Let us know how it is going
4.‎1 FUNDA LENDATSHANA

Ungawusingatha Kanjani Umsebenzi

Indlela yokusingatha umsebenzi ukuwenza MANJE!

Enye yezindlela ezinhle zokusika umsebenzi wakho ngesigamu ukungawenzi kabili.

Lokhu mhlawumbe kungumthombo wakho omkhulu wokuchitha isikhathi—ukuphinda umsebenzi wakho.

Nansi indlela ongaphinda ngayo umsebenzi wakho: Uthatha ucezu lomsebenzi bese uwubheka bese ulubeka eceleni ukuze uwenze ngokuhamba kwesikhathi. Bese kuthi kamuva uwuthathe bese uwufunde futhi bese kuphela lapho uwenze.

Lokhu kuphindaphinda umthwalo womsebenzi wakho kanjalo nje!

Enye yezindlela zokusingatha inani lomsebenzi ngukuqiniseka ukuthi awuwenzi kabili. Kwenze umthetho oqinile ukuthi uma uzithola usingathe ucezu lomsebenzi, uyaluqeda futhi awulibeki phansi ukuze lusingathwe ngokuhamba kwesikhathi.

Uma unikezwe umyalezo noma ulwazi oluthile oludinga ukwenziwa okwengeziwe, wenza leso senzo lapho usuwuthola.

Nansi indlela ongasithenga ngayo “isikhathi sokuthambisa.”

Asikho isidingo sokubukeka umatasa uma ungekho matasa.

Asikho isidingo sokuthokozela kanye nokuphulula umsebenzi ngoba awanele.

Kuhlala kunomsebenzi omningi okufanele uwenze. Indlela enhle yokusingatha umsebenzi wanoma yiluphi uhlobo ukuwenza.

Uma wenza yonke ingxenye yomsebenzi eza ngendlela yakho LAPHO ifika endleleni yakho, futhi uma uhlala wenza owakho umsebenzi esikhundleni sokuwudlulisela komunye umuntu ukuthi awenze, awusoze uthole noma ngubani othumela noma yimuphi umsebenzi emuva ukuthi uwulungise noma uwusingathe futhi umsebenzi wakho awusoze wephuza.

Noma yini ongayisingatha oyidlulisela komunye umuntu ukuthi ayenze kufanele ifundwe nguwe futhi, iqondwe futhi, futhi iphathwe futhi; ngakho ke ungalokothi udlulise umsebenzi okufanele uwenze komunye umuntu ukuze awusingathe ngoba kuzobuya kukulume. Vele ukwenze ukuze kuphele.

Ngakho-ke uma ungumuntu othanda ukukhululeka ngokweqiniso, uhlobo lomuntu ozamula ngokunethezeka futhi afake izimbobo ezithendeni zezicucwana zakhe azibeke emafeshini, uma isifiso sakho sangempela sempumelelo empilweni singesinye isikhathi esijabulisayo somkhuhlane wasentwasahlobo (umuzwa yobuvila okhululekile omunye owutholayo lapho sekusentwasahlobo), khona-ke uzophatha konke okuza ngendlela yakho uma sekufika kuwe hhayi kamuva—futhi awusoze wanikeza omunye umuntu into ongayenza ngokushesha.

Ukuthi abantu baqale ukukubonisa njengemodeli yendlela yokwenza izinto kahle noma umuntu okulindelwe ukwephula irekhodi lejubane lomhlaba noma ukuthi izindatshana ziqala ukuvela emaphephandabeni nakomagazini ngezinto ezinhle ozenzayo—zonke lezi zinto zingenzeka nje ngengozi. Uyazi ukuthi ukwenzile ungaze ube yivila futhi ungasebenzi. Ngoba kungashiwo ngokweqiniso ukuthi indlela yomsebenzi ohlezi ungapheli ukususa isenzo lapho umyalezo wokwenza okuthile utholwa bese udlulisela omunye umuntu umsebenzi wakho. Yindlela yokugqilazeka, izicubu ezikhathele kanye nezinqwaba zomsebenzi ongenziwanga.

Yenza umsebenzi uma uwubona futhi uzenzele.

QAPHELA: Ukuze uqhubeke, kufanele uqedele zonke izinyathelo zangaphambilini kule isifundo. Isinyathelo sakho sokugcina esingaphelele ngu
QAPHELA: Unezimpendulo eziningana ebezingalungile. Ukuze uqhubeke, kufanele uphinde ufunde indatshana bese uhlola ukuqonda kwakho futhi.