Let us know how it is going
10.‎1 FUNDA LENDATSHANA

Ama-Assists Ngokwenza Ngendawo Okuyo

I-assist ihamba nomthwalo othile kuwo. Umuntu uhamba empilweni futhi ahlangane nabantu abaningi. Cishe uzozithola usezimweni lapho umuntu ongamazi ezozuza nge-assist.

Indlela osebenza ngayo ngaphansi kwalezimo kufanele kube eqondile futhi enika ithemba. Yiba uchwepheshe futhi uqiniseke. Awudingi ngisho ukucela imvume, vele wenze. Uma uzosiza umuntu ongaziwa, msize nje. Uma kwenzeke okuthile, njengengozi, ungami ulokhu uchazela abantu ukuthi uzokwenzani noma ulinde imvume. Uma usendaweni yesigameko lapho kunomsindo nokudideka khona, yenza sengathi nguwe ophethe futhi kuzoba nguwe ophethe. Uma ukwenza kahle lokhu, ama-assists ozowanikeza azosiza abantu.

Isibonelo, kunengozi enkulu futhi isixuku sabantu siyadudulana sizama ukubona okwenzekile. Amaphoyisa azama ukududula abantu babuyele emuva. Vele, ududule abantu babuyele emuva bese uncika eduze komuntu olimele futhi umnikeze i-assist. Uma wanele lapho, wonke umuntu uzobona ukuthi nguwe okhona.

Izinto ezinjengokwethuka, ukukhathazeka, ukumangala, ukucasuka, ukubheka iphupho elikude, uzibuza ukuthi yini okungalungile noma okufanele kwenziwe nokungenzeki azingeni ndawo ngokunikeza i-assist. Kufanele uhlale unokuthula okukhulu. Yazi ukuthi ukulawula noma yisiphi isimo kubalulekile ukuba khona kwakho lapho ngaphezu kwanoma ngubani omunye umuntu. Akukho mlingo okhona lapha. Yiba khona nje lapho. Abanye abantu esigamekweni abekho. Futhi uma ukhona lapho ngokwanele, ngakho-ke umuntu ozama ukumsiza uzozikhipha naye aqhubeke nempilo.

Lapho unikeza umuntu i-assist, faka izinto endaweni ekuzungezile zibe sesimweni sokuhleleka zisuka nje, ngaphandle kwalapho udinga ukunikeza usizo lokuqala ngokushesha.

Usizo lokuqala luhlala njalo lungaphambili kwe-assist. Kufanele ubheke lesi simo ukuze uqonde ukuthi kudingeka usizo lokuqala olungakanani. Mhlawumbe uzothola umuntu onezinga lokushisa elingama-106 degrees okudingeka alale phansi futhi apholiswe ngaphambi kokuba kwenziwe noma iyiphi i-assist. Angaba ngcono uma eyiswa kwadokotela ukuze athole ukujovwa ngama-antibiotics kunokuthola i-assist ngaleso sikhathi.

Isibonelo esihle kungaba isimo lapho owesifazane egeza izitsha ekhishini. Kungazelelwe, kungaba khona umsindo omukhulu futhi owesifazane awe ashayeke phansi. Kepha njengoba ewa, abambe ummese wenyama azisike isandla sakhe. Enye yezinto zokuqala ongazenza ukubopha isandla sakhe ngebhandishi ukuvimba ukopha. Enye ingxenye yosizo lokuqala kunguba ukuthatha izitsha bese uzibuyisela kusinki bese ushanela izingcezwana uzihlanganise zibe yinqwaba. Lesi yisinyathelo sokuqala sokubuyisela ukulawula.

Ngemuva kwalokho usungamnika i-assist. Ukumsusa endaweni yengozi akuyona into ejahekile njengoku mnikeza i-assist lapho. Mhlawumbe lokhu kuphambene nalokho okuyinkolelo yakho, kepha kuyiqiniso, yingakho kumele ulethe ukuhleleka okuthile endaweni okuyo kuqala. Wenza ukuhleleka okubanzi kunesandla esilimele ukuze ulethe ubungcono esandleni esisikekile. Uma uqonda ukuthi ukuzibophezela kwakho ngaso sonke isikhathi kungaba kukhulu kakhulu kunendawo imaduze enomsindo nokudideka, uzokuphumelela kakhudlwana. Uma uletha ukuhleleka endaweni ekuzungezile ebanzi, uzokwazi nokuyiletha naseduzane.

Uma wazi ukuthi uzongena endaweni enezingozi futhi uzobe uzungezwe inhlekelele enkulu nezi nxushunxushu, uzobe uyisiwula kakhulu ukungabi noqeqesho losizo lokuqala. Hlala wazi ukuthi kungahle kudingeke ukuthi uthole indlela ethile yokulawula, yokuphatha nokuqondisa abasebenzi abangena endleleni yakho ngaphambi kokuthi unikeze i-assist. Kanjalo i-assist idinga ukuthi ulawule yonke idawo ekuzungezile nabasebenzi abathintene ne-assist uma kunesidingo.

Unawo wonke amalungelo nesibopho sokudambisa inhlupheko lapho uyibona.

Indlela eyinhloko yokudambisa ukuhlupheka yi-assist.

QAPHELA: Ukuze uqhubeke, kufanele uqedele zonke izinyathelo zangaphambilini kule isifundo. Isinyathelo sakho sokugcina esingaphelele ngu
QAPHELA: Unezimpendulo eziningana ebezingalungile. Ukuze uqhubeke, kufanele uphinde ufunde indatshana bese uhlola ukuqonda kwakho futhi.