Let us know how it is going
3.‎1 FUNDA LENDATSHANA

Ukuhlela NeziGqoko

I-Organizing Board empeleni iyishadi elibonisa ukuhamba kwemikhiqizo ekhiqizwayo, ngokulandelana kwayo, ngabantu abasebenza enhlanganweni noma enkampanini.

Umuntu ngamunye enhlanganweni unomsebenzi noma isikhundla noma “i-post.”

Isikhundla ngasinye singabizwa nangokuthi “isigqoko.”

Igama isigqoko lisho lesikhundla noma umsebenzi othile enkampanini. Kuthathwa emcabangweni wokuthi emisebenzini eminingi, efana nako jantshi bezitimela, uhlobo lwezigqoko ezigqokwayo lukhombisa umsebenzi umuntu awenzayo.

Isibonelo, esitimeleni, unjiniyela oshayela isitimela uthwala uhlobo oluthile lwesigqoko.

Noma iphoyisa ligqoka isigqoko samaphoyisa.

Isisebenzi sokwakha sigqoka uhlobo lwesigqoko, isigqoko sokuzivikela.

Noma iyiphi inkampani yakhiwa ngabantu abaningana, ngamunye wabo une “sigqoko” noma umsebenzi okufanele awenze.

Kunoma inkampani, kunokugeleza kwezinto kusuka kwesinye isigqoko kuya kwesinye, kusuka kumuntu kuya komunye umuntu, umsebenzi kuya komunye umsebenzi. Futhi isigqoko ngasinye noma umuntu ngamunye enkampanini ukhiqiza umkhiqizo onikela emkhiqizweni wokugcina wenkampani.

Umphumela we-Organizing Board yonke wumkhiqizo.

Isibonelo, isitolo sithengisa amakhompyutha. Ezinye zezigqoko zalesi sitolo kungaba:

Umthengi othenga amakhompyutha ezinkampanini eziwenzayo.

uMgcini wesitoko owamukela amakhompyutha athengiwe awabeke emashalofini okudayisa.

Umthengisi othengisa amakhompyutha kumakhasimende.

I-Cashier othatha izinkokhelo zamakhasimende zalokho abakuthengile.

Ngasinye salezi isigqoko sokukhiqiza umkhiqizo futhi sinikela ukwenza umkhiqizo wokugcina—amakhompyutha ohlobo oluphezulu athengiswa futhi ahanjiswa kumakhasimende.

Uyenza kanjani i-Org Board

Ukudlala ngabantu okwenzeka lapho kungekho i-Org Board kanye nokulahleka kwemikhiqizo eyenziwe inkampani kunikeza izizathu ezizwakalayo zanoma imuphi umsebenzi odingekayo ukudweba, ukwazisa abasebenzi nokusebenzisa i-Org Board efanele.

Abantu balindele ukuba ne-Org Board futhi bayayifuna futhi bayabhikisha uma ingekho. Itilosi elisha oqala ukuhamba ngaphakathi komkhumbi ucabanga ukuthi umkhumbi une-Org Board, uma kukhona eyodwa futhi uma kungenjalo ibekwe ukuthi ibonwe ebhodini uqobo, okungenani kwaziwa ngayo. Ucabanga ukuthi kuzoba nomuntu ophethe futhi kunemisebenzi ehlukene ezoba ngaphansi kwabantu abehlukene.

Lapho kungekho i-Org Board eyaziwayo, umsebenzi noma ilungu lenkampani lizokubhikisha futhi lizizwe lingavikelekile ngoba lingazi ukuthi lingena kuphi enkampanini.

Ngakho-ke ukuba ne-Org Board nokuba nesigqoko kusiza umuntu azizwe sengathi naye usekhaya.

Umuntu ongenaso isigqoko ulusizi impela. Noma umuntu angaba nesigqoko esibonakala sengathi asidingekanga ngempela, kanti kulokhu, uzozizwa sengathi umsebenzi wakhe “uyiphutha” nje.

I-morale nayo iyathinteka kakhulu ngesimo se-Org Board noma ukungabikho kwayo. I-morale iyisimo sengqondo futhi nendlela yokubuka izinto somuntu noma seqembu nenani lomdlandla abalikhombisayo ngomsebenzi ababambe iqhaza kuwo. Ukuhlolwa okuphelele kweqembu, noma kunjalo, ukuhlala liphila kwalo. Ukuhlala uphila kahle kusho ikhono lalo lokukhula, ukunwebeka futhi liphumelele. Ukuhlala liphila kwalo kuncike ekubeni nomkhiqizo owemukelekile abantu abazowufuna. Amaqembu angenawo umkhiqizo owamukelekile ayahluleka.

