Let us know how it is going
2.‎1 FUNDA LENDATSHANA

UkuHlela OkuyisiSekelo

Kuyini ukuHlela?

Iningi labantu linemibono eminingi kakhulu ngegama “UkuHlela” kangangokuba abalicabangi njengomsebenzi ohlanganisa abantu abasebenza bendawonye ukwenza okuthile kwenziwe.

Ake sibone ukuthi ngempela kuyini ukuhlela.

Ake siqale ngokuthatha inqwaba yobuhlalu obubomvu, obumhlophe nobuluhlaza okwesibhakabhaka ezisetshenziselwa ukwenza okuthile. Ake sibuhlele.

Okokuqala sidweba i-Org Board. “I-Org Board” akusikho ukufinyeza i-organization board kodwa isho i-Organizing Board. I-Org Board iyibhodi elibonisa ukulungisa ngokuhlelekile ukukhiqiza umkhiqizo. Ngokunjalo, umkhiqizo uyinto eqediwe—insizakalo noma into—okungashintshwana ngayo.

Izinhlangano nezinkampani zikhiqiza imikhiqizo—izimoto, ubucwebe, okokugqoka, izinto zokudlala, ukudla, nezinye. Kunoma iyiphi inhlangano noma inkampani, umuntu ngamunye osebenzayo lapho ukhiqiza okuthile.

Isibonelo, umuntu owamukelayo uthola izingcingo eziphendulwa ngenhlonipho futhi zidluliselwe kumuntu ofanele.

Umsebenzi wokwakha ukukhiqiza ingxenye ethile yesakhiwo, njengokufaka udonga noma ukugandaya phansi.

Opakishayo ufaka noma yini inkampani eyikhiqizayo ngobunono emaphaketheni afanele.

I-organizing board isetshenziswa yinkampani ukukhiqiza imikhiqizo yayo ukuthi iphumelele.

Ake sibone ukuthi lokhu kusebenza kanjani.

Sineqoqwana lobuhlalu. Ake silahlele bonke lobuhlalu, kumuntu ophethe, bonke buxutshiwe buhlangahlangene.

Ngokusobala uMphathi kumele enze okuthile ngalobuhlalu noma azithole esedidekile futhi engakwazi ukubhekana nalomsangano. Ngakho-ke kufanele ahambise ubuhlalu—abuthumele ngendlela ethile noma ngomgudu othile. Enye yezindlela angakwenza ngayo lokhu ukuqala ngokubuluhlukanisa ngezinhlobo zabo: ubuhlalu obomvu, ubuhlalu obumhlophe kanye nobuhlalu obuluhlaza okwesibhakabhaka.

Kuzobukeka kanjena:

Lokhu yilokho umuntu ophethe kunoma iyiphi inhlangano, inkampani noma umsebenzi okufanele akwenze. Uhambisa ngemizila. Uhlukanisa izinto eziza kuye zibe izinhlobo noma izigaba zento noma ngezigaba zezenzo.

Kepha okwamanje ubuhlalu busanda kufakwa ezinhlotsheni zabo—obubomvu, obumhlophe obuluhlaza okwesibhakabhaka.

Abahambanga ndawo.

Njalo, inkampani kufanele ikhiqize okuthile. Make sithi imikhiqizo yenkampani ubuhlalu obubhotshoziwe, bashuthekwa entanjeni bafakwa emabhokisini. Sizokuthola lokhu:

Noma singathola:

Noma singathola:

Akubalulekanga kakhulu ukuthi iliphi iphethini le-Org Board esilisetshenziswayo inqobo nje ukuthi lingakanani inani lobuhlalu okusetshenzwa ngabo.

Uma sinomuntu oyedwa kuphela kule “nkampani,” usazofanela ukuba nomqondo othile wenkampani nohlobo lwe-Org Board.

Kepha uma sinedlanzana labantu noma izinto ezizokwenziwa, kufanele sengeze abantu ukuze umsebenzi wenziwe. Kodwa-ke, uma sengeza nje abantu ngaphandle kwe-Org Board, sizokwengeza futhi ukudideka okuningi.

Inkampani engenayo i-Org Board izobhidlika ngenxa yokuthi inomsebenzi omningi kunokuba ikwazi ukuwenza kalula. Umphumela kuzoba ukudideka.

