. QAPHELA: Ukuze uqhubeke, kufanele uqedele zonke izinyathelo zangaphambilini kule isifundo. Isinyathelo sakho sokugcina esingaphelele ngu
    QAPHELA: Unezimpendulo eziningana ebezingalungile. Ukuze uqhubeke, kufanele uphinde ufunde indatshana bese uhlola ukuqonda kwakho futhi.