Inani lemikhiqizo ekhiqizwayo nokwamukelwa kwemikhiqizo enikezwe abanye kuncike kakhulu ekubeni ne-Org Board engasetshenziswa. Abasebenzi noma amalungu enkampani kumele bazi futhi bayisebenzise i-Org Board.

Ngisho umuntu oyedwa noma iqembu elincane, ukuze babe nempumelelo nhlobo, badinga i-Org Board ngqo. Eqinisweni, uma iqembu lilincane, ilapho i-Org Board ibaluleke kakhulu. Kepha imvamisa umuntu oyedwa noma iqembu elincane abanayo. Futhi-ke amaqembu amakhulu ayahlephuka uma kungekho i-Org Board noma ekhona iyimbi.

Izinga lomkhiqizo elibi elenziwa yinkampani noma inhlangano livame ukusolelwa kwikhono labantu abasebenza lapho. Kepha empeleni, ikhwalithi yomkhiqizo yenkampani noma yenhlangano incike kakhulu kwi-Org Board yayo.

Isibonelo, abasebenzi benkampani ethile eyayizama ukwenza umkhiqizo othile babezizwa bebulawa umsebenzi. Wonke umuntu wayephatheke kabi futhi ethukuthelele omunye umuntu. Lenkampani ibikhiqiza umkhiqizo ongajabulisi obiza imali ephindwe kabili kunalokho obekujwayelekile ukukhiqiza.

Kuthe uma inkampani iqala ukuhlelwa kangcono, futhi noma abasebenzi bayo abaningi bengaqeqeshiwe kahle, inkampani yaqala ukwenza umkhiqizo owamukelekayo cishe ngesigamu sesamba somsebenzi. Ngakho-ke,nokungakanani ukuhlela kuyasebenza.

Ubukhulu nekhwalithi yanoma iyiphi inkampani noma imikhiqizo yeqembu kuncike ngokuphelele kwi-Org Board nezigqoko nokusetshenziswa kwazo.

Ungabaqeqesha abantu bakho unomphela, kepha ngaphandle kokuthi ube une-Org Board yangempela futhi esebenza kahle uzoba usazoqhubeka nomkhiqizo ongajabulisi. Uzoba futhi ukhiqiza okuncane kwawo.

Ngakho-ke ukuntuleka kwe-Org Board ekhona futhi esebenza kahle kungaholela ekwehlulekeni. Ukuntuleka kolwazi mayelana nesihloko semiphumela yokusebenza kwenkampani kuholela ekubeni abantu babe “izingcweti.” Lokho ngeke kuphumelele isikhathi eside.

Ukuze wenze noma yini, kufanele ube ne-Org Board yangempela neyaziwayo. Udinga i-Org Board ukuthuthukisa ikhwalithi yomkhiqizo yakho. Udinga ezogcina i-morale yeqembu iphezulu. Udinga ezokwaba ngokulinganayo umthwalo womsebenzi, ukuze kungabikho muntu osebenza ngokweqile. Manje-ke uyenza kanjani?

Izigqoko

I-Org Board lakhiwa izigqoko.

Ukuchazwa ngqo kwe sigqoko “kuyi-beingness futhi ne-doingness eyenza kutholakale umkhiqizo.”

I-beingness ukucatshangelwa noma ukukhetha ukuba nguwe impela. Ukwenza isibonelo, u mamukeli wezivakashi lokho kungukuba wuye impela. Uma ungena ehhovisi, ungakhomba owamukela, umuntu obingelela abantu abangena ehhovisi. Yilokho okunguye impela. Unobhala ngesinye isibonelo sokuba nguwe impela. Umshayeli webhasi kungaba obunye ubuyena impela.

Doingness isenzo sokwenza isenzo noma umsebenzi othile.

Njengesibonelo, ake sisebenzise isitimela:

Unjiniyela wesitimela oshayela injini (locomotive) edonsa isitimela ugqoka isigqoko sakhe sobunjiniyela futhi unesikhundla sobunjiniyela. Yileyo i-beingness.

Wamukela imiyalo, abheke izibani ezahlukahlukene zokuxwayisa futhi ulawula ukusebenza kwenjini ukuqala, ukuguqula nokuyimisa. Lokho-ke i-doingness yakhe.

