Let us know how it is going
4.‎1 FUNDA LENDATSHANA

I-Organizing Board

Lesi sigaba sikukhombisa i-Organizing Board noma i-Org Board kafushane. Yakhiwa okokuqala ukusetshenziselwa ama-Scientology organizations. Iguquliwe ukuze ukwazi ukuyisebenzisela noma yimuphi umsebenzi, inkampani noma inhlangano. Leli bhodi lingasetshenziswa yi-organization encane kakhulu noma yenzelwe izinkulungwane zabantu ngaphandle kokuguquka. Noma ezimbalwa nje noma eziningi izikhundla ziyagcwaliswa. Yileyo kuphela inguquko. Ngaphezu kwalokho, ingasetshenziswa ngumuntu ukuhlela impilo yakhe futhi ayithuthukise.

Ukubukisisa

I-Organizing Board ihlukaniswe yaba yizindawo eziyisikhombisa ezehlukene ezibizwa ngama-divisions. Lezi zinikezwe izinombolo kusukela ku-1 kuye ku-7. Ngayinye yenza imisebenzi edingekayo yokukhiqiza umkhiqizo othize kulesi sigaba.

Ukuze noma iyiphi i-organization iphumelele yonke, lemisebenzi ebaliwe esigabeni samagama ehlukanisiwe kumele yenziwe. Yilezi: Umpathi, EzokuXhumana, Ukusabalalisa (ukukhuthaza kanye nokukhangisa ngezinsizakalo ze-organization), uMgcinimafa, Ukukhiqiza, Iziqu (ukuqinisekisa ikhwalithi yezinsizakalo ze-organization noma imikhiqizo), kanye noMphakathi (ukwazisa umphakathi ngezinsizakalo nemikhiqizo ye-organization).

I-organization engenayo eyodwa noma ngaphezulu kwalokhu kwahlukana izohluleka.

Yize ibhodi yezigaba eziyisikhombisa ibonakala inezinhlobo eziningi zoqhekeko ezingalungela iqembu elikhulu kuphela, kodwa, njengoba kushiwo ngenhla, ifanela noma iyiphi i-organization noma ingakanani.

Le-Organizing Board uyiqala kusuka kwesobunxele uqhubeke uye kwesokudla, uqala ngeSigaba 1 bese uqhubekela phambili ngokwahlukana kuya esiSigabeni 6 bese uphumela ngaphandle. Umuntu noma inhlayiyana akayi eSigabeni 7. Lesi sigaba sixhumanisa imisebenzi yayo yonke i-organization, okusho ukuthi siyabona ukuthi abantu abahlukahlukene kanye nokwahlukana basebenza ngokubambisana.

Isibonelo, thatha enkulu i-salon yezinwele:

Owesifazane ungena e-salon futhi ubingelelwa yilowo owamukelayo ophikweni lwezokXhumana.

Ikhasimende lingaba nemibuzo ethile mayelana nezinsizakalo ze-salon futhi liqondiswe komunye wabasebenzi be-salon ukuze alichazele izinqubo ezahlukahlukene ezenziwa i-salon—ukufaka imibala, ukusika njalo njalo. Lowo muntu uzoba esigabeni sokuSabalalisa.

Inkokhelo yenziwe kumabhalane owamukela izimali we-Treasury Division.

Ikhasimende bese libona i-stylist iSigaba 4, Isigaba Sokukhiqiza, ozokwenza izinwele zakhe.

Ngaphambi kokuthi ahambe, omunye wabasebenzi, osebenzela iSigaba Esimayelana Nomphakathi we-salon, umtshela ngokuxhumana nabangane bakhe ukuze abatshele ngele-salon futhi anikeze isaphulelo uma eza ngokulandelayo uma kuzovela omunye wabangani bakhe ezokwenza izinwele e-salon.

Ngakho-ke leli khasimende lihambise igxathu negxathu kwi-Org Board ye-salon. Ukusetshenziswa okuqondile kwale-Org Board ukulingana nanoma engakanani i-organization kungabonakala kalula.

