Let us know how it is going

Uyemukelwa

Manje usubhalise ngempumelelo futhi usukulungele ukuqala isinyathelo sakho sokuqala nge-process yokufunda ethokozisayo futhi esebenzayo. Lesifundo sizokunikeza ngamathuluzi asebenzayo ongawasebenzisa empilweni yakho.

Lesifundo sibekwe out ngendlela yesinyathelo ngesinyathelo, ngokulandelana kokutadisha nokuzivocavoca okufanele ukwenze. Futhi njengoba sonke isifundo siqukethwe ngaphakathi kokungena kwakho komuntu siqu, ungavele ungene ngemvume nganoma yisiphi isikhathi ukuze ukuthuthuka ngokusebenzisa izabelo zakho kuze kube sekuqedeni.

Qaphela Kubalulekile

Ngokwenza lesifundo, qinisekisa ukuthi awukaze udlule igama ongaliqondi ngokugcwele. Isizathu esenza umuntu ayeke ukutadisha noma adideke noma angakwazi ukufunda yingoba udlulise igama abengaliqondi. Okuningi

Qaphela Kubalulekile

Ngokwenza lesifundo, qinisekisa ukuthi awukaze udlule igama ongaliqondi ngokugcwele. Isizathu esenza umuntu ayeke ukutadisha noma adideke noma angakwazi ukufunda yingoba udlulise igama abengaliqondi.

Ukudideka noma ukungakhoni ukuqonda noma ukufunda kuza NGEMVA kwegama obungazi incazelo yalo. Kungenzeka kungabi amagama amasha futhi angajwayelekile kuphela ongazange uwaqonde.

Elinye lamaqiniso abaluleke kakhulu kuyo yonke indaba yokufunda ukuthi akufanele udlule igama ongaliqondi.

Kuzo zonke izifundo ozifundile washiya zingaphelele, uzothola ukuthi kunamagama owafundile kodwa awazi ukuthi asho ukuthini.

Ngakho-ke ngenkathi wenza lesifundo, iba nesiqiniseko sokuthi awusoze wedlula igama ongaliqondi kahle.

Uma lokhu okufundayo kuba nokudideka noma kungabonakali ukuqonda, kuzoba neGAMA ngaphambili nje ongazange uliqonde.

Ungayi kude, kodwa buyela emuva NGAPHAMBI kokuba ungene enkingeni uthole igama ongaliqondanga ngokuphelele. Nomaphi lapho ubona khona igama elidwetshelwe, ungachofoza kulo futhi lizokunikeza incazelo yalelo gama ngokushesha.

Njengoba uqhubeka nesifundo, ungachofoza kwimenyu phezulu ekhasini ngalinye lesifundo lapho kubhalwe khona “Uhla lwamagama” (okuwuhla lwamagama nokuthi asho ukuthini) futhi kuzokusa ohlwini lwamagama asetshenzisiwe kulesifundo futhi kukunike incazelo ngayinye.

Uma ungakwazi ukuthola igama olifunayo kuhla lwamagama, thola isichazamazwi esilula bese ubheka incazelo yaso lapho.

Uyemukelwa kwi-Online Course Yokuthi Ungazixazulula Kanjani Izingxabano

Kwesinye isikhathi abantu banenkinga yokuzwana.

Ngesizathu esithize esingaziwa, abantu ababili okubonakala bengenzanga lutho olubi omunye komunye bangazithola bengazwani. Lapho uzama ukuxazulula inkinga, akunandaba ukuthi wenzani ukubasiza, ingxabano ayiyi ndawo.

Ababili abashadile okubonakala bezwana kahle bese kuthi, ngolunye usuku, baqale ukuxabana futhi bathole amaphutha omunye komunye. Kubonakala sengathi ayixazululeki, akunandaba ukuthi kwenziwani ukuzama ukuyixazulula. Umshado uyabhidlika ugcine ngesehlukaniso.

Futhi-ke sifunda ngamazwe amabili kungalindelekile aqala ingxabano ephenduka ibe impi. Abantu babulawa futhi kunosizi oluningi, kepha akekho umuntu owaziyo ukuthi yini eyaqala ingxabano noma kwakungani. Akubonakali sengathi ingaxazululeka.

Kuqhubekani? Ingabe lokhu kuyinto nje eyenzekayo, akunandaba noma ngabe senzani? Ngabe kudaliwe? Ingabe kuyinto engenakuqondwa noma ixazululwe? Cha. Akusikho lokhu. Kuyinto ngempela engaqondakala, ixazululwe futhi ixazululeke ngokuphelele.

U-L. Ron Hubbard wathola izinto eziningi ezimangazayo mayelana nezingxabano. Wathola kahle ukuthi yini ebangela yonke ingxabano—phakathi kwabantu, namaqembu kanye nezizwe—futhi wahlela izinyathelo eziqondile futhi ezilula zokuxazulula ngayinye yazo.