Uhambisa isitimela ngokuphepha, abagibeli noma izimpahla asuke endaweni ethile aye kwenye ngesheduli. Ngakho-ke isitimela esiye sahamba kukanye nomthwalo kungumkhiqizo kanjiniyela.

Ngabe isigqoko sonjiniyela senzeka kanjani?

Abantu nezimpahla kumele bathuthwe amabanga athile ezweni. Noma idolobha elisha noma indawo eyakhiwayo kufanele ibe nokuthuthwa kwabantu nempahla iye kuyo futhi isuke kuyo.

Futhi abantu bazokhokha ukuthi bathuthwe futhi bakhokhele ukuthi izimpahla zabo zihanjiswe.

Izitimela zenza lokhu.

Imali edingekayo ukulungisela nokuqhuba izitimela kufanele kuhlelwe. Udinga ukuthola amalungelo asemthethweni wokwakha ojantshi besitimela. Ngemuva kwalokho ujantshikufanele abekwe phansi futhi izinjini, izinqola zeziitimela, iziteshi kanye nezakhiwo zokugcina nokulungisa izinqola kufanele zakhiwe.

Kufuneka umuntu ozoshayela isitimela. Ngakho-ke kufanele kuqashwe umuntu othile ozokwenza lokhu. Futhi lokhu isikhundla noma isigqoko sika njiniyela.

Sikwazi kanjani lokhu? Ngoba kufanele sibe nomkhiqizo wabantu nezimpahla ezihambile . Yilokho ebesizama ukukwenza ekuqaleni.

Ngakho-ke, sinesigqoko sikanjiniyela.

Kepha kwenziwa njani uma besingenayo i-Org Board nakancane?

Isigqoko sikanjiniyela bekuzoba yiso kuphela. Ngakho-ke unjiniyela ubezozama ukuqoqa imali yamathikithi esitimela, aphathe iziteshi zezitimela, alungise injini yakhe, athenge amalahle esitimela, alayishe izinqola nokunye.

Uma-ke unjiniyela bekufanele enze konke lokhu, kuzokwenzeka okulandelayo:

  1. Ubezokhathala.
  2. Akuvuthe kabi ulaka.
  3. Imishini yakhe izokonakala.
  4. Kungenzeka ukuthi okuningi konakela kuphazamise.
  5. Indawo okwakhiwe kuyo ujantshi bekungeke inakekelwe futhi izogcina isesimweni esibi.
  6. Ubengeke akhiqize kakhulu umkhiqizo wakhe—ukuhambisa abantu nezimpahla.
  7. Umkhiqizo wakhe nawo ngeke ube muhle ngoba ubengeke akwazi ukugcina kahle isikhathi. Kuzoba nezikhalazo eziningi.
  8. Maduze nje bekungeke kusaba khona ujantshi.

Mhlawumbe lokhu okunjena ukujwayele!

Ngabe lezi zinkinga “zixazululwe” kanjani esikhathini esidlule?

Mhlawumbe abantu bebeqashiwe ukuthi basebenzise iziteshi zesitimela ngasinye bese othile athi, “Nazo-ke! Konke kuzolunga.”

Hhayi-ke, kusazoxabana ubendle.

Noma mhlawumbe umuntu uthatha isinqumo sokuqasha onjiniyela abaningi nabantu abaningi ukuba baphathe iziteshi bese futhi abanye onjiniyela abaningi nabantu abaningi ukuphatha iziteshi... futhi lokhu kugcina kwenza isiphithiphithi esididekile, imali yamahholo ephezulu (imiholo okufanele ikhokhwe kubo bonke abasebenzi) kanye nomkhiqizo omubi kakhulu.

Ngakho-ke le nkinga kufanele ixazululwe ngandlela thize.

Besingeke sifike noma kuphi futhi ngeke sigcine nge-Org Board e sebenzayo—futhi akukho okuzosebenza noma okusebenzayo—ngaphandle kokuthi senze lokhu:

Sibala yonke imikhiqizo inkampani okufanele iyikhiqize ukwenza kahle umkhiqizo wayo wokugcina. Bese silungisa ukuthi yiziphi zigqoko ezehlukene ezidingekayo ukukhiqiza lemikhiqizo emincane.

Uma sesikwenzile lokhu, singabe sesihlela izigqoko kwi-Org Board ukuze kube nokugeleza. Singalungisa ukuthi ubani onikeza bani imiyalo. Singalungisa ukuthi abasebenzi bazokwazi kanjani ukuxhumana kalula. Ngemuva kwalokho sine-Org Board.