Imisebenzi eyenziwa yisigaba ngasinye kwi-Org Board ihlukaniswa futhi yafakwa eminyangweni imvamisa emithathu ngenani, yenza abangamashumi amabili nanye iyonke. Umnyango ngamunye unemikhiqizo ethile noma imikhiqizo ethile, lapho ihlanganswa ndawonye, ​​iholela emkhiqizweni wesigaba.

Isibonelo, Sesigaba sezokuXhumana sinomkhiqizo wokugcina wabasebenzi abasebenzayo abakhiqizayo futhi abaziphethe kahle abasebenzi. Ukuziphatha Kahle lapha kusho ukwenza okulungile nokungcono kakhulu eqenjini nabo bonke abathintekayo.

Umnyango wokuqala kulolu hlaka nguMnyango Wezemigudu kukanye naBasebenzi. Ihambisa abasebenzi abasha ukuthunyelwa ezikhundleni ababelwe zona. Inomkhiqizo wabasebenzi abaphumelelayo abanikezwe izikhundla noma imisebenzi futhi abaqeqeshelwe ukwenza umsebenzi wabo. Eminye imisebenzi yalo mnyango imi ngalendlela elandelayo:

  • ukuqasha abasebenzi;
  • isebenza ukuthi kungasetshenziswa kanjani kangcono abasebenzi abakhona futhi ibabeke ngokufanele kwi-Org Board ukusiza ukukhulisa i-organization;
  • ithola abasebenzi abasha nabakhona ukuthi bafunde izigqoko zabo futhi bazenze bafundiswe (ukusebenza ngaphansi komuntu onolwazi oluningi) ukwenza imisebenzi yabo.

UMnyango wesibili, uMnyango WezokuXhumana, uphatha konke ukuxhumana okukhona okungenayo nokuphumayo kwi-organization, kanye nokuxhumana phakathi kwabasebenzi be-organization. Umkhiqizo wayo ukuxhumana okwamukeleka kalula futhi okuhanjiswa ngokushesha. Kwenza okulandelayo:

  • ukuphendula izingcingo futhi zidluliselwe kumuntu ofanele;
  • ukwamukela izincwadi ezibhaliwe bese zisabalaliswa ngokushesha kubasebenzi kuyo yonke i-organization;
  • iqinisekisa ukuthi i-organization ithumela ukuxhumana kubantu enza nabo ibhizinisi noma esazokwenza nabo;
  • ibeka uhlelo lokuxhumana lwe-organization ukuze abasebenzi bayo kanye nabaphathi bakwazi ukuthumela nokwamukela ukuxhumana komunye nomunye.

UMnyango Wezokuhlolwa Nemibiko, onomkhiqizo wabasebenzi abasebenza beziphethe kahle, bekhiqiza, ungumnyango wesithathu. Kwenza okulandelayo:

  • ihlola noma yimiphi imisebenzi ye-organization kanye nemibiko ngentuthuko yayo kubaphathi ukuze, lapho kudingekile, kuthathwe izinyathelo zokulungisa noma yiziphi izinkinga;
  • iqoqa futhi ihlale igade ama-statistics e-organization. I- statisticisilinganiso sesimo semikhiqizo ehlukahlukene ekhiqizwe i-organization isonto ngalinye. Abaphathi babheka lokhu futhi bathathe noma yisiphi isinyathelo esidingekayo ukwenza ngcono ukukhiqizwa kanye nokusebenza kahle;
  • ibona ukuthi kunezinga eliphakeme lokuziphatha okuhle kwi-organization.

Ibhodi Yesigaba SezokuXhumana libukeka kanjena:

Isigaba ngasinye silandela lendlela efanayo kuba nenhloko yeSigaba kanye neminyango emithathu ngayinye inenhloko yomnyango. Kulandelwa uhlelo olula lwe-Seven Division Org Board. Ichaza imisebenzi yezigaba njengoba ingasetshenziswa yi-organization, inkampani noma iqembu.

QAPHELA: Ukuze uqhubeke, kufanele uqedele zonke izinyathelo zangaphambilini kule isifundo. Isinyathelo sakho sokugcina esingaphelele ngu
QAPHELA: Unezimpendulo eziningana ebezingalungile. Ukuze uqhubeke, kufanele uphinde ufunde indatshana bese uhlola ukuqonda kwakho futhi.