Let us know how it is going
4.‎1 FUNDA LENDATSHANA

I-Touch Assist

I-Touch Assist ingasetshenziselwa ukuqaqamba, izinhlungu noma ukungaphatheki kahle cishe kunoma iyiphi ingxenye yomzimba. (I-Touch Assist ayisetshenziselwa ukuphathwa yikhanda.)

I-THEORY

I-Touch Assist ibuyisela kabusha ukuxhumana komzimba. Iletha ukuba umuntu anake izindawo zomzimba ezithintekile. Lokhu kwenziwa ngokuthinta umzimba womuntu ngokuphinda phindiwe bese umfaka ekuxhumaneni nezitho zomzimba ezimthintayo. Ukuxhumana okwandisiwe nomzimba wakhe kusiza ekudambiseni izinhlungu noma ukungaphatheki kahle komzimba wakhe.

INQUBO

0. Nikeza umuntu noma yiluphi usizo lokuqala olungadingeka ngaphambi kokuba uqale i-assist.

1. Cela umuntu ukuthi ahlale phansi noma alale phansi—noma yikuphi okumphatha kahle.

2. Tshela lomuntu ukuthi uzobe wenza i-Touch Assist bese umchazela kafushane ngenqubo. Mtshele ukuthi uzobe umcela kaningi, ukuthi “Yizwa umunwe.” nokuthi akwazise isikhathi ngasinye lapho esewuzwile:

“Ngizobe ngikucela kaningi, ukuthi uzwe umunwe wami. Isikhathi ngasinye, ngazise ukuthi uwuzwile.”

3. Nikeza umyalo “Yizwa umunwe,” bese uthinta indawo, ucindezela ngokulingene ngomunwe:

“Yizwa umunwe.”

Ungathinti bese unikeza umyalo; lokho kungaba ukubeka okungaphambili nangasemumva.

Thinta ngomunwe owodwa kuphela. Uma usebenzisa iminwe emibili, umuntu angadideka ukuthi bekufanele ezwe muphi umunwe.

4. Lapho umuntu ekhombisa ukuthi uwenzile umyalo, nikeza i-acknowledgment ngokuthi “Ngiyabonga” noma “Kulungile” noma “Kuhle.”

5. Nikeza umyalo olandelayo, uthinte futhi unikeze i-acknowledgement lapho umuntu ekhombisa ukuthi uwenzile umyalo.

Uma uthinta, gwema izindawo zangasese noma izinqe kubulili bobubili kanye namabele kowesifazane.

6. Uhlala ushintshanisa izinhlangothi zomzimba esingakwe sokudla nesinga sobunxele. Lapho usuthinte uhlangothi lomuntu lwesobunxele, ngokulandelayo uthinta uhlangothi lwakhe lwesokunene.

Lokhu kubalulekile ngoba ubuchopho kanye nohlelo lokuxhumana lomzimba kuxhumene (kukhiyeleke ndawonye). Ungathola ukuthi izinhlungu ohlangothini lwesobunxele ziyahamba lapho uthinta ohlangothini lwesokunene, ngoba uhlangothi olungakwesokudla lugcina lusendaweni.

7. Uyaqhubeka nokunikeza umyalo, uthinte unika i-acknowledgement ngaso sonke isikhathi.

8. Qiniseka ukuthi ungakhohlwa izingalo, izindololwane, izihlakala nezandla…

9. …kanye nasekugcineni kweminwe.

10. Thinta izinzwane, izinyawo, amadolo kanye nemilenze.

11. Ngaphezu kokuthinta izinhlangothi zomzimba kwesokunxele nangakwesokudla, kufanele futhi ubheke izinhlangothi umhlane nangaphambili emzimbeni. Ngamanye amagama, uma unakekele ingaphambili lomzimba, kufanele futhi unakekele ingemuva lomzimba.

Lokhu kufaka izinhlangothi ezingakwesokunxele nangakwesokudla komgogodla…

12. …nangemuva kwamadolo.

13. Qhubeka ne-assist kuze kube umuntu uyabona noma athole ukukhululeka.

I-TOUCH ASSIST YENGXENYE ETHILE YOMZIMBA

Uma umuntu enobunzima obuthile noma engaphathekile kahle, ungamnika i-Touch Assist ukulungisa leyo ngxenye ethile yomzimba.