Awungeke ukwazi ukwenza kahle i-Org Board kuze kube lapho (a) ubale yonke imikhiqizo emincane ezokhiqizwa ukwenza umkhiqizo wakho wokugcina futhi (b) unikeze izigqoko kubantu ukukhiqiza umkhiqizo ngamunye omncane.

Izinga lomkhiqizo wokugcina lincike ekutheni unayo na i-Org Board esebenzayo. Kuya ngokuthi zonke izigqoko zinamagama zichaziwe na. Kuya ngokuthi wonke umuntu wenza isigqoko sakhe abekelwe sona. Futhi kuncike ekwenzeni wonke umuntu asebenze kahle nabanye ukuthola umsebenzi odingekayo WENZIWE.

Ukusebenza uPhindela usuka kuMkhiqizo Wokugcina

Manje ake sibheke ukuthi uwuthatha kanjani umkhiqizo wanoma iyiphi inkampani futhi wenze yonke imikhiqizo emincane okuthi lapho, uma ihlanganiswa, yenze umkhiqizo wokugcina.

Singaqala ngomkhiqizo wokugcina wesitimela—abagibeli abaningi kukanye nezimpahla. Mingaki imikhiqizo emincanyana noma emincane eyenziwayo ukwenza lowo mkhiqizo omkhulu, wokugcina?

Manje lapha, sinomkhulu umkhiqizo wokugcina —ongawuhlephula uwenze imikhiqizo emincane, ngamunye ukhiqizwe ngaphambili ngokulandelana kwaze kwafikwa kumkhiqizo wokugcina.

Kukhona umkhiqizo wangaphambilini kokuhambisa okuningi—izinjini ezithengiwe. Ngaphambi kokuthi injini isetshenziswe noma ilungiswe, kufanele kube nomuntu oyithengayo kuqala. Futhi ukuyithenga, kukhona umkhiqizo wangaphambili kulokho—imali yemishini.

Ukubheka umthwalo ngokwawo, kukhona umkhiqizo wokulethwa kwempahla okudingeka yamukelwe ngumuntu noma inkampani.

Ungahle usebenze okungaphambili kuloko ngokulandelana futhi uzothola omunye umkhiqizo—izimpahla ezigcinwe (izinto ezithwalwa isitimela—izingodo, amalahle, njll.). Izimpahla kufanele zigcinwe lapho zifika futhi nangaphambi kokuthi zithunyelwe.

Futhi ngaphambi kwalokho, sithola omunye umkhiqizo—umthwalo ongalayishiwe. Kanjalo, kufuneka umuntu ozokwethula izimpahla.

Futhi ngaphambi kwalapho—kukhona umthwalo ohanjiswayo, yilokho okwenziwa isitimela.

Uma ubheka ngaphambi kwalokho—kukhona umthwalo olayishiwe, ngaphambi kokuba isitimela siwuhambise endaweni ethile.

Futhi nangaphambi kwalokho—kukhona izimpahla eziqoqelwe ukuthunyelwa.

Futhi ukubuyela emuva—kunezivumelwano ezisayiniwe namakhasimende okuhambisa izimpahla zawo.

Futhi ukuhamba ngaphambi kwalokho—izikhangiso ezabekwa obala.

Futhi ngaphambi kwalokho—ucwaningo emphakathini ukuthola ukuthi yiziphi izidingo onazo mayelana nokuhanjiswa kwezimpahla ezithwalwayo.

Futhi ekuqaleni nje—kukhona ucwaningo ngemisebenzi engadinga insebenziso yokuhanjiswa kwezinto.

Ngamunye wale mikhiqizo uyisigqoko futhi ngamunye kufanele wenziwe ukufeza umkhiqizo wokugcina.

Uma sibhekisisa lokhu, sibona futhi ukuthi azikho izindleko zenkonzo enikeziwe noma imali etholwayo. Ngakho-ke kukhona umkhiqizo owengeziwe: imali edingekayo ukuze inkampani ikhokhe izikweletu zayo, ithenge okudingekayo ukwenza imikhiqizo ngokuzayo nokunye. Ngokunjalo, lomkhiqizo unezigqoko zangaphambilini.

Abanye abantu abacabangi ngomkhiqizo—okusho ukuthi bacabanga ukuthi imali engenayo imane ivele nje ngaphandle kokukhiqiza okuthile. Abantu abaningi abakwazi futhi abangacabangi ngokulandelana kwemikhiqizo edingekayo ukuyenza nokuthumela umkhiqizo wokugcina noma insizakalo bese kutholakala inkokhelo yayo. Ngakho-ke baphelelwa imali bese bebulawa yindlala.

