Let us know how it is going
7.‎1 FUNDA LENDATSHANA

Ukuchaza Igama

Ukuchaza igama kusho isenzo sokwenza okuthile kungabi nokudideka noma ukungaqiniseki. Ukuchaza Igama kusho izindlela noma izindlela nezenzo zokuthola nokususa ukuntuleka kolwazi, ukungaqondi kanye nokuqonda okungamanga kwamagama nanoma yini evimba ukusetshenziswa kwawo.

Kunezindlela eziningana Zokuchaza Igama. Ezimbili zazo zinikezwe ngezansi ukukusiza ezifundweni zakho nokwenza ukuthi ukwazi ukusiza abanye:

1. INDLELA EYISISEKELO YOKUCHAZA IGAMA

Indlela Eyisisekelo Yokuchaza Igama kuyindlela yokufuna uthole igama elingaqondakalanga ngokubheka esifundweni ngaphambili kwalapha unenkinga khona.

Lapho ufunda okuthile, kubalulekile ukwazi ukuthi ungazigcina kanjani uqhubeka futhi wenza kahle. Ukuze ube ngumfundi ophumelelayo, kufanele ubheke igama ngalinye incazelo uma uhlangabezana negama ongaliqondi. Ungalokothi udlule ushiya igama ngemuva ongalazi incazelo yalo.

Kepha uma kwenzeka uhlangabezana nenkinga ngenkathi ufunda, uzosebenzisa Indlela EyiSisekelo Yokuchaza Igama ukukusiza ekutholeni nokumele ukukwenza ngegama ongaliqondanga kahle elimise ukuthi uqhubekele phambili ngokufunda kwakho. Noma ngubani okusiza ngezifundo zakho angasebenzisa lendlela futhi nawe ungayisebenzisa ukusiza omunye umuntu.

Lapho nje wehlisa ijubane noma ungasazizwa “uphapheme” njengoba kade wenza emizuzwini eyishumi nanhlanu edlule, leso yisikhathi sokusebenzisa Indlela Yokuchaza Igama eyiSisekelo bese ubheka igama ebelingaqondakalanga kahle.

Musa ukulinda uze uqale ukuzizwa uphathwa ubuthongo noma empeleni ulale ngenkathi ufunda okuthile. Lokho ukulinda isikhathi eside kakhulu ukuthola nokucacisa igama elingaqondakali. Kudala udlule igama ongaliqondanga ngokugcwele ngaphambi kokuthi uqale ukwezela.

Uma uke wambona omunye umuntu elala ubuthongo ngenkathi efunda incwadi, lapho-ke ukubonile okwenzeka ngemuva kokuba umuntu ebe-blank ngenxa yokudlula igama angaliqondi.

Futhi khumbula ukuthi akulona iqoqo lamagama noma umbono osuke ungaqondakalanga kahle; yigama. Ukudlula igama elingaqondakalanga ikona okwenzeke kuqala. Yikho okwenzekayo kuqala ngaphambi kokuba isifundo sonke bese singaqondwa kahle.

Indlela Yokuchaza Igama EyisiSekelo yenziwa kanjena:

1. Uyabona ukuthi awuqhubeki ngezifundo zakho ngokushesha njengoba kade wenza noma ukuthi awusaphapheme njenga ngaphambili. Kungaba futhi okunye kwalokhu okulandelayo:

Awusenantshisekelo kulokho okufundayo.

Uthatha isikhathi eside kakhulu ukuthi udlule kokuthile.

Ungahle ulokhu uzamula.

Ungahle wenze i-doodling (ukubhala noma ukwenza amaphethini noma imiklamo ngepeni noma ngepensela).

Unokuphupha emini, njll.

2. Ngokushesha lapho lokhu kwenzeka, kufanele ume bese ubheka ngaphambili kulokho obukufunda bese ufuna uze uthole igama obungaliqondanga kahle. Kuyohlala kukhona igama elilodwa lapho futhi kufanele ulithole. Akukho okunye okuhlukile. Kungenzeka ukuthi igama elingaqondakali ngamakhasi amabili noma ngaphezulu ngaphambi kwendawo omise kuyo ukufunda. Kodwa ngaso sonke isikhathi lihlale lingaphambili kombhalo okuwo manje.

3. Uyalifuna ulithole igama. Ungalibona ngenkathi ulibheka emuva, kepha uma ungalitholi, wena noma umuntu okusizayo esifundweni sakho angathola amagama kulokho obukufunda okungahle kube yigama ongazange uliqonde kahle. Umuntu okusizayo angabuza, “Kusho ukuthini ______?” ukubona ukuthi unikeza incazelo efanele.

4. Lapho usuthole igama elingaqondakalanga kahle, uyalibheka kwisichazamazwi bese ulichaza ulandela Izinyathelo Zokuchaza Igama esigabeni seGama salesi sifundo. Ufuna ubheke incazelo evumelana nengqikithi yokufundayo. Ulisebenzisa emishweni oyakhayo, uze uliqonde ngokugcwele. Ngemuva kwalokho uthola incazelo ngayinye efakwe ohlwini bese usebenzisa ngayinye yazo kaningana emishweni uze uqonde igama ngokugcwele. Ube usuthola incazelo yomsuka wegama kanye nanoma iziphi izaga noma amagama ahlukile kodwa enezincazelo ezifanayo, njll.

