Let us know how it is going
2.‎1 FUNDA LENDATSHANA

Ukufinyelela futhi Uhoxise

Ngokuqonda ukudideka nesidingo sokulawula okuhle ukuletha ukuhleleka, umuntu angabheka kalula izisebenzi nabaphathi ababangela ukuhlangana kube nokulawulwa okubi. Kunendlela elula kakhulu, kodwa enamandla amakhulu, yokwenza ngcono ukulawula komuntu. Lokhu kubizwa ngokuthi Ukufinyelela futhi Uhoxise.

UKUFINYELELA kusho ukuthinta noma ukubamba okuthile. Futhi kusho ukufika, ukuza noma ukufinyelela endaweni ethile.

UKUHOXA kusho ukubuyela emuva noma ukuyeka okuthile.

Ubungeke ulindele ukuthi umuntu abe nokulawula okuningi noma aqonde, noma abe nekhono, entweni angayazi. Ingxenye ebaluleke kakhulu yokwazana nento ethile ukuxhumana nayo.

Lapho umuntu engaxhumani nokuthile, uyazikhipha kukho futhi angeke aze afinyelele noma athinte noma iyiphi ingxenye yalokho.

Uma umuntu engakwazi ukufinyelela futhi ahoxise kokuthile, ngeke ekwazi ukukubusa khona.

Isibonelo, uma umuntu engaphandle kokuxhumana nemoto, uzoba nobunzima bokuyishayela kahle futhi engangena engozini.

Kepha uma umuntu engafinyelela okuthile futhi ahoxe kukho, kungashiwo ukuthi unokuxhumana naleyonto.

Ukuxhumana nento ethile nokuba sesimweni lapho ukwazi ukuyilawula.

Inqubo Yokufinyelela futhi Uhoxise isiza umuntu ukuthi akwazi ukuxhumana nakho, futhi akwazi ukulawula izinto, imishini, abantu, izikhala nezindawo eziseduze kwakhe.

Ukusiza umuntu athuthukise ukuxhumana kwakhe nezinto, imishini, izikhala nezindawo, kwenziwa kangcono ngokwenza ukuxhumana ngokomzimba nalezo zinto nezikhala.

ukuFinyelela futhi Uhoxise kuyithuluzi elibalulekile ongalisebenzisa ekwenzeni umuntu abe nokuxhumana okuhle nendawo yakhe yokusebenza, ikakhulukazi imishini nezinto azisebenzisayo ukwenza umsebenzi wakhe.

Umshayeli wezindiza uzokwenza Ukufinyelela futhi Uhoxise kuzo zonke izinto nezikhala zendiza yakhe, kubandakanya ne-hangar yakhe lapho agcina khona indiza yakhe ngisho nomhlaba. Unobhala uzokwenza Ukufinyelela futhi Uhoxise kwi-computer yakhe, ucingo, isihlalo, ideski, njll.

Ukuzizwa ukhululekile ngamathuluzi owasebenzisayo ukwenza umsebenzi wakho wenziwe isinyathelo esibaluleke kakhulu sokwenza umsebenzi wakho kahle. Ungakhuphula kakhulu inani lomsebenzi owenzayo ngokwenza inqubo yokuFinyelela futhi Uhoxise.

Isibonelo, isikhulu se-air force sasebenzisa inqubo yokuFinyelela futhi Uhoxise nethimba lakhe labashayeli bezindiza futhi unyaka wonke akubangakhona ingozi eyodwa, noma saze saba njengokuthinta i-tip yophiko kuya kwi-tip yophiko. Cishe yilonaqembu kuphela labashayeli be-air force elahamba unyaka wonke ngaphandle kwengozi encane.

INQUBO

Inqubo yokuFinyelela futhi Uhoxise ifundwa kalula. Kungenziwa kunoma iyiphi into noma indawo. Kungenziwa endaweni yokusebenzela yomuntu, kusiqephu esisha semishini, umshini, noma yini. Kwenziwa kuze kube yilapho umuntu esekuxhumaneni kahle nendawo yakhe yokusebenza.

