Let us know how it is going
9.‎1 FUNDA LENDATSHANA

I-Assist Yomuntu Oqulekile

Umuntu oqulekile, ngisho nomuntu okukhoma (isimo umuntu oqulekile angeke avuswe kuso) isikhathi eside, angasizwa ngokusebenzisa i-Assist Yomuntu Oqulekile. Ngale i-assist ungasiza ukwenza umuntu ukuba axhumane nawe nendawo yakhe emzungezile ngakho-ke ungambuyisa ekuqulekeni ukuba aphile. Kuyi-assist elula ukuyifunda nokwenza.

I-THEORY

Ngokwenza umuntu oqulekile ukuthi athinte izinto eziseduze naye njengemicamelo, phansi noma umzimba wakhe (ngaphandle kokumthunuka isitho somzimba esilimele), ungamsiza ukuthi anake futhi umbuyisele esikhathini samanje.

INQUBO

1. Bamba isandla somuntu ngobumnene ngesandla sakho bese umtshela:

“Ngizokusiza ukuthi ululame.”

2. Bese umtshela umuntu:

“Izwa leya ______ (into).”

3. Hambisa isandla somuntu ngobunono bese usicindezela entweni bese umnika isikhashana esifushane kakhulu sokuyizwa. Sebenzisa ingubo yokuvala umbhede, umqamelo, umbhede, njll. Awulindi mpendulo, kepha umnika umuntu isikhashana sokuzwa into.

4. Nikeza i-aknowledgment umuntu ngokuthi “Ngiyabonga.”

5. Nikeza umyalo olandelayo bese uhambisa isandla somuntu ekuthinteni enye into.

Ngokwesibonelo:

“Izwa lengubo yombhende.”

(Beka isandla somuntu oqulekile phezu kwengubo yokuvala umbhede.)

(Phumula)

“Ngiyabonga.”

“Yizwa lomcamelo.”

(Hambisa isandla somuntu oqulekile bese usibeka emcamelweni.)

(Phumula)

“Ngiyabonga.”

Njalo njalo.

6. Qhubeka nokunikeza imiyalo, uhambise isandla somuntu oqulekile entweni elandelayo futhi umnikeze i-acknowledgement.

7. Lapho umuntu esephapheme, ugcina ngokuthi:

“Ukuphela kwe-assist.”

Uma usebenza ngomuntu okukhoma, angeke ukwazi ukumbuyisa ekuqulekeni nge-assist eyodwa. Okudingayo esimweni esinjalo ukuqeda i-assist uphawu olikhombisa ubungcono esimweni somuntu. Kunezimpawu noma izimpawu ezahlukahlukene ezizokutshela ukuthi kukhona ubungcono. Ukuphefumula komuntu kungaba lula, ibala lesikhumba sakhe lingabangcono, angahle abukeke kangcono noma abukeke ephatheke kahle kakhulu kunangesikhathi uqala i-assist. Bheka ngokucophelela ukubona lezinguquko. Lezimpawu zikhombisa ukuthi kunenqubekela phambili. Lapho wenza inqubekela phambili kumuntu okwi khoma, qeda ngokuthi “Yilokho okwanamhlanje” bese umazisa lowo muntu ukuthi uzomnikeza nini futhi enye i-assist.

Uhlelo Lophawu Lwesandla

Uhlelo lophawu lungasetshenziswa kumuntu oqulekile ukuze umbuze futhi uthole izimpendulo zika “Yebo” noma “Cha.” Uhlelo lophawu lulula: Bopha isandla somuntu ngobunono kwesakho ukuze akwazi ukusikhama. Mtshele:

“Ungangiphendula ngokuqinisa isandla sami. Khama kube kanye ngokuthi ‘Yebo’ bese uphinda kabili ngokuthi ‘Cha.’”

Ngemuva kwalokho ungabuza imibuzo elula ukuthola ukuthi ngabe kukhona ubungcono:

“Uyangizwa?”

noma

“Uyazi ukuthi ukuphi?”

Umuntu uvame ukuphendula, noma kukancane nje, ngisho equlekile. Uma kungekho mpendulo noma izimpendulo ezingezinhle, qhubeka ne-assist.

Lolu hlelo luwusizo ikakhulu lapho unikeza i-assist kumuntu okwikhoma. Ngokwesibonelo ungahle ubone inguquko kumuntu ngesikhathi se-assist, njengokuthi ubone amajwabu amehlo akhe enyakaza noma kusangathi ayanyakaza. Uhlelo lophawu lungasetshenziswa kuleli qophelo ukubuza umuntu:

“Ngabe usuzizwa kangcono?”

noma

“Uyazi ukuthi ukuphi?”

Uma uthola ukuthi kunobungcono, ungayiphetha i-assist. Ngaphandle kwalokho qhubeka kuze kube yilapho kuba khona ubungcono.

Esinye isibonelo sokusetshenziswa kwalolu hlelo kungaba ukuqala i-assist ukusiza umuntu othile okukhoma obukade umnikeza i-assist njalo. Ekuqaleni kwale-assist enjalo ungasungula uhlelo lophawu lokukhama isandla bese ubuza lowo muntu:

“Ngabe uzizwa ungcono namhlanje?”

noma

“Ngabe usungcono kuna ngalesikhathi ngigcine ukukubona?”

Noma ngabe iyiphi impendulo oyitholayo (akufani nomuntu obuya ekuqulekeni lapho nalapho), ungaqhubeka ne-Assist Kumuntu Oqulekile kuze kube yilapho wenza ngcono kuleyo seshini.

I-assist iphela lapho usubuyile umqondo womuntu. Lokhu kungenzeka ngokushesha okukhulu noma kwesinye isikhathi kungadinga ama-assists amaningi ngaphambi kokuthi kufezeke.

Umsebenzi wakho ungayeki, uthathe i-assist ngayinye ekwenzeni umuntu abengcono. Lapho umuntu esephapheme, i-assist iyaphela, kepha lokhu akusho ukuthi uhlukane naye. Kusho ukuthi ungadlulela kwamanye ama-assists.

Ukulawula Imvelo

Kungadingeka ukuthi ulawule imvelo ngaphambi kokuthi uqale i-assist. Ngokwesibonelo, uma ngabe wenza i-assist esibhedlela, kuzodingeka ukuqinisekiswa ukuthi abasebenzi bezokwelapha angeke bakuphazamise lapho unikeza i-assist.

Isifinyezo

Le-assist elula ingabuyisa impilo ne-livingness kumuntu obequlekile. Uma yenziwe kahle, umphumela ungaba umlingo omkhulu kunayo yonke owake wayibona!

QAPHELA: Ukuze uqhubeke, kufanele uqedele zonke izinyathelo zangaphambilini kule isifundo. Isinyathelo sakho sokugcina esingaphelele ngu
QAPHELA: Unezimpendulo eziningana ebezingalungile. Ukuze uqhubeke, kufanele uphinde ufunde indatshana bese uhlola ukuqonda kwakho futhi.