5. Manje njengoba usunokuqonda okugcwele kwegama, ubuyela kulokho obukufunda futhi uphinde ufunde ingxenye ebinamagama angaqondakali kahle. Uma ungaka “phaphami,” uhluleka ukuqhubeka nokufunda uthokozile, nakanjani kunelinye igama elingaqondakali ngaphambili kulo mbhalo. Kufanele ulifune uze ulithole bese uyalichaza ngokuphinda izinyathelo 2 kuya ku-5 ngaphezulu.

6. Uma sewuzizwa uphapheme futhi unentshiseko, lowo ngumphumela wokugcina weNdlela Yokuchaza Igama eyisiSekelo. (Umphumela ngeke utholakale uma igama ongaliqondanga lingatholakalanga noma uma kukhona igama ongaliqondi kahle ngaphambilini kulo mbhalo. Uma lokhu kwenzeka, phinda izinyathelo 2 kuya ku-5.) Uma manje usunomdlandla, qhubeka ufunde umbhalo kusuka lapho kutholwe igama obungaliqondanga kahle.

Ngamafuphi, izinyathelo Zokuchaza Igama eziyiSisekelo zimi ngalendlela elandelayo:

a. Thola ukuthi ikuphi lapho kade ungekho enkingeni.

b. Thola ukuthi ikuphi lapho unenkinga manje.

c. Igama elingaqondakali lizoba ekugcineni kwalapho ubungekho enkingeni. Lizoba khona maduzane naleyo ndawo. Ungayikhomba.

2. UKUCHAZA IGAMA NGOKUFUNDA KAKHULU UPHIMISELA OKUFUNDAYO

Noma nini lapho usiza izingane, abantu abakhuluma olunye ulwimi noma umuntu ongakwazi ukufunda noma ukubhala kahle, ungasebenzisa Ukuchaza Igama Ngokufunda Kakhulu Uphimisela Okufundayo.

Umuntu wenziwa ukuthi afunde ngokuzwakalayo ukuze uthole ukuthi wenza kanjani. Izinto ezimangazayo kakhulu zingenzeka, njengalokhu okulandelayo:

a. Umuntu angashiya igama ngokuphelele.

b. Angaguqula igama asho enye nje into.

c. Anga-nqikaza uma ebona amagama athile.

Ukuchaza Igama Ngokufunda Kakhulu Uphimisela Okufundayo kwenziwa kulandelwa izinyathelo ezibhalwe ngezansi. Wena nomuntu ozobe efunda nobabili ninekhophi yencwadi efanayo noma umbhalo ofanayo phambi kwenu.

Lapho usebenza nomunye umuntu futhi wenza izinyathelo Zokuchaza Igama Ngokufunda Kakhulu Uphimisela Okufundwayo, wena muntu osizayo, ubizwa ngokuthi “umchazi wegama” ngoba umsiza ukuthola futhi achaze amagama akhe angawaqondi. Umuntu ofunda umbhalo ngokuzwakalayo futhi ethola Ukuchazelwa Amagama ubizwa ngokuthi “umfundi.”

INQUBO

1. Utshela umfundi ukuthi afunde umbhalo ngokuzwakalayo ngenkathi ulandela akufundayo, ufunda ikhophi yalokho okuphambi kwakho.

2. Njalo lapho eshiya noma eguqula igama noma enqikaza noma eswaca njengoba efunda igama, yimani lapho kubhekwe.

3. Ilungise ngokubheka igama alishiyile noma aliguqulile noma wanqikaza noma waswaca ngenkathi efunda. Funa umtholele incazelo kwisichazamazwi noma umchazele.

4. Lapho sekutholakale ukuqonda konke okushiwo igama, yenza umfundi ukuba abuyele encwadini noma loko ebekufunda futhi u-qaphele ngokulandelayo lapho ephinda eshiya noma eguqula igama noma engabaza noma eswaca.

Njalo lapho lokhu kwenzeka, uphinda izinyathelo 2 kuya ku-4 ngaphezulu.

Ngokwenza Ukuchaza Igama Ngokufunda Kakhulu Uphimisela Okufundayo ungasiza umuntu ohamba kancane ngenkathi efunda futhi usize umuntu ukuba athuthukise ikhono lakhe lokufunda.

Ngemuva kokwenza Ukuchaza Igama Ngokufunda Kakhulu Uphimisela Okufundayo, isinyathelo esilandelayo somuntu kuzoba ukufunda ukusebenzisa isichazamazwi ukubheka nokuchaza okushiwo amagama uqobo njengoba eqhubeka.

QAPHELA: Ukuze uqhubeke, kufanele uqedele zonke izinyathelo zangaphambilini kule isifundo. Isinyathelo sakho sokugcina esingaphelele ngu
QAPHELA: Unezimpendulo eziningana ebezingalungile. Ukuze uqhubeke, kufanele uphinde ufunde indatshana bese uhlola ukuqonda kwakho futhi.