Let us know how it is going
8.‎1 FUNDA LENDATSHANA

Ungamenza Kanjani Umuntu Ukuba Aqabuke Utshwala

Le-assist ingenza umuntu ophuzile ukuba aqabuke utshwala ngemizuzwana embalwa kakhulu.

INQUBO:

1. Tshela umuntu odakiwe ukuthi uzomnikeza i-assist. Chaza kafushane ukuthi uzobe umkhombisa izinto ezisegumbini noma endaweni akuyo futhi umcele ukuba azibheke:

“Ngizobe ngikucela kaningi, ukuthi ubheke izinto ezahlukahlukene nxazonke lapha. Ngizozikhomba izinto ngikutshele ukuthi uzibheke.”

2. Khomba into bese utshela umuntu odakiwe:

“Bheka leya ______ (into esendlini).”

Khululeka kahle nje futhi ungazami ukumgwema umuntu odakiwe njengoba wenza lokhu. Umuntu odakiwe kwesinye isikhathi uthathwa njengento enobunzima ukubhekana nayo. Yena uqobo lwakhe akakwazi ukubhekana nanoma yini. Into eyodwa angeke abhekane nayo ingilazi engenalutho. Uhlala eyigcwalisa uma ingenalutho.

3. Lapho umuntu esewenzile umyalo, nikeza i-acknowledgment ngokuthi: “Ngiyabonga” noma “Kulungile” noma “Kuhle.”

4. Phinda umyalo, isikhathi ngasinye ukhombe into endlini bese lomuntu umnike i-acknowledgement.

5. Ungaphazanyiswa ukuphendula nokuphawula okuvamile okuvela kulomuntu “Iphi yona leyonto?” Vele wenze umyalo wakho ukuthi awenze futhi umnikeze i-acknowledgment.

UNGALOKOTHI UTHUKUTHELELE NOMA USHAYE UMUNTU ODAKIWE, NOMA NGABE WENZANI.

6. Qhubeka njalo ngokudingekayo kuze kube yilapho umuntu esehlaphukile. Lapho umuntu esehlaphukile yithi:

“Ukuphela kwe-assist.”

QAPHELA: Ukuze uqhubeke, kufanele uqedele zonke izinyathelo zangaphambilini kule isifundo. Isinyathelo sakho sokugcina esingaphelele ngu
QAPHELA: Unezimpendulo eziningana ebezingalungile. Ukuze uqhubeke, kufanele uphinde ufunde indatshana bese uhlola ukuqonda kwakho futhi.