Let us know how it is going
5.‎1 FUNDA LENDATSHANA

I-Nerve Assist

Phakathi kwezinhlobo eziningi zama-assists e-Scientology kungenye engasiza futhi engaba usizo ekuqondiseni amalunga nomgogodla.

Ibizwa ngokuthi yi-Nerve Assist.

I-THEORY

Ama-Nerves athwala ukushaqeka kokushayisana. Nokushaqeka kufanele kuphele, kepha akuvamile ukuhamba kuphele nya. Ama-Nerves anikeza imiyalo ezicubini zomzimba. Ngokushayisana, kukhuphuka i-energy iqale igijime ngemigudu yezinzwa. Bese ukukhuphuka kwe-energy kubuyela emuva. Lokhu kunikeza lokho okubizwa ngokuthi igagasi elimile. Limile nje lapho, aliyi ndawo.

Kunezinzwa eziyishumi nambili ezinkulu ezehla ngomgogodla womuntu, zisabalale zisuka emgogodleni nhlangothi zombili zamahlombe nasemhlane. Lezi zinzwa eziyishumi nambili zikhipha imigudu emincane yemizwa nokuphela kwemizwa. Izinzwa zithinta izicubu futhi lezi, zivame ukuqina, zingadonsa umgogodla nezinye izingxenye zesakhiwo somzimba ziphume endaweni eyiyo.

I-Nerve Assist ikhipha ngobunono amagagasi amile eziteshini zemizwa zomzimba.

INQUBO

1. Cela umuntu alale phansi ngesisu.

2. Tshela lomuntu ukuthi uzobe umsiza nge-Nerve Assist bese umchazela kafushane ngenqubo. Mtshele ukuthi uzobe uhambisa iminwe yakho nezandla zakho ezingxenyeni ezahlukahlukene zomzimba wakhe:

“Ngizobe ngihambisa iminwe yami nezandla zami ezingxenyeni ezahlukene zomzimba wakho.”

3. Ngeminwe yakho emibili yokukhomba donsa uye phansi ngeminwe eduze komgogodla nhlangothi zombili, ngokushesha okukhulu kodwa hhayi ngamandla. Lesi senzo siphindwa kabili futhi.

4. Bese uguqulela emuva isenzo sakho sokuqala, ulandele imigudu efanayo ngeminwe yakho emibili udonsa uya phezulu ngomgogodla. Lesi senzo siphindwa kabili futhi.

5. Manje, ngeminwe yakho isabalalise okwe-fan, yihambise phezu kwemigudu yemizwa, usebenzise izandla zombili ngasikhathi sinye. Hambisa usuka emgogodleni uye ezinhlangothini zomzimba.

6. Yenza wonke umhlane ngale ndlela (ukusebenza phansi kusuka phezulu komgogodla kuya phansi nomgogodla). Phinda lesi sinyathelo izikhathi ezimbili.

7. Hlehlisa indlela obuhamba ngayo ukuze ubuyele emuva uphulula emgogodleni (ukusuka ezinhlangothini zomzimba uya emgogodleni). Phinda lesi sinyathelo izikhathi ezimbili.

8. Cela umuntu ukuthi aphenduke ukuze alale abheke phezulu. Ngeminwe yakho isabalalise njenge-fan, sebenzisa izandla zombili ngasikhathi sinye, qhubeka nokuqhathanisa imigudu yemizwa ezizungeze ngaphambili komzimba. Yenza wonke umzimba ngaphambili ngale ndlela (usebenza kusuka phezulu kuya phansi). Phinda lesi sinyathelo izikhathi ezimbili.

(Qaphela: Ngokulandela imigudu yezinzwa ezungeze ngaphambili komzimba, phulula kuphela kuze kufike lapho kukhonjiswe khona ngemicibisholo emfanekisweni okhonjisiwe. Imigudu yezinzwa okusetshenzwa ngazo azidluleli esifubeni noma esiswini, ngakho-ke ukuphulula akwenziwe kuzo zonke lezo zindawo. Akukho ukuthinta okwenziwe emabeleni kowesifazane noma nezitho zangasese zobulili bobubili.)

9. Guqulela indlela yakhoyokuphulula kuleyo migudu yezinizwa ezifanayo. Qala uphulule izindawo njengoba zikhonjisiwe ngemicibisholo esemfanekisweni ongenhla, uphulula ubuyela emuva bese usebenza ngaphambili emzimbeni. Phinda lesi sinyathelo izikhathi ezimbili.

10. Bese uphululela phansi ingalo ngayinye, eyodwa ngesikhathi esisodwa (izikhathi ezintathu ingalo).

11. Ngemuva kwalokho phulula umlenze ngamunye, kanye ngesikhathi esisodwa (uyiphinde kathathu umlenze umunye).

12. Cela umuntu ukuthi ajike ukuze abheke phansi, alale ngesisu. Qala phansi esinyathelweni sesi 3.

I-assist yenziwa kuze kube yilapho umuntu ebona noma athole ukukhululeka. Angase futhi ezwe ithambo lomgogodla lingena endaweni yalo, okuvame ukuhambisana nomsinjwana omncane. Ngalesi sikhathi kufanele uyiqede i-Nerve Assist.

I-Nerve Assist kufanele iphindwe nsuku zonke kuze kukhululeke wonke amagagasi amile.

QAPHELA: Ukuze uqhubeke, kufanele uqedele zonke izinyathelo zangaphambilini kule isifundo. Isinyathelo sakho sokugcina esingaphelele ngu
QAPHELA: Unezimpendulo eziningana ebezingalungile. Ukuze uqhubeke, kufanele uphinde ufunde indatshana bese uhlola ukuqonda kwakho futhi.