Let us know how it is going
2.‎1 FUNDA LENDATSHANA

Ukusiza Umuntu Azelaphe

Ukulimala, ukuhlinzwa, ukubelethiswa kwezingane, ukugula nezikhathi zokushaqeka okukhulu ngokozwelo, njengokulahlekelwa ngumuntu omthandayo, konke kungasizakaliswa ngama-assists anzulu naphelele.

Lapho kunesidingo khona, thola ukuhlolwa kwezokwelashwa noma ukuxilongwa kwenziwe. Lapho ukwelashwa ngodokotela kunempumelelo kufanele uqiniseke ukuthi kwenziwa kuqala kumuntu olimele noma ogulayo. Ngoba ngesinye isikhathi i-assist ingafihla ukulimala kwangempela noma ithambo eliphukile, ungachithi isikhathi, ikakhulukazi uma isimo singabi ngcono. Ngamanye amagama, lapho into kucatshangwa ukuthi yisenyelo esincane, ukuze umuntu aphephe, i-X-ray kufanele yenziwe. I-assist ayithathi indawo yokwelashwa kepha ingasiza kakhulu ukululama okusheshayo.

Impilo ingaba nzima kumuntu olimalile noma ogulayo, noma kowesifazane osanda kubeletha umntwana. Asikho isizathu sokuthi umuntu ahlupheke amasonto, izinyanga noma iminyaka lapho kukhona ukusizakala okumangalisayo ukuba alulame emahoreni, izinsukwana noma amasonto. Ungafunda futhi uzijwayeze bese unikeza ukukhululeka ngokunikeza ama-assists kulowo muntu futhi asheshe ukululama.

Umuntu akudingeki ukuthi abe ngudokotela ukuze athathe umuntu amuse kwadokotela wezokwelapha. Futhi akudingeki ukuthi umuntu abe ngudokotela ukuze abone ukuthi ukwelashwa kuyehluleka ukumsiza umuntu.

I-assist ayizibandakanyi ekupholiseni futhi akahlanganyeli ekwelapheni. Ekwenzayo ukusiza umuntu azipholise.

Umuntu onikeza ama-assists e-Scientology angasiza ekunciphiseni inhlupheko: angenza impilo ibe efanekileyo. Anganciphisa isikhathi sokululama futhi enze ukululama kwenzeke lapho bekungeke kube ngenye indlela.

Kunama-assists amaningana kwi-Scientology ongafunda ukuwasebenzisa ukusiza ukudambisa ukuhlupheka futhi ngokusiza umuntu ukuba alulame ngokushesha engozini, ukugula noma ukuphuka emphefumulweni. Ama-assists ahlala esiza futhi avame ukuba nemiphumela emangalisayo.

QAPHELA: Ukuze uqhubeke, kufanele uqedele zonke izinyathelo zangaphambilini kule isifundo. Isinyathelo sakho sokugcina esingaphelele ngu
QAPHELA: Unezimpendulo eziningana ebezingalungile. Ukuze uqhubeke, kufanele uphinde ufunde indatshana bese uhlola ukuqonda kwakho futhi.