Let us know how it is going
5.‎1 FUNDA LENDATSHANA

Ukuhlela ne-Morale

Njengoba kuveziwe ngaphambili kulesifundo, i-morale yisimo sengqondo nendlela yokubuka izinto komuntu oyedwa noma iqembu nenani lomdlandla abalikhombisayo ngomsebenzi abahlanganyela kuwo.

Okuyisisekelo sokuhlela njengoba kutholakala kulesifundo kuzosiza ekuguquleni ukwehla kwanoma iyiphi inkampani enenkinga futhi kusize noma iyiphi inhlangano ekhulayo neyandayo ukuthi yenze kangcono kakhulu. Kungasetshenziswa ekhaya, esikoleni noma emsebenzini. Umuntu angazuza mathupha ngokuhlela imisebenzi yakhe.

Uma uhlela kahle futhi ngokunakekela, uzoba ne-morale enhle enhlanganweni noma enkampanini yakho. ngaso sonke isikhathi lapho uthola ukuthi i-morale enkampanini yakho noma umsebenzi ayisebenzi kahle, impendulo ithi hlela.

Ucwaningo olucophelele kubantu lukhombisa ukuthi isisusa semibhikisho yabo basuke bephikisana nokuntuleka kokuhlela. “Izinto azihambi kahle!” yisizathu sokubhikisha kwabo.

Ukufaka ubuchwepheshe bokuhlela kungenza izinto zihambe kahle bushelelezi phezu kwalemibhikisho, kulethe ukukhiqizwa okukhulayo ngakhoke kube ne-morale ephezulu.

QAPHELA: Ukuze uqhubeke, kufanele uqedele zonke izinyathelo zangaphambilini kule isifundo. Isinyathelo sakho sokugcina esingaphelele ngu
QAPHELA: Unezimpendulo eziningana ebezingalungile. Ukuze uqhubeke, kufanele uphinde ufunde indatshana bese uhlola ukuqonda kwakho futhi.