Let us know how it is going
2.‎1 FUNDA LENDATSHANA

Ukutholakala Okwengeziwe

Iphuzu elimqoka okufanele libhekwe lapho kutholwa i Third Party yimibiko yamanga. Imibiko yamanga iyizitatimende ezibhaliwe noma ezikhulunyiwe eziqukethe amanga.

Kutholakale ukuthi i Third Party ngokuphelele ingashaywa indiva ngoba lowo muntu usakaza imibiko engamanga ngabanye ngabantu.

Isibonelo, uma umuntu enza iphutha futhi ebe ezama ukuzivikela kokuba angasolwa, ubeka lelo phutha komunye umuntu bese lowo muntu engena enkingeni bese kuthi lowo okunguyena i-Third Party asale efihlekile.

Indlela yokusingatha lokhu ukwenza ukuthi umuntu osolwe ngokwenza okungalungile atshelwe noma anikezwe imininingwane ngomuntu onezinsolo ngaye ukuze athole ithuba lokufakaza iqiniso noma amanga.

Phansi kwayo yonke imisebenzi enzima ngempela ye-Third Party yimibiko yamanga. Imibiko yamanga ingafaka ukuqonda kwamanga—umuntu “obona” into engekho futhi ayibike njengeqiniso.

Ukuvikela omunye umuntu ukuba angasolwa ngamanga, noma yimuphi umuntu onamagunya kulo iqembu akufanele emukele isimangalo futhi enze okuthile ngaso ngaphandle kokuphenya ngokwakhe ahlole ukuthi isimangalo siyiqiniso noma nje isenzo se-Third Party. Lokhu kuzovikela ukujeziswa kwabantu abangenzanga lutho olungalungile.

Ukuvikela umuntu othembekile, nganoma yisiphi isikhathi umuntu enza umbiko omubi ngomunye umuntu, lowo mbiko kufanele uphenywe ukwenza isiqiniseko sokuthi impela kuyiqiniso.

QAPHELA: Ukuze uqhubeke, kufanele uqedele zonke izinyathelo zangaphambilini kule isifundo. Isinyathelo sakho sokugcina esingaphelele ngu
QAPHELA: Unezimpendulo eziningana ebezingalungile. Ukuze uqhubeke, kufanele uphinde ufunde indatshana bese uhlola ukuqonda kwakho futhi.