Kuyini ukudideka? Ukudideka ukugeleza kwezinhlayiyana (abantu, ezokuxhumana noma ezinye izinto) ezingalungiselelwanga noma zihlelwe. Izinto zigijima futhi zishayisane zilokhu zihleli ENDAWENI. Aziphumeli ndawo.

Akunamkhiqizo, ngoba ukuze uthole umkhiqizo kumele kube khona ukugeleza okuphumela PHANDLE. Uma inkampani yenza izingubo, izingubo ezikhiqizwa yinkampani kufanele zithunyelwe PHANDLE, ngokwesibonelo, kwenye inkampani ezobe isizithengisela abantu izingubo.

Manje sesingabona izinto ezimbili. Sinezinto ezizinzile. Lezi yizindawo noma imisebenzi noma izikhundla eqenjini noma enkampanini. Futhi sinezinto ezigelezayo. Lezi izinto eziguqulwa ngabantu abanomsebenzi noma isikhundla.

Uma sisebenzisa isibonelo senkampani eyenza izingubo, kungasebenza kanjena:

Indwangu engakathungwa ithunyelwa enkampanini. Omunye othile kufanele ayisike. Lowo ngumsebenzi wakhe—ungumsiki. Wenze umehluko endwngwini—wakusika.

Bese ethumela komunye umuntu futhi umsebenzi walowo muntu ukuthunga indwangu nokwenza ihembe—umthungi wamahembe. Ngakho-ke lowo msebenzi wenze enye inguquko.

Bese yena ethumela ihembe komunye umsebenzi othungela izinkinobho-umfaki wezinkinobho. Enye futhi inguquko.

Ihembe eliqediwe manje liya kumgoqi ozoligoqa alipakishe ihembe.

Endaweni ngayinye, izinto (indwangu bese kuba amahembe) izinto ezihambayo kulenkampani zaguquka, imikhiqizo eqediwe ngokuphelele.

Umkhiqizo wokugcina wenkampani—apakishiwe, amahembe asezingeni eliphakeme alungele ukudayiswa—usungathengiselwa enye inkampani, njengesitolo sezimpahla, sona sizobe sesithengisela abantu abadinga noma abafuna amahembe.

Ngakho-ke noma iyiphi inhlangano noma abasebenzi benkampani baguqula izinhlayiya ezigelezayo.

Izinhlayiya zigeleza ngokulandelana kahle.

Izinto zingena enkampanini, ziguquke, ziphumele ngaphandle kwenkampani.

Inkampani enohlobo lwento eyodwa kuphela, njengobuhlalu obubomvu, ayinzima kakhulu ngengaleyo enezinhlobo eziningana zezinto:

Noma yimuphi umsebenzi unokulandelana kahle kwezenzo. Kufanele ibe nokuzinza okuqinile—abantu abasemsebenzini abenza umsebenzi wabo okungebona abenza ukuhambisa izinto ezi gelezayo.

Asikho isidingo sokuthi abantu abazinzile emsebenzini wabo benze into eyodwa kuphela. Kepha kufanele kube khona ukulandelana kahle kwezenzo okuqondile, okuyikho.

Konke lokhu kuyiqiniso ngegumbi lenjini yomkhumbi noma nehhovisi labameli, noma iyiphi inhlangano.

Isibonelo, egumbini lenjini yomkhumbi, amafutha ageleza angene futhi aguqulwe ukuhambisa (amandla) bese ephumela phandle.

Kunomuntu oqhuba imishini. Kunomuntu okhanda imishini. Konke lokhu kungenziwa ngumuntu oyedwa kepha lapho umsebenzi wanda, umuntu kufanele ahlele kahle izinhlelo, azihlukanise ngezinhlobo ezahlukene azibeke kwi-Org Board.

Lokhu kwenziwa ngokuhlukanisa ukusebenza nokukhanda zibe izenzo ezimbili, kwenziwe imisebenzi emibili kwi-Org Board efanayo.

Unjiniyela Omkhulu ugcina isikhundla sokuqhuba umsebenzi bese abasebenza ngezinjini benza owabo umsebenzi.

Ehhovisi labameli sithola izenzo ezihlukile zokugeleza.

Kulokhu okungenhla kungaba uhlelo lokugeleza, mhlawumbe nomuntu ohlukile (onekhono elihlukile) endaweni ngayinye.