Kulesi sifundo, uzofunda imbangela yazo zonke izingxabano futhi ufunde ukuthi ungawasebenzisa kanjani lamathuluzi ukuzixazulula, ukuletha ukuthula nenjabulo empilweni yakho nasezimpilweni zabanye.

Qaphela Kubalulekile

Ngokwenza lesifundo, qinisekisa ukuthi awukaze udlule igama ongaliqondi ngokugcwele. Isizathu esenza umuntu ayeke ukutadisha noma adideke noma angakwazi ukufunda yingoba udlulise igama abengaliqondi. Okuningi

1.‎1 FUNDA LENDATSHANA

Ikhambi Lezingxabano

Izimbangela zodlame nezingxabano phakathi kwabantu nezizwe ziphenyiwe isikhathi eside kakhulu.

Izizwe eziningi ezinkulu ezike zaba yisizinda somhlaba, ezifana neGibithe seloku zanyamalala othulini. Lapho zake zaba nelikhulu iqhaza, kuncane okwenzekayo khona namuhla. Amanxiwa okwake kwaba ngamadolobha amakhulu akhombisa ukuthi kwaba khona izingxabano eziningi phambilini. Ngisho nangawo wonke umsebenzi nobuhlakani (ulwazi) nezifiso ezinhle zabantu, umlando wesintu wakhelwe ezingxabanweni. Ngakho-ke, kufanele kube nokuthize okungaziwa ngokuthi izingxabano zenzeka kanjani futhi kungani.

Kutholakale ukuthi kunomthetho ohambisana nazo zonke izingxabano.

Lomthetho ubonakala uyilokhu:

I THIRD PARTY KUFANELE IBEKHONA KODWA INGAZIWA KUZO ZONKE IZIMPIKISWANO UKWENZA INGXABANO IBEKHONA. Impikiswano ukuxabana okunentukuthelo noma ukulwa futhi ingxabano impikiswano enkulu noma ukuxabana, imvamisa lokho okuqhubekayo isikhathi eside. I-party umuntu kanti i-Third Party umuntu wesithathu ekuxabaneni phakathi kwabantu ababili. Akayona ingxenye yengxabano phakathi kwalaba bantu bobabili, kodwa nguye obangela lokho.

Noma

UKUZE IMPIKISWANO IBEKHONA, KUFANELE KUBEKHONA I-THIRD PARTY UKUYIQALA PHAKATHI KWABABILI ABALUNGELE UKUNGQUBUZANA.

Noma

NOMA KUYINKOLELO EJWAYELEKILE UKUTHI KUTHATHA ABABILI UKUQALA IMPI, I THIRD PARTY KUFANELE IBEKHONA FUTHI YENZE UKUBA INGXABANO YOQOBO YENZEKE.

Kulula kakhulu ukubona ukuthi abantu ababili abaxabene bayalwa. Baya bonakala. Okunzima ukubona noma ukucabanga ukuthi i Third Party ikhona futhi inentshisekelo yokubanga impikiswano.

I Third Party kuvame ukuba ngumuntu okungekho muntu ongacabanga ukuthi nguye futhi esendaweni kodwa ephika ukuthi uyingxenye yengxabano. Le-Third Party ecashile, lowo ngesinye isikhathi obonakala sengathi wesekela uhlangothi olulodwa kuphela, kuzotholakala ukuthi nguyena umuntu owadala ingxabano kwasekuqaleni.

I-Third Party Law iyasiza ukuxazulula izingxabano ezindaweni eziningi zempilo. UKuxazulula kusho ukuxazulula ubunzima.

Yiyona imbangela yempi.

Omunye ubona abantu ababili bethethisana ngamagama amabi, belwa futhi beshayana. Akekho omunye umuntu okhona. Ngakho-ke yibo, ngempela, ababanga ukulwa, kunjalo? Iqiniso ukuthi i Third Party iqale ingxabano ngaphambi kokuba labantu bangqubuzane.

Uma uzothola ukuthi impi iqale kanjani, uzothola imininingwane emangalisayo okunzima kakhulu ukuyikholelwa. Yiyo leyo inkathazo. Lapho into ethile imangalisa kakhulu, akukho lula kakhulu ukuyikholelwa. Enye indlela yokufihla izinto ukuzenza ngendlela emangalisayo.

Isibonelo, uMsebenzi A noMsebenzi B, bebexabana. Bayalwa. Omunye usola omunye. Akekho phakathi kwabo omsulwa ngakho-ke ingxabano ayixazululekii njengoba imbangela yayo yangempela ingatholakali.

Umuntu ebhekisisa kahle odabeni olunjalo. Uthola okuthile okunzima ukukukholelwa. Unkosikazi wo-Msebenzi A ubelala no-Msebenzi B futhi ukhononda komunye nomunye wabo ngomunye.

