Let us know how it is going
4.‎1 FUNDA LENDATSHANA

Isithiyo Sesibili Sokutadisha:
I-Gradient Ewumqantsa YokuTadisha

Igama elithi i-gradient lisho ukuthi into ethile iwumqantsa kanjani, njengokuthi umgwaqo ukhuphuka kangakanani uya phezulu noma wehlela phansi noma ukuthi uhlangothi lwentaba lukhuphuka lwehle kanjani.

Esihlokweni sokutadisha i-gradient iyindlela yokufunda kancane kancane imininingwane emisha noma amakhono kancane kancane, igxathu ngegxathu, izinga ngezinga, isinyathelo ngasinye noma izinga lifundwa kalula ngalinye. Lokhu kuzoba i-gradient elula. Uma kwenziwa kanje nge-gradient, ngisho nezihloko nezenzo ezinzima zingafundwa, ziqondwe futhi zenziwe kalula.

Igama elithi i-“gradient” liyasebenza futhi kulezi zinyathelo ezithathwa ngale ndlela yokufunda.

Isibonelo, ake sithathe umuntu osakhula ofunda ukugibela ibhayisekili. Kukhona i-gradient ejwayelekile yezinyathelo ezilandelwayo lapho kufundwa ubuciko bokubhalansa, ukuqondisa, ukushova kanye nazo zonke izinyathelo ezidinga ukuthathwa ukuze ukwazi ukugibela ibhayisekili.

Isinyathelo sokuqala imvamisa ukuthi umuntu afunde ukugibela ibhayisekili elinamasondo amathathu, imoto enesondo elikhulu ngaphambili namasondo amabili amancane ngasemuva. Alidingi nhlobo ukubhalansa futhi kulula kakhulu ukuligibela.

Uma esefundile ukugibela ibhayisekili elinamasondo amathathu futhi esekwazi ukukwenza kahle, igxathu lesibili kule gradient kungaba ukumenza afunde ukugibela ibhayisekili elidinga ukubhalansiswa. Le yimoto enamasondo amabili amakhulu namasondo amabili amancane angemuva. Amasondo amancane amane amsize ukuze kungadingeki ukuthi ingqondo yakhe igxile ekubhalansiseni okwamanje. Kunzinyana kona ukugibela, kepha kulula.

Ngemuva kwalokhu, njengesinyathelo sokugcina se-gradient, ufunda ukuthi angaxhumanisa kanjani zonke izinto ezidingekayo futhi akwazi ukugibela ibhayisekili ngaphandle kosizo.

Ukutadisha noma ukufunda ukwenza okuthile kwenziwa kangcono nge-gradient. Kepha akuhambi ngaleyo ndlela njalo futhi kulapho ungangena khona enkingeni, ngaphandle kokuthi wazi ukuthi ungasibona kanjani futhi wenze njani ngalesithiyo.

Isithiyo sesibili sokutadisha yilesi: I-Gradient Ewumqantsa YokuTadisha.

Ukukhuphuka ngokweqile noma weqe igxathu kwi-gradient kwehlukile kunoma yiziphi ezinye izithiyo. Izinto ezenzeka emzimbeni nasengqondweni zivezwa yilesithiyo kulula kakhulu ukuzibona lapho ufunda ukwenza okuthile noma ukwenza okuthile noma umsebenzi othile.

Uma ungqubuzana ne-gradient ewumqantsa ekufundeni okuthile, kuletha uhlobo lokudideka noma ukudiyazela (uzizwe unesiyezi futhi ungazinzi).

Nasi isibonelo. Ake sithi ubufaka noma ufunda ukusebenzisa uhlelo olusha kukhompyutha yakho. Ufunda izinyathelo ezimbalwa zokuqala futhi uyaziqonda uzilandela kahle futhi kwenzeka kahle.

Lokhu okwenzayo kuyaqhubeka kahle kuze kube uyabona ukuthi awusenzi kahle. Ake sithi usuqale ukuzizwa udidekile futhi sengathi uyadiyazela (uzizwa unesiyezi futhi ungazinzanga). Lokhu kusabela kukutshela masishane ukuthi ungqubuzane ne-gradient ewumqantsa. Udlule kokuthile ongakuqondanga ngokuphelele futhi weqa i-gradient.

Okuzokwenzeka ukuthi uzocabanga ukuthi inkathazo onayo iqale ngenkathi uqala isinyathelo esisha sohlelo lwekhompyutha, lapho uqale khona ukuzizwa udidekile futhi unokudiyazela. Kepha akusikhona lapho weqe i-gradient. Weqe i-gradient kokuthile ngaphambili. Kunokuthile obukwenza ohlelweni lwekhompyutha ngaphambili ongazange ukuqonde kahle. Udlule lapho futhi sewushayisana nezinga eliphakeme kakhulu. Uhambe ngejubane elikhulu ukuziphonsa kwi-gradient ephezulu.

Isithiyo se-gradient ewumqantsa siqashelwa kalula futhi sisetshenziswa kaningi lapho umbandakanya ukwenza okuthile okusha—ngamanye amagama, lapho udwanguza umzimba uqhubeka ngokuthile kwento entsha kuwe.

QAPHELA: Ukuze uqhubeke, kufanele uqedele zonke izinyathelo zangaphambilini kule isifundo. Isinyathelo sakho sokugcina esingaphelele ngu
QAPHELA: Unezimpendulo eziningana ebezingalungile. Ukuze uqhubeke, kufanele uphinde ufunde indatshana bese uhlola ukuqonda kwakho futhi.