Let us know how it is going
3.‎1 FUNDA LENDATSHANA

I-Contact Assist

I-Contact Assist yenzelwe ukubheka ingxenye yesitho somzimba esilimele kuleyo ndawo ebelimele kuyo. Iyona i-assist evame kakhulu ezingozini nasekulimaleni.

Ukusabela okuyisisekelo empilweni kuwukugwema izindawo lapho umuntu eke walimala khona. Lokhu kwenzelwa izinjongo zokusinda, kepha kususelwe emcabangweni onengqondo. Isibonelo, uma umuntu ezingqubuze etafuleni bese ezilimaza, uvame ukugwema ukusondela kuleyo ndawo futhi. Unokucabanga ukuthi ugwema itafula, kanti empeleni ugwema indawo okwenzeka ingozi. Noma lingasuswa itafula, uzoqhubeka nokugwema indawo lapho alimele khona. Lesi yisona sizathu esiyisisekelo se-Contact Assist.

Uma ingatholakala indawo lapho ingozi noma ukulimala kwenzeke khona, ngaso sonke isikhathi yenza i-Contact Assist. Kungalandelwa ezinye izinhlobo zama-assists, kepha i-Contact Assist kufanele yenziwe kuqala ngaso sonke isikhathi.

INQUBO

1. Thatha noma yiziphi izinto zosizo lokuqala ezidingekayo bese uyahlela endaweni ngaphambi kokuqala i-assist.

2. Thatha umuntu uye naye ngqo lapho kwenzeke khona ingozi. Uma into ishisa, uyayiyeka iphole kuqala. Uma into kungekagesi, cisha ugesi.

3. Tshela lowo muntu ukuthi manje usuzokwenza i-Contact Assist. Chaza kafushane inqubo:

“Ngizokucela ukuthi uhambe kancane ngendlela ingozi yenzeke ngakhona.”

4. Menze lomuntu ukuthi abe sesimweni esifanayo nalesi ayekuso ngaphambi kokwenzeka kwengozi. Uma wayephethe ithuluzi ngesandla sakhe, noma ebelisebenzisa, kufanele enze kanjalo.

5. Tshela lomuntu:

“Hamba kancane ngendlela ingozi yenzeke ngakhona.”

Mcele ukuba enze ngqo lokho okwenzeka ngesikhathi sokulimala ngokumenza athinte indawo ngesitho somzimba wakhe olimele. Menze athinte ngobunono into emzwise ubuhlungu.

Uma umunywe wakhe wahlatshwa iva engadini yamarozisi, umenze ukuba athinte ngobunono leyo ngxenye efanayo yomunwe eyahlatshwa iva elifanayo. Uma evalele isandla sakhe emnyango, uzomcela ukuba abuyele emuva, futhi ngesandla sakhe esilimele, athinte lowomnyango, indawo ngqo lapho alimalele khona, enze ngokufanayo kwalokho okwenzekile ngesikhathi elimala.

Ayikho imiyalo ethintekayo kulokhu. Awudingi ukusho okuningi.

6. Lapho umuntu esewenzile umyalo, nikeza i-acknowledgment ngokuthi: “Ngiyabonga” noma “Kulungile” noma “Kuhle.”

7. Phinda lokhu kaningi, isikhathi ngasinye uphinda umyalo futhi umnike i-acknowledgement.

8. Qhubeka kuze kube yilapho ubuhlungu bangempela bomzimba bubuya buze buphinde buhambe kumuntu bese umuntu abe nokuqonda (ukubona okuthile ngokushesha). Kufanele umenze athinte yona ngempela indawo ukuthola isiphetho esiyimpumelelo. Lapho lokhu kwenzeka, usungayiphetha i-assist ngokutshela umuntu:

“Ukuphela kwe-assist.”

ULWAZI OLWENGEZIWE

Ungamphoqi Umuntu

I-Contact Assist kumele kwesinye isikhathi yenziwe ngendlela ehamba kancane kancane. Ake sithi ingane izingqubuze umbala wayo ngomshini wokugunda utshani kanti futhi ayisafuni ukusondela ngaphezu kwezinyawo eziyi-100 (cishe amamitha angango-30) ukusuka kulowo mshini wotshani. Uzomenza enze i-Contact Assist yakhe ngombala nomzimba wakhe kuleyondawo (izinyawo eziyikhulu kusukela emshinini wokugunda utshani ofanayo) ukuthi enze ngokufanayo nokwenzeka ngelanga lengozi.

Kancane kancane, unciphisa ibanga azimisele ukusondela kulo futhi ekugcineni uzokwenza i-Contact Assist nawo uqobo umshini wokugunda utshani. Akumele udonse umuntu ngenkani uye naye endaweni lapho kwenzeke khona ukulimala noma ingozi.

Ama-“Solo” Contact Assists

Ama-Contact Assists ungawenza uwedwa (wena uqobo), kepha umuntu kufanele aqiniseke ukuthi uyawenza kuze kuphele ubuhlungu obuse mzimbeni.

Noma yiluphi uhlobo lokulimala lungasizakaliswa nge-Contact Assist. Ngaso sonke isikhathi uhlobo oluhle kakhulu lokusiza umuntu ilapho indawo yengozi itholakala. Ama-Contact Assists anokusetshenziswa okungenamkhawulo. Kwesinye isikhathi ziyamangalisa kepha zihlala zisiza.

QAPHELA: Ukuze uqhubeke, kufanele uqedele zonke izinyathelo zangaphambilini kule isifundo. Isinyathelo sakho sokugcina esingaphelele ngu
QAPHELA: Unezimpendulo eziningana ebezingalungile. Ukuze uqhubeke, kufanele uphinde ufunde indatshana bese uhlola ukuqonda kwakho futhi.