Let us know how it is going
5.‎1 FUNDA LENDATSHANA

Isithiyo Sesithathu Sokufunda:
IGama Elingaqondakali

Isithiyo sesithathu nesibaluleke kakhulu sokutadisha yilesi: Igama elingaqondakali. Igama elingaqondakali igama elingaqondakali noma eliqondwa ngendlela okungeyona.

Kuhluke ngokuphelele ukuphendula komzimba egameni elingaqondakali.

Lapho udlula igama ongaliqondi kahle incazelo yalo, ungathola uzizwa u-blank kuqapheleka kakhulu futhi kulula ukukubona. Kungukuzwa noma ukukhombisa ukungazi ngokuphelele, ukukhumbula noma ukuqonda, sengathi ingqondo yakho ithululiwe ayinalutho.

Igama elingaqondakali lingakunikeza umuzwa wokuba-washed out (umuzwa wokukhathala kakhulu nokungabi namandla noma i-energy).

Kungakunika umuzwa wokungabikhona (ukungazi ngokuphelele noma uxhumene nesimo okuso). Kuzolandelwa uhlobo lwe-nervoushysteria (isimo sokuxhamazela noma sehaba ngokweqile noma injabulo engafaka futhi umuzwa wokukhathazeka nokwesaba, ikakhulukazi ngento ethile onomuzwa wokuthi izokwenzeka).

Igama elingaqondakali yilokho okungenza umuntu azizwe eyisiphukuphuku noma isithutha kunoma yisiphi isifundo.

Lesithiyo sesithathu sokutadisha, igama elingaqondakali, sibaluleke kakhulu kulezi zithiyo ezintathu. Sinomthelela ekhonweni lakho lokwenza.

Isibonelo, ukube ubutadisha isifundo sezobuciko futhi ufunda ukudweba, uzokwazi ukwenza isenzo sokupenda futhi uhlanganyele ngentshiseko uma ngabe awunawo amagama ongazange uwaqonde esifundweni. Ungahle ungabi nalo ithalente lokuba ngumdwebi omkhulu, kepha uzoba nekhono lokwenza izenzo zokudweba. Kepha lokho kungase kungenzeki kanjalo uma unamagama esifundweni ongawakuqondi ngokugcwele.

Amagama angaqondakali anciphisa ikhono lakho lokwenza.

Ama-Phenomena EGama Elingaqondakali

Igama elithi phenomena ubuningi begama phenomenon. I-phenomenon yinto eyenzekayo noma ekhona engabonakala.

Ukukhombisa ukuthi kusebenza kanjani lokhu, ake sithathe isibonelo sakho njengomfundi owedlule amagama ongawaqondi kahle ezifundweni zakho.

Kunama-phenomena amabili ehlukile avela egameni elingaqondakali:

I-Phenomenon Yokuqala

Lapho ungaqondi kahle igama, isigaba ngemuva kwalelo gama siba i-blank njengento enganalutho kwimemori yakho.

Lokhu uma ukulandelela uyokuthola leligama ngaphambi nje kokuba ube-blank. Buyela emuva lapho uqale ukuzizwa uba-blank khona futhi ubheke nje ngaphambi kwalokho ukuthola igama ongaliqondi ngokugcwele. Usungathola incazelo yegama ebelingaqondakalanga kahle ngokulibheka kwisichazamazwi futhi uqonde kahle ukuthi lisho ukuthini. Ngokwenza lokhu, uzothola ngokuyisimangaliso ukuthi isigaba sombhalo obusifunda manje asiseyona i-blank. Lokhu kungumlingo wangempela.

Nasi isibonelo: “Kutholakale ukuthi lapho i-crepuscule ifika, izingane zazithula lapho ingekho, zazikhwishiza.”

Okwenzekayo ucabanga ukuthi awuwuqondi wonke lomusho, kepha ukungakwazi ukuqonda kahle kuvela egameni elilodwa ongazange ulichaze—i-crepuscule. Lisho ukuhwalala—isikhathi ngaphambi kokuba kube mnyama ngokuphelele kusihlwa.

Lapho usuqonde kahle igama elithi “crepuscule,” wonke umusho ungaqondakala.

I-Phenomenon Yesibili

Ukuchazwa okungaqondakali noma incazelo engaqondakali, noma igama ongakwazanga ukuthola incazelo yalo, kungakubangela ngisho ukuthi uyeke ukufunda isifundo futhi kukwenze ushiye phansi noma uhambe kuleyo ndawo. Lokhu kubizwa ngokuthi i-blow. I-blow yilapho uvele uyeke ngokushesha ukwenza okuthile noma ushiye ngokushesha endaweni ethile.

Ukuvele ushiye masishane isihloko ositadishayo noma isifundo noma ukushiya iklasi ngokuzumayo kungumphumela wegama elingaqondakali.

Sonke siyabazi abantu abaqale ngentshisekelo esifundweni kodwa emuva nje bathola ukuthi umuntu uyekile ukufunda ngoba “kuyadina” noma “kwakungeyona into ababecabanga ukuthi kungaba yiyo.” Isibonelo, babezofunda ikhono noma baye esikoleni sasebusuku futhi bathole iziqu zabo zemfundo ephakeme, kepha abakaze baphothule ukwenza lokho ababehlose ukukwenza.

Akunandaba ukuthi izaba zabo zinengqondo kangakanani, iqiniso ukuthi bazishiye phansi izifundo. Lokhu bekuyi-blow.

Umuntu ushiya phansi ngesizathu esisodwa vo—igama elingaqondakali.

Umthetho ukanje: isizathu sokuthi uyeke ngokushesha ukwenza okuthile yingoba kunamagama ongawaqondi kahle esifundweni. Ngokuthola kanye nokuchaza amagama nokuthola ukuqonda okugcwele kwencazelo yawo, ungathola ikhono lokwenza okuthile futhi.

Yize lesithiyo—igama elingaqondakali—sinikezwa ekugcineni, sibaluleke kakhulu futhi sinemiphumela efinyelela kude kakhulu.

Isenzo sokuthola incazelo nokuthola ukuqonda kahle amagama angaqondakali kahle singaletha imiphumela emangalisayo kakhulu.

Lobu buchwepheshe begama elingaqondakali kahle buvula isango lemfundo.

 

QAPHELA: Ukuze uqhubeke, kufanele uqedele zonke izinyathelo zangaphambilini kule isifundo. Isinyathelo sakho sokugcina esingaphelele ngu
QAPHELA: Unezimpendulo eziningana ebezingalungile. Ukuze uqhubeke, kufanele uphinde ufunde indatshana bese uhlola ukuqonda kwakho futhi.