Let us know how it is going
3.‎1 FUNDA LENDATSHANA

Ungayithola Kanjani i Third Party

I Third Party ngumuntu odala inkinga phakathi kwabantu ababili, umuntu kanye neqembu, noma iqembu nelinye iqembu ngokusakaza imininingwane engamanga.

Injongo yokuphenya ukuthola ukuthi ngubani oselokhu esakaza imibiko yamanga ukuze adale izingxabano phakathi kwabantu noma amaqembu. Ukuthola i Third Party, kufanele ubuze labo abanezingxabano imibuzo enjengale:

    1. Wake watshelwa ukuthi awuthandwa, awamukeleki noma usengxakini?
    2. Yini eyashiwo?
    3. Ngubani owasho lokho?
    1. Wake watshelwa ngomuntu othile ukuthi mubi?
    2. Yini eyashiwo?
    3. Ngubani owasho lokho?
    1. Wake watshelwa ngumuntu othile ukuthi wena wenza okuthile okungalungile?
    2. Yini eyashiwo?
    3. Ngubani owasho lokho?
    1. Wake watshelwa ukuthi iqembu libi?
    2. Yini eyashiwo?
    3. Ngubani owasho lokho?

Kufanele ubuze kuphela ngendawo ozama ukuthola i-Third Party. Ngo kwesibonelo, ohleni lakho lemibuzo, uzobuza, “Emsebenzini wakho, wake watshelwa ukuthi awuthandwa, awamukeleki noma usengxakini?” noma “Emshadweni wakho, ______?” noma “Kulomndeni, ______?” njll.

Umbuzo ungaba nezimpendulo eziningi, ngakho-ke shiya isikhala esanele sokuba umuntu aphendule umbuzo ngamunye.

Uzothola ukuthi linye igama elivela kaningi kakhulu ukwedlula amanye.

Ngokulandela le ndlela, uzothola ngempela ukuthi ngubani obelokhu edala izingxabano phakathi kwamalungu emindeni, abangani, abasebenzi ndawonye kanye namaqembu futhi akwazi ukuxazulula lezo zingxabano ukuze baphile futhi basebenze ngokuthula.

Akukaze kube khona ikhambi lezingxabano elinje ngaleli ngaphambi kwe-Scientology. Liyi khambi lobunzima obuningi obukhulu nezinkinga eziye zakhathaza abantu isi khathi  eside.

QAPHELA: Ukuze uqhubeke, kufanele uqedele zonke izinyathelo zangaphambilini kule isifundo. Isinyathelo sakho sokugcina esingaphelele ngu
QAPHELA: Unezimpendulo eziningana ebezingalungile. Ukuze uqhubeke, kufanele uphinde ufunde indatshana bese uhlola ukuqonda kwakho futhi.