1. Njengoba uthinta, uyasondela endaweni ethintekile.

2. Bese usuka endaweni ethintekile. Bese usondela kuyo futhi.

3. Uyasuka endaweni ethintekile futhi. Bese usondelela eduze.

4. Bese uyasuka endaweni ethintekile uyele kude. Bese usondela lapho uzothinta khona indawo ethintekile.

5. Uma usuthinte indawo ethintekile, suka kuyo uye kude uqhubeke ne-assist.

6. Lapho kukhulunywa nesitho esithile somzimba, phinda uthinte nangemuva waleso sitho somzimba.

7. Noma ngabe kusizwa siphi isitho somzimba, i-Touch Assist ayizishiyi izandla nezinyawo nomgogodla.

8. Qhubeka ne-assist kuze umuntu aqonde noma athole ukukhululeka.

9. Tshela lowo muntu:

“Ukuphela kwe-assist.”

Kungadingeka ukuthi unikeze ama-Touch Assists usuku nosuku ukuze uthole umphumela. Ekuqaleni, ungahle uqaphele indawo lapho kunokugula noma ukulimala kukhona. Uma usunikeza enye-i-Touch Assist ngosuku olulandelayo, kungalindeleka ubungcono. Kungathatha izinsuku eziningi ukwedlula lokhu, nge-Touch Assist olunikezwa usuku nosuku, ngaphambi kokuba umphumela utholakale. Okubalulekile ukuthi inani lwama-Touch Assists ongalwenza entweni efanayo alinamkhawulo.

ISEBENZA

Isebenzise Ekulimaleni

Ungalokothi wenze i-Touch Assist njengesenzo sokuqala kumuntu olimele lapho ungenza i-Contact Assist kuqala. Uma indawo lapho kwenzeke khona ukulimala okunga tholakali, yenza i-Contact Assist. I-Contact Assist ingalandelwa i-Touch Assist noma ngenye i-assist yokulekelela. Uma indawo ngqo lapho kwenzeke ukulimala ingatholakali, kungasetshenziswa i-Touch Assist.

Isebenzise Kubantu Abaqulekile

Ama-Touch Assists angenziwa ngisho nakumuntu oqulekile. Uxhumana nomuntu ngendlela ethobekile uthathe isandla sakhe kwesakho bese umtshela naye:

“Uma usuzwile umunwe wami, khama ngesandla sakho.”

Umuntu uzoqinisa kancane ukukhama. Ngemuva kwalokho qhubeka ne-Touch Assist, uthinte amadolo, amathanga, izinyawo, ikhanda, izindlebe njalonjalo. Uzoqala ukuqonda nokulandela okumele akwenze ngemuva kwesikhashana.

Isentshenziswa Ezilwaneni

Ama-Touch Assists anga setshenziselwa ukuthola imiphumela emihle ezilwaneni.

Ekwenzeni i-Touch Assist enjeni egulayo noma elimele kukanye ikati, kufanele ugqoke amagilavu ​​anogqintsi, ngoba angahle zigqashule zikukwebhe..

Isebenza Kubantu Abasebenzisa Izidakamizwa

I-Touch Assist ingenziwa kumuntu onikezwe amaphilisi ezinhlungu noma ezinye izidakamizwa. Lokhu akuphusile, kepha kwesinye isikhathi kuyadingeka uma kuyizimo eziphuthumayo.

Lapho umuntu elimele, okuphokophelwe kufanele kube ukufika kuye futhi umnikeze i-Touch Assist ngaphambi kokuba nanoma ngubani amnikeze amaphilisi ezinhlungu. Uma umzimba wonakele kabi, kungenzeka ukuthi lomuntu usezinhlungwini ngemuva kwe-assist yakho, kepha uzobe ukwehlisile ukushaqeka kwakhe.

IZIYALO

Ukuphathwa Yikhanda

Musa ukwenza i-Touch Assist kumuntu ophathwe ikhanda. Ucwaningo selukhombisile ukuthi ukuphathwa yikhanda cishe ngaso sonke isikhathi kungumphumela wento eyenzeka engqondweni nokuthi i-Touch Assist ayiyona indlela yokusetshenziswa.

Ukulimala Ekhanda

Uma umuntu ethole ukulimala kwangempela ekhanda, njengokuhlokolozwa esweni noma ukushaywa ekhanda ngenduku, anganikwa i-Touch Assist. Ngokufanayo kuyasebenza ekulimaleni kwamazinyo noma umsebenzi wamazinyo obuhlungu.

ISIFINYEZO

I-Touch Assist ilula ukuyifunda futhi ingamangalisa ngemiphumela yayo. Inembuyiselo yokuba lula nokufundisa abanye. Ngakho-ke yisebenzise kahle ukusiza labo abaseduze kwakho, futhi ubafundise ukusiza abanye nabo.

QAPHELA: Ukuze uqhubeke, kufanele uqedele zonke izinyathelo zangaphambilini kule isifundo. Isinyathelo sakho sokugcina esingaphelele ngu
QAPHELA: Unezimpendulo eziningana ebezingalungile. Ukuze uqhubeke, kufanele uphinde ufunde indatshana bese uhlola ukuqonda kwakho futhi.