1. Thatha umuntu umuse endaweni lapho uzobe wenza khona Ukufinyelela futhi Uhoxise bese umchazela inqubo.

2. Mtshele izinkomba ezizosetshenziswa futhi uqinisekise ukuthi uyakuqonda lokhu. Imikhombandlela okumele uyisebanzise imi kanje:

A. “Finyelela kulokho ______.” (ukuqamba futhi ukukhomba entweni noma kumuntu noma endaweni)

B. “Hoxa kulokho ______.” (ukuqamba nokukhomba entweni eyodwa noma kumuntu noma endaweni)

3. Mnikeze ukuqondisa kokuqala. Isibonelo, “Finyelela kule nkinobho enkulu ebomvu ngaphambili komshini.”

Ngaso sonke isikhathi khomba entweni (noma umuntu, isikhala, njll.) njalo lapho unikeza inkomba ngakho ke ngeke kube khona phutha elenziwa ngumuntu olenzayo.

4. Lapho umuntu esenikeze umkhombandlela, mbonge ngokulandela indlela ngokuthi “Ngiyabonga,” “Kuhle” “Kulungile,” njll.

5. Mnikeze ukuqondisa kwesibili. Isibonelo, “Hoxa kuleyo nkinobho ebomvu enkulu engaphambili komshini.” Mbonge lapho esekwenzile lokho.

6. Qhubeka nokushintshanisa izinkomba u-A, B, A, B, njll., umbonga ngaso sonke isikhathi lapho enza isiqondiso omnika sona, futhi umuntu athinte izingxenye ezahlukile zento noma indawo.

7. Qhubeka nokwenza inqubo yokuFinyelela futhi Uhoxise kuze kube yilapho umuntu ethola intuthuko encane kulokho akwenzayo, azizwe engcono ngokuthile noma endaweni, noma nje azizwe emnandi ngalokho akwenzayo.

8. Khetha enye into, isikhala noma umuntu osendaweni yakhe bese wenza inqubo futhi kuze kube yena uyajabula ngaleyonto noma ngesikhala.

Musa ukwenza ukuthi umuntu enze Ukufinyelela futhi Uhoxise ngokungapheli kiwingxenye efanayo yanoma yini esetshenziswayo. Kwenze emaphuzwini ahlukene kanye nezingxenye zento ethintwayo.

Hamba uzungeze nomuntu owenza isenzo, uqiniseke ukuthi yena empeleni uyaxhumana namaphoyinti noma izindawo zezinto, izikhala noma abantu.

Khetha izinto ngendlela yokuthi uzokhuphuka usuka ezintweni ezincane uye ezintweni ezinkulu, uthinte izingxenye ezahlukahlukene zalowo nalowo, kuze kufike lapho lowo muntu ezizwa kahle ngokwenza inqubo noma uze umunikeze izinkomba A no B izikhathi ezintathu futhi alukho ushintsho. Lapho wenza Ukufinyelela futhi Uhoxise, faka phakathi izindonga, iphansi nezinye izingxenye zendawo lapho wenza khona inqubo.

Lapho wenza isenzo esikhaleni noma egunjini, esikhundleni sento, cela lowo muntu ukuba aye egumbini futhi aphume ngaphandle kwegumbi.

9. Qhubeka kuze kube yilapho umuntu ezizwa ngcono mayelana nendawo yakhe yokusebenza noma izinto ezikuleso sikhala futhi ujabule kakhulu ngayo yonke indawo enza kuyona inqubo. Uma umuntu ebanentuthuko enkulu, efana nokuqwashisa okusha ngendawo yakhe yokusebenza noma isiqiniseko ngomsebenzi wakhe, Ukufinyelela futhi Uhoxise kwakungeke kuqhubeke ngalelo phuzu.

Ukufinyelela futhi Uhoxise imishini, izinto, abantu, izindawo nezikhala zomsebenzi womuntu kuzosiza kakhulu ukulawula kwakhe, ukujwayela nokukuqonda kwakhe.

QAPHELA: Ukuze uqhubeke, kufanele uqedele zonke izinyathelo zangaphambilini kule isifundo. Isinyathelo sakho sokugcina esingaphelele ngu
QAPHELA: Unezimpendulo eziningana ebezingalungile. Ukuze uqhubeke, kufanele uphinde ufunde indatshana bese uhlola ukuqonda kwakho futhi.