Let us know how it is going
3.‎1 FUNDA LENDATSHANA

Isithiyo sokuQala sokuTadisha:
Ukungabikho kwe-Mass

Ekutadisheni kwanoma yisiphi isifundo, une-mass ne-significance.

I-mass isho izinto zangempela ezibonakalayo nezithintekayo ofunda ngazo, kungezona izincazelo noma imibono yazo kuphela. Lokhu kumbandakanya izinto ezinjengamakhompyutha, imoto, idwala, umoya, ukukhanya, ukushisa, izinyoni, izihlahla, izilwane, njll.

I-Significance yesifundo yona ibhekise encazelweni noma imibono noma imithetho ephathelene nokuthile, kunokuba khona kwayo njengento yangempela ebonakalayo.

Ukwenza isibonelo, uma ufunda ukubhukuda, i-mass ibizombandakanya amanzi, indawo yokubhukuda, ibhodi lokubambelela uma usafunda ukukhahlela emanzini, i-flotation vest ukuze untante, njll. I-significance kuzombandakanya ukuthi ulibamba kanjani ibhodi, ukhahlela kanjani imilenze yakho, uphefumula kanjani, njll.

Ukube ubufunda ukuthi udlala kanjani isiginci, isiginci njengethuluzi kuzoba i-mass. I-significance izombandakanya imiyalo yokuthi kufanele usibambe kanjani isigingci, ukushaya amanothi ahlukahlukene, ukusishaya isiginci, njll.

Umuntu udinga i-mass kukanye ne-significance ukuze kumsize aqonde okuthile kahle. Ngaphandle kwe-mass, unemicabango nezincazelo kuphela.

Ngakho-ke, isithiyo sokuqala sokutadisha yilesi: imfundo lapho kungekho khona i-mass lapho ubuchwepheshe buzothinteka khona ibanzima kakhulu kumfundi.

Imfundo lapho ingekho khona i-mass ikwenza uzizwe:

Ucabazekile (uzizwa sengathi ucindezelekile noma kunamandla akucabazayo)

Ugobekile (uzizwa sengathi awusukumi ume ngqo, kodwa ingxenye ephezulu yomzimba wakho igobele phambili naphansi)

Sengathi uba nenzululwane (kuzwakala sengathi ingqondo yakho iyaphenduka, ijika iziyingi ngokushesha)

Sengathi ushonile (uzizwa ungenako ukuphila, umdlandla noma intshisekelo)

Unesizungu (uzizwa ukhathele futhi uphelelwa isineke ngenxa yokuphelelwa yiwozawoza kokuthile)

Udangele (uzizwa ucasukile kakhulu futhi uphatheke kabi ngoba izinto aziyona indlela oyifunayo)

Uma ufunda okuthile lapho i-mass ingekho, umphumela ozoba khona kuzoba ukusabela okungenhla nokubonakalayo.

Ongakwenza ukukusiza lapho i-mass ingekho, izithombe ziyasiza nezithombe ezinyakazayo zisebenza kahle impela, ngoba kufana nesithembiso se-mass. Kepha ikhasi elicindezelwe kanye namazwi akhulunywayo angeke amela into ebambekayo njengogandaganda uma ufunda ngabogandaganda.

Kufanele uliqonde leli qiniso elibalulekile: ukufundiswa ngokuthile lapho ingekho i-mass khona kukwenza uzizwe umzimba wakho ungakhululekile ngezindlela ezibalwe ngenhla.

Lokhu kuliqiniso nje. Ake sithi ufunda konke ngogandaganda futhi awunawo ugandaganda ongakunika ibhalansi ye-mass. Uzogcina usu:

Nobuso obuzwa bucabazekile

Usuphethwe ikhanda

Uzizwa unesiyezi ngezikhathi ezithile

Isisu sakho singakuphathi kahle

Kaningi amehlo akho azoba buhlungu.

Isibonelo, uma ngabe ubufunda ngogandaganda, into enhle kakhulu ongaba nayo ukuze uthole ukulingana kwe-mass ne-significance ukubakhona kukagandaganda uqobo ukuze uwubone, uwuthinte futhi uwuzwe.

Nasi esinye isibonelo. Ake sithi unengane enenkinga yokufunda izibalo esikoleni. Konke ekade inakho bekuyi-significance yezibalo eyayicelwe ukuba izenze ekhanda layo noma izibhale phansi izihlanganise ebhodini elimnyama noma ephepheni. Ukungabikho kwe-mass kunokuba yisithiyo ebesimnikeza inkathazo.

Ikhambi kuzoba ukunikeza ingane i-mass ukubhalansa kahle ne-significance yalokho ekufundayo. Ukwenza isibonelo, mnikeze ama-apula bese unikeza i-apula ngalinye inombolo. Manje usenenani lama-apula phambi kwakhe futhi akusekho i-significance nje kuphela. Ngokwenza lokhu, uzolungisa ukungabibikho be-mass kwakhe futhi uxazulule nenkinga akade enayo.

Lesi sithiyo sokufunda okuthile ngaphandle kobukhona be-mass siveza obala izibonakaliso umuntu azizwayo.

QAPHELA: Ukuze uqhubeke, kufanele uqedele zonke izinyathelo zangaphambilini kule isifundo. Isinyathelo sakho sokugcina esingaphelele ngu
QAPHELA: Unezimpendulo eziningana ebezingalungile. Ukuze uqhubeke, kufanele uphinde ufunde indatshana bese uhlola ukuqonda kwakho futhi.