Kukhona njalo imikhiqizo eminingi yangaphambilini edinga ukukhiqizwa ngaphambi kokutholwa komkhiqizo ongenisa imali. Abantu bavele babhajwe emalini ngokwayo. Ababoni noma yikuphi ukulandelana komkhiqizo ngakho-ke ibaphelele imali bese bebampofu.

Uma unomsebenzi, inkampani noma inhlangano, kufanele ube nomkhiqizo ofanelekayo okwazi ukuthengiswa ngenani elingaphezulu kunokubiza ukukhiqiza. Kufanele uthengise umkhiqizo futhi uwuthumele ukuze uthole imali.

Ukuhlela

Ukuhlela inkampani yakho, iqembu, umsebenzi noma ikhaya, kufanele wenze kuphela izinyathelo ezilandelayo:

1. Okokuqala, finyelela ekutheni umkhiqizo wakho wokugcina uyini. Bhala phansi.

2. Manje sebenza uqala ngasekugcineni ngokulandelana. Qagula imikhiqizo engaphambilini edingekayo umkhiqizo ngamunye olandelayo okuthi konke kuhlangane ukwenza umkhiqizo wakho wokugcina.

3. Okulandelayo, nika abantu lezi zigqoko. Yenza lokhu ngokuya nokuya ukuphelelisa lomkhiqizo wakho. Kusukela kulokhu uzothola iqoqo lakho lomyalo, kumuntu noma abantu abaphethe phezulu ngokuqashwa kwabasebenzi bakho, kubandakanya abantu abaphatha iminyango nakubantu ababhekele umkhiqizo ngamunye omncane kuya komkhulu umkhiqizo, wokugcina.

4. Lungisa umsebenzi wakho noma inkampani yakho ukugeleza—ukuthi imikhiqizo emincane ihamba kanjani isuka kumuntu oyedwa enhlanganweni yakho iye kumuntu olandelayo.

5. Sebenza bese uqagula ukulandelana kwezokuxhumana—ukulandelana kwemikhiqizo emincane edluliswayo, ngemuva kokuqedwa, kusuka kumuntu oyedwa (isigqoko) kuya kolandelayo.

6. Lungisa ukwenza (izenzo noma izinyathelo) okuholela kuyo yonke imikhiqizo emincane ngamunye. Bhala phansi njengemisebenzi nezenzo, ngawo wonke amakhono afakiwe ukukhiqiza umkhiqizo wokugcina wenkampani.

7. Ziqagule lezi njengezigqoko ezithile.

8. Qasha abantu ukuthi “bagqoke” lezi zigqoko bese benza lemisebenzi.

9. Benzise i-drill ngezenzo noma izinyathelo okufanele zenziwe nabasebenzi bakho ukuze bazazi. I-drill kusho ukwenza inqubo esetshenziswe ngokucophelela eyenziwa njalo ngendlela efanayo bese njalo ikhiqiza umphumela owufunayo.

10. Hlanganisa futhi unikeze abasebenzi bakho amaphakethe ezincazelo zemisebenzi ebhaliwe ngesigqoko ngasinye—imisebenzi kanye nemisebenzi yesigqoko ngasinye osinikezile. Lokhu okubhaliwe kubizwa ngokuthi “izigqoko” noma “isigqoko” somunye umuntu (izinto ezibhaliwe).

11. Yenza ukuthi lezi zigqoko ezibhaliwe zidluliselwe kubantu obaqashile. Umuntu ngamunye afunde izinto zakhe ngokucophelela ukuze azi ukuthi yini elindelwe kuye, lokho okufanele akwenze nokuthi ukwenza kanjani.

12. Yenza imisebenzi yenziwe ukuze imikhiqizo ibekhona.

Lokhu kubizwa ngokuthi “ukuhlela.”

Ukuze ube nomkhiqizo osezingeni eliphezulu, hlela!

Ukuphakamisa i-morale, hlela!

Ukuze usinde futhi ube nempumelelo, hlela!

QAPHELA: Ukuze uqhubeke, kufanele uqedele zonke izinyathelo zangaphambilini kule isifundo. Isinyathelo sakho sokugcina esingaphelele ngu
QAPHELA: Unezimpendulo eziningana ebezingalungile. Ukuze uqhubeke, kufanele uphinde ufunde indatshana bese uhlola ukuqonda kwakho futhi.