Let us know how it is going
3.‎1 FUNDA LENDATSHANA

Izibalo—Lokho Eziyikho

Siyini isibalo sokubonisa isimo? Isibalo sokubonisa isimo yinombolo noma inani uma liqhathaniswa nenombolo yangaphambili noma inani lento efanayo. Izibalo zokubonisa isimo zibheka inani lomsebenzi owenziwayo noma inani lawo emalini.

Isibalo sokubonisa isimo esiphansi sisho ukuthi inombolo yamanje ingaphansi kunalokho eyayiyikho.

Isibalo sokubonisa isimo esiphezulu sisho ukuthi inombolo yamanje ingaphezulu kunalokho eyayiyikho.

Igrafu umdwebo (umdwebo olula) okhombisa ubudlelwano phakathi kwezibalo zokubonisa isimo ezimbili noma ngaphezulu.

Ukufakwa igrafu nokufundwa kwamagrafu kubaluleke kakhulu kunoma yimuphi umsebenzi. Lokhu kulula kakhulu kunokuba kubonakale.

Ama-organization aphumelelayo namaqembu asebenzisa izibalo zokubonisa isimo. Lokhu kukhombisa ukuthi ngabe isisebenzi noma iqembu liyasebenza noma alisebenzi yini, njengoba umsebenzi uholela ezibalweni zokubonisa isimo.

Isibonelo, uma indawo ekubhakwa kuyo ibhaka izinkwa ezingama-2,000 ngeviki elilodwa bese kuba ngu-1,500 kuphela ngesonto elilandelayo, inkampani iyashelela futhi le ndaba iyingozi. Uma yenza ezingu-2,000 ngesonto lokuqala nezingu-4,000 ngesonto elilandelayo, isebenza kahle futhi iyanda.

Izibalo zokubonisa isimo zinika umuntu isithombe esifanele sokuthi umuntu, i-organization noma iqembu lenza kanjani.

QAPHELA: Ukuze uqhubeke, kufanele uqedele zonke izinyathelo zangaphambilini kule isifundo. Isinyathelo sakho sokugcina esingaphelele ngu
QAPHELA: Unezimpendulo eziningana ebezingalungile. Ukuze uqhubeke, kufanele uphinde ufunde indatshana bese uhlola ukuqonda kwakho futhi.