Let us know how it is going
6.‎1 FUNDA LENDATSHANA

Izimo

Kuze kube yilapho u-L. Ron Hubbard ethola Amafomula Esimo, abantu babengenalo ulwazi ngemithetho yemvelo ehlobene nezimo zobukhona. Futhi bebengazi ukuthi amafomula ngqo akhona ngokususelwa kuleyo mithetho, okuyizinyathelo ongazisebenzisa ukwenza ngcono noma isiphi isimo.

IZIMO

Izimo Zokubakhona

Umuntu, i-organization ngisho nengxenye ye-organization konke kudlula ezindaweni ezahlukahlukene zobukhona.

Lokhu, uma kungaphathwa kahle, kuletha ukuncipha (ukwehla ngosayizi noma inani lento ethile), ukungajabuli okukhulu, ukukhathazeka nokufa imbala.

Uma ziphathwe kahle ziletha uzinzo, ukwanda, ithonya nenhlalakahle (impilo enhle nenjabulo).

Lezi zimo, ezihlelwe ukusuka phezulu kuya phansi, yilezi:

Amandla

Ukushintsha Kwamandla

Umcebo

Ukusebenza Okujwayelekile

Eziphuthumayo

Ingozi

Ukungabi khona

Isikweletu

Ukungabaza

Isitha

Ukuhlubuka

Ukudideka

Isimo ngasinye sinezigaba eziqondile zezinyathelo, uma zilandelwa, zingashintsha leso simo sibe ngcono.

Ifomula ngayinye yenziwa ngokulandelana ngqo.

Lezi zinyathelo zibizwa ngokuthi yiFomula Yesimo.

Igama elithi fomula lisho indlela ethile esetshenziselwa ukufeza okuthile.

Ifomula ngayinye Yesimo ikuyisa phezulu kwifomula elandelayo.

Ungabheka noma iyiphi indawo empilweni yakho futhi, okuhle noma okubi, uthole ukuthi ikusiphi isimo.

Ngokwenza izinyathelo zefomula zaleso simo, ungathuthukisa leyo ndawo yempilo yakho.

Uma usebenzisa ifomula yesimo bese udlulela kusimo esilandelayo bese usebenzisa ifomula yaso, lokhu kubizwa ngokuthi ukunyusa izimo.

Amakhasi alandelayo aqukethe izincazelo zesimo ngasinye, kanye nefomula yayo.

QAPHELA: Ukuze uqhubeke, kufanele uqedele zonke izinyathelo zangaphambilini kule isifundo. Isinyathelo sakho sokugcina esingaphelele ngu
QAPHELA: Unezimpendulo eziningana ebezingalungile. Ukuze uqhubeke, kufanele uphinde ufunde indatshana bese uhlola ukuqonda kwakho futhi.