Noma singaba ne-Org Board lapho izinto zingahambi ndawo.

Kepha uma senze lokho kuzofanela sibeke izinto kwi-Org Board ukuqala ngenhla kusigaba ngasinye, sikhombise izenzo ezahlukahlukene okufanele zenziwe futhi sisebenze sehlela phansi, siqhubeke nokubala uhla ngalunye lwezenzo.

Ngale ndlela ukugeleza kuzovela ngabantu abahlukahlukene kwi-Org Board. Kuzobukeka kanjena:

Ama-Organizing Boards anikeza kuphela amagama ezikhundla ezahlukahlukene akuvamile ukugeleza noma asebenze kahle.

I-Org Board yebutho lempi ejwayelekile yesikhathi esedlule yayi kanje:

Kepha athe amabutho uma ethola amadoda amaningi kwadingeka abe ne-Org Board ekhombisa ukugeleza kwezinto.

Ngakho-ke ukuhlela kudinga ulandele lezi nyathelo:

1. Ukubheka ngokucophelela izinhlobo zezinhlayiya—into ezibandakanya ukukhiqiza umkhiqizo.

2. Ukusebenza izinguquko okufanele zenziwe kuhlobo ngalunye lwezinhlayiya ukwenza umkhiqizo.

3. Ukuqasha nokubeka kwi-Org Board abantu abazokwenza benze izinguquko ngokulandelana kahle njengoba zibekwe ebhodini.

Ibhodi kufanele futhi ifake ukuqashelwa kwezinhlobo zezinhlayiya ezinkunombolo 1 ngenhla.

Kufanele futhi ifake umzila nezinhlobo ezahlukile zezinto eziya kubantu ukuthi baziguqule. Ekugcineni kukhona ukuhamba okuphumayo njengemikhiqizo

Ngokwesibonelo, umsebenzi owamukela izivakashi enkampanini kumele akwazi ukubona izinhlobo ezahlukene zezivakashi eziza edeskini lakhe. Umuntu oletha izimpahla kumelwe adluliselwe kumuntu owemukela okulethwe enkampanini. Umunyu onga ikhasimende kumelwe adluliselwe kothengisayo wenkampani. Njalo njalo.

Ukuze kube esebenzayo futhi okusebenzisekayo ngayo, i-Org Board kumelwe ihlanganise ukuthola izinto zokusebenza ezidingekayo ukukhiqiza. Kumele kube nezindlela zokwenza umkhiqizo wenkampani ukuthi uphumele ngaphandle ebantwini abangawufuna, njengokuwukhangisa nabazawu thengisa. Kufanele ikhokhelwe ngemikhiqizo eyikhiqizayo. Kumele futhi kube nabantu abengamele umsebenzi.

Inkampani ngokwempela ingamaqoqwana ama-Org Boards amancane ahlanganiswe ukuze asebenze ndawonye njenge-Org Board enkulu.

Ukuhlelela noma yimuphi umsebenzi ofuna ukuwenza, kufanele ukwazi ukwenza lezi zinyathelo ezilula:

1. Ngeso lengqondo (yakha isithombe engqondweni yakho) ukulandelana nokugeleza izinguquko okumele zenzeke endleleni iphuzu ngalinye.

2. Ukwazi ukubona ukuthi inhlayiya (iphepha, umuntu, imali, nokunye) ingena iphinde iphume iwushiya umsebenzi wakho, inkampani njil.

3. Ukwazi ukubona noma isiphi isigaba lapho izinto zime khona futhi zingasebenzi futhi wenze okuthile ukulungisa leyo ngxenye yokugeleza.


Ngokufushane, i-Org Board efanelekile iyinhlanganisela eqhubekayo yokugeleza kwezinto ezingashayisani futhi ezingenayo zithole ukuguquka okuhlosiwe bese ziphuma njengemikhiqizo.

QAPHELA: Ukuze uqhubeke, kufanele uqedele zonke izinyathelo zangaphambilini kule isifundo. Isinyathelo sakho sokugcina esingaphelele ngu
QAPHELA: Unezimpendulo eziningana ebezingalungile. Ukuze uqhubeke, kufanele uphinde ufunde indatshana bese uhlola ukuqonda kwakho futhi.