Let us know how it is going
4.‎2 FUNDA LENDATSHANA

Ikhambi Lesithiyo Sesibili Sokutadisha:
I-Gradient Ewumqantsa YokuTadisha

Uma ufunda ukwenza into bese uqala ukuzizwa sengathi unokudideka noma ukudiyazela, uyazi ngaso leso sikhathi ukuthi usushayisane ne-gradient ewumqantsa. Udlule kokunye ongakuzwisisanga futhi waqala entweni elandelayo ebiphakeme kakhulu futhi wahamba ngejubane elikhulu.

Ikhambi lesithiyo se-gradient ewumqantsa ilokhu okulandelayo:

1. Hlehlela emuva kwi-gradient. Lokhu kusho ukuthi yeka ukuzama ukuqhubekela phambili bese ubuyela emuva lapho ubugcine wenza kahle khona.

2. Thola ukuthi bekunini lapho ubungenako ukudideka kwi-gradient.

3. Ngemuva kwalokho thola ukuthi yisiphi isenzo esisha oye wasithatha.

4. Thola ukuthi yisiphi isenzo obusenza usiqonda kahle.

5. Uzothola ukuthi ubungaqondisisi kahle. Kunokuthile ongakuqondanga ekugcineni komsila walokho obukuqonda kahle okuthe nangemuva kwako weqa i-gradient.

6. Lungisa lokho obe ungakuqondanga kahle.

7. Lapho usukulungisile lokho obungakuzwanga kahle, usungaqhubeka lapho.

Kuma-gradients, yizenzo okumele ugxile kuzo. Unochungechunge oluthile lwezinyathelo okufanele uzenze. Futhi uma weqa i-gradient ekwenzeni lezo zinyathelo, ungangena enkingeni. Kepha uma ulandela izinyathelo zalokho okumele kwenziwe uma kweqiwe i-gradient, uzophuma kukho.

Esibonelweni sokuqala somuntu osakhula ofunda ukugibela ibhayisekili nge-gradient, ake sithi waqala wakhuphuka umqantsi kwi-gradient futhi waqala wazama ukugibela ibhayisekili ngaphambi kokuthi abambe igxathu lokuqala wasengena enkingeni.

Ake sithi ukuvezile lokhu ngokungakwazi ukuthola kahle ukuthi ukwenza kanjani ukubhalansa nokushova futhi aqondise ibhayisikile konke ngesikhathi esisodwa. Asithi uye waba sengathi uyadideka noma wadiyazela (wazizwa enesiyezi futhi engazinzanga) wayelokhu ewa ebhayisikilini. Ungamane umenze ahlehlise i-gradient bese ebuyela emuva kwisinyathelo sokuqala lapho ebesebenza kahle khona—mhlawumbe leli kube ibhayisekili lokubhalansa elinamasondo amabili asizayo angemuva.

Ungamsiza ngokuthola ukuthi ikuphi lapho ebeqhuba kahle kwizinyathelo zangaphambili ze-gradient bese uthola ukuthi yini angazange aziqonde ngokugcwele ngalesi sinyathelo sangaphambilini. Uma lokho sekucacisiwe futhi esejabulile ngokwenza leso sinyathelo, usuzomsiza ukuthi athuthuke abuyele kwi-gradient elandelayo futhi. Uzokwenza kahle.

Esibonelweni lapho kungenzeka ugxumele esigabeni esiphakeme kakhulu sokufunda ukufaka uhlelo olusha lwekhompyutha, uzomane ubuyele engxenyeni yohlelo lwekhompyutha obuluqondisisa kahle futhi luqhubeka kahle, ngaphambi kokuthi uqale ukuba nenkinga. Ngemuva kwalokho uzobe usulungisa lokho onbugakuqondanga bese uqhubekela phambili usuka lapho.

Lomgomo ofanayo we-gradient eyeqiwe nezinyathelo ezingathathwa zingamathuluzi ongawasebenzisa kunoma yini oyifundayo noma ofunda ukuyenza.

QAPHELA: Ukuze uqhubeke, kufanele uqedele zonke izinyathelo zangaphambilini kule isifundo. Isinyathelo sakho sokugcina esingaphelele ngu
QAPHELA: Unezimpendulo eziningana ebezingalungile. Ukuze uqhubeke, kufanele uphinde ufunde indatshana Isithiyo Sesibili Sokutadisha:
I-Gradient Ewumqantsa YokuTadisha
bese uhlola ukuqonda kwakho futhi.