Esinye isibonelo ngu Mlimi wezitshalo u-J kanyenoMlimi wemfuyo u-K, osekuphele iminyaka belwa beqhubeka ngengxabano. Kunezizathu zokulwa ezibonakala zenza ingqondo. Noma kunjalo iyaqhubeka ayixazululeki. Uma kuphenyisiswa kutholwa i-Third Party, uMnikazi webhange u-L, yena, okuthe ngenxa yemali uMlimi wezitshalo u-J noMlimi weMfuyo u-K abalahlekelwa yiyo ekulweni, ukhona ukubolekisa ngemali ohlangothini ngalunye. Ngakho-ke, uqhubekisa ukulwa. Futhi uzothola imihlaba yabo bobabili uma belahlekelwa.

Ungabheka izimpikiswano zomuntu ngamunye, izingxabano zeqembu ngisho nasezimpini zamazwe futhi uzothola i-Third Party uma uphenyisisa kanzima ngokwanele. Uzobe engasoleki kubo bobabili labantu abalwayo noma, uma kungaba nezinsolo, kucabangwe ukuthi akumfanele. Nokho imibhalo ecophelele igcina ikuthola ukuthi kuyiqiniso.

Lolu lwazi luyasiza kakhulu.

Lapho ababili abashadile benengxabano, indlela eyiyo yokusiza ukusingatha lokho ukuthola ukuthi bobabili abathintekayo bafune ngokucophelela futhi bathole i-Third Party. Bangavela nezizathu eziningi zokuphikisana ekuqaleni. Lezi zizathu azibona abantu. Ufuna i Third Party, umuntu wangempela. Lapho bobabili bethola i Third Party futhi bavumelane ukuthi kuyiqiniso, lokho kuzoba ukuphela kwempikiswano.

Kwesinye isikhathi amaqembu amabili, aphikisanayo, angakhetha ngephutha ukusola umuntu ongafanele. Lokhu kuvimba impikiswano, kepha njengoba kungeyona ngempela i-Third Party, ukuxabana akupheli kodwa, esikhundleni salokho, emuva kwesikhashana, kuqale izimpikiswano eziningi. Lena yindlela ongasho ngayo ukuthi umtholile okunguyena i-Third Party.

Izizwe ezimbili ezilwayo kufanele zihlangane futhi zizitholele okunguyena i-Third Party. Bazomthola njalo uma bebheka, futhi bangathola okunguyena, njengoba empeleni ezotholakala ekhona lapho.

Lapho abantu ababili bethola okunguyena i-Third Party, abamulwisi lomuntu. Mabazi jwayeze ukumgwema nje.

Ukucasuka emshadweni kuvamile. Imishado ingasindiswa yizinhlangothi zombili zifunisisa ukuthi ubani ngempela obanga izingxabano endaweni yokuqala. Kungenzeka kube khona (kuwo wonke umlando womshado) ama-Third Parties ambalwa, kodwa elilodwa ngesikhathi.

Izimpikiswano phakathi komuntu oyedwa nenhlangano zicishe njalo zibangelwa i Third Party noma iqembu lesithathu. Inhlangano nomuntu obandakanyekayo kufanele bahlangane bazihlukanise ne-Third Party ngokukhulumisana futhi bakhombisane yonke imininingwane abanikezwe yona omunye ngomunye.

Ohulumeni nabantu ababamba iqhaza odlameni bangabuyiselwa ekuvumelaneni uma kungatholwa umuntu ozomela uhlangothi ngalunye futhi abenze batshelane omunye nomunye lokho abatshelwe ngakho nokuthi ubani obatshelile.

Lemihlangano ivame ukuwela emuva ekubeni omunye amangalele omunye noma omunye asole omunye. Kumele bame nje kulokho okwashiwo ngomunye umuntu, ukuze baphumelele ekutholeni i-Third Party.

UMthetho we-Third Party awuchazi ukuthi azikho izimo ezimbi ezibangela ingxabano. Zikhona. Kepha lezi ngokuvamile ziyakwazi ukulawulwa ngokuhlangana ngaphandle uma kukhona i Third Party esebenza ukuqhubekisa ukuxabana.

Emlandweni, kwesinye isikhathi sithola umbono omubi ngesikhathi esedlule lapho sitshelwa ngabantu ababili abasolanayo kanti i Third Party engemuva kwengxabano yabo ayibonakali noma ayibonwa. Uma sikhuluma ngezinto ezibanga impi nokuthi kwakuyini okwakucashe ngemuva kwazo, kufanele ngabe sithi ama-Third Parties.

Akukho zingxabano ezingena kuxazululwa ngaphandle kokuba abantu abazibangelayo—ama-Third Parties—ahlala ecashile.

Lokhu umthetho wemvelo.

Kufanelekile ukukwazi.

Usebenzise kunoma yiyiphi ingxabano noma indawo lapho uzama ukuletha ukuthula.

QAPHELA: Ukuze uqhubeke, kufanele uqedele zonke izinyathelo zangaphambilini kule isifundo. Isinyathelo sakho sokugcina esingaphelele ngu
QAPHELA: Unezimpendulo eziningana ebezingalungile. Ukuze uqhubeke, kufanele uphinde ufunde indatshana bese uhlola ukuqonda